ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-December 10
INgoma 46
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhambisa INqabayokulinda ka-December 15 ne-Phaphama! ka-December.
20 imiz: ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2008. Inkulumo ngombonisi wesikole. Xoxa ngamaphuzu okudingeka agcizelelwe ebandleni asesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2007. Bukeza indima kameluleki ongumsizi. Bakhuthaze bonke ukuba bakhuthalele ukufeza izabelo zabo, bahlanganyele ngezimpendulo emaphuzwini avelele eBhayibheli, futhi basebenzise ukusikisela okunikezwa masonto onke okuthathwe kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
15 imiz: “Duduza Abanhliziyo Zaphukileyo.”a Landisa okuhlangenwe nakho kwasebandleni okukodwa noma okubili okufushane.
INgoma 34
Isonto Eliqala Ngo-December 17
INgoma 28
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bakhuthaze bonke ukuba babukele i-DVD enesihloko esithi Jehovah’s Witnesses—Organized to Share the Good News lapho belungiselela ingxoxo yoMhlangano Wenkonzo wesonto lika-January 7.
15 imiz: “Kumelwe Silondoloze Intshiseko Yethu Ngenkonzo.”b Xoxa nommemezeli owaziwa ngokuba nentshiseko enkonzweni. Imibuzo okufanele uyibuze: Yini oye wayenza ukuze ulondoloze intshiseko? Yini ekusize ukuba ulondoloze intshiseko?
20 imiz: “Hambisa Omagazini Abafakazela Iqiniso.”c Cela izilaleli zikhulumele INkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2006, ikhasi 8. Zikhuthaze ukuba zifunde INqabayokulinda ka-January 1 ne-Phaphama! ka-January. Zicele ukuba zibaphathe lab’ omagazini emhlanganweni wesonto elizayo.
INgoma 139
Isonto Eliqala Ngo-December 24
INgoma 212
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-January, bese wenza umboniso wentshumayelo eyodwa efanelekayo.
15 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Bamuva. Ingxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1 ne-Phaphama! ka-January. Ngemva kokuhlaziya umagazini ngamunye kafushane, buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezingase zikhange abantu ensimini nokuthi kungani. Cela izilaleli ukuba ziveze ukusikisela zisebenzisa ezinye zezihloko ezihlela ukuzikhulumela. Yimuphi umbuzo ongase ubuzwe ukuze kuqalwe ingxoxo? Imuphi umbhalo osesihlokweni ongase ufundwe? Lowo mbhalo ungahlanganiswa kanjani nesihloko? Usebenzisa izintshumayelo eziyisibonelo ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso noma intshumayelo esikiselwe yizilaleli, yenza umboniso wendlela umagazini ngamunye ongahanjiswa ngayo.
20 imiz: “Kwenze Umgomo Wakho Ukuba Nesifundo SeBhayibheli.”d Xoxa noyedwa noma ababili abaqale isifundo seBhayibheli muva nje. Basiqala kanjani leso sifundo? Siqhuba kanjani?
INgoma 21
Isonto Eliqala Ngo-December 31
INgoma 89
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-December.
15 imiz: Amandla Ashukumisayo Okuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu. Inkulumo ekhuthazayo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 1, 1990, amakhasi 22-3.
20 imiz: Qhubekani Nihamba Njengabantwana Bokukhanya. Inkulumo nezingxoxo. Sibushiyile ubumnyama baleli zwe futhi savuma ukuqondiswa ukukhanya kukaJehova. (Efe. 5:8, 9) Lokhu kuye kwathuthukisa ukuphila kwethu, kwakwenza kwaba nenjongo. (1 Thim. 4:8) Lokhu kukhanya kusinika nethemba. (Roma 15:4) Xoxa nabamemezeli ababili noma abathathu abaye babhekana nezithiyo ezinkulu futhi bazinqoba ukuze bazuze futhi balondoloze ubuhlobo obuhle noJehova. Babhekana naziphi izinselele lapho bethola iqiniso? Bazinqoba kanjani? Ukuphila kwabo kungcono ngayiphi indlela manje? Yini ebasiza ukuba bahlale begxilile eqinisweni? Phetha ngokubakhuthaza bonke ukuba baqhubeke bethuthuka ngokomoya futhi babonise ukwazisa okujulile ngeqiniso uJehova alembulile.—2 Pet. 1:5-8.
INgoma 202
Isonto Eliqala Ngo-January 7
INgoma 159
5 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Izidingo zebandla.
25 imiz: “Umkhankaso Wokushumayela Omkhulu Kunayo Yonke Eyake Yaba Khona Emhlabeni!”e Cela izilaleli zilandise imiphumela emihle eziyithole lapho zibonisa izihlobo, abantu ezibajwayele, izimpindelo nezifundo zeBhayibheli i-video ethi Jehovah’s Witnesses—Organized to Share the Good News.
INgoma 99
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.