Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/07 k. 5
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 12/07 k. 5

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-December 31, 2007. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-November 5 kuya ku-December 31, 2007.

IZIMFANELO ZOKUKHULUMA

1. Imaphi amaphuzu okufanele siwakhumbule ukuze siqiniseke ukuthi inkulumo inesiphetho esiphumelelayo? [be-ZU k. 220 isig. 4–k. 221 isig. 3]

2. Singaqinisekisa kanjani ukuthi esikusho enkonzweni yasensimini kunembile? [be-ZU k. 223 izig. 2-4]

3. Lapho sibeka izinkulumo emihlanganweni yebandla, singabonisa kanjani ukuthi siyihlonipha kakhulu indima yebandla ‘njengensika nozime lweqiniso’? (1 Thim. 3:15) [be-ZU k. 224 izig. 1-4]

4. Kungani kubalulekile ukuhlola ukuthi ukwaziswa kwethu kuthembekile, futhi singakwenza kanjani lokhu? [be-ZU k. 225 izig. 1-2]

5. Lapho sifundisa, singayenza kanjani indaba esikhuluma ngayo ibe lula ukuze abantu bayiqonde? [be-ZU k. 226 isig. 3–k. 227 isig. 1]

ISABELO NO. 1

6. Yini efakazela ukuthi indaba kaJona iyiqiniso? [si-ZU k. 153 isig. 3]

7. Isiphi isiprofetho sikaMika esihlobana nokubusa kukaKristu Jesu eMbusweni kaNkulunkulu? [si-ZU k. 158 isig. 18]

8. Yini efakazela ukuthi incwadi kaHabakuki iphefumulelwe uNkulunkulu? [si-ZU k. 161 isig. 4]

9. Kungani kungase kuthiwe ngo-520 B.C.E. amaJuda ayengakayifezi injongo yokubuya kwawo ekudingisweni? (Hag. 1:4) [si-ZU k. 166 isig. 3]

10. Iluphi usuku olukhazimulayo uZakariya akhuluma ngalo ngokuphindaphindiwe? [si-ZU k. 172 isig. 26]

UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE

11. Isiprofetho sikaJoweli sokuhlasela kwezinambuzane sagcwaliseka kanjani ekhulwini lokuqala, futhi sigcwaliseka kanjani namuhla? (Joweli 2:1-10, 28) [w07-ZU 10/1 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoweli Neka-Amose”]

12. Wawusho ukuthini “ubhasikidi wezithelo zasehlobo”? (Amose 8:1, 2) [w07-ZU 10/1 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoweli Neka-Amose”]

13. UJehova ‘wadabuka ngamuphi umqondo ngenhlekelele ayekhulumé ngayo ngeNineve,’ futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani? (Jona 3:10) [w03-ZU 7/15 kk. 17-18]

14. Kusho ukuthini ukuhamba ngegama likaJehova? (Mika. 4:5) [w03-ZU 8/15 k. 17 isig. 19]

15. UJehova wafika nini futhi kanjani “ethempelini” lakhe ukuze ahlulele ezikhathini zanamuhla? (Mal. 3:1-3) [re-ZU k. 32 ibhokisi; jd-ZU k. 179 isig. 3–k. 181 isig. 6]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela