Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2008
Iziyalezo
Ngo-2008 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sizoqhutshwa ngendlela elandelayo.
IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele [bi12-ZU], Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini [be-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU] nethi Ukubonisana NgemiBhalo (Uhlelo luka-1992) [rs-ZU].
Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo namazwi okwamukela izilaleli bese siqhubeka ngendlela echazwe ngezansi. Ngemva kwenkulumo ngayinye umbonisi wesikole uyokwethula inkulumo elandelayo.
IMFANELO YOKUKHULUMA: 5 imizuzu. Umbonisi wesikole, umeluleki ongumsizi, noma omunye umdala ofanelekayo uyodingida imfanelo yokukhuluma esekelwe encwadini ye-Sikole Senkonzo. (Emabandleni anabadala abambalwa, kungase kusetshenziswe nezinceku ezikhonzayo ezifanelekayo.)
ISABELO NO. 1: 10 imizuzu. Le nkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo, futhi iyosekelwa kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noma kwethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Kumelwe inikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi. Injongo akufanele kube ukuhlanganisa indaba nje kuphela, kodwa kufanele kugxilwe enzuzweni yangempela yendaba edingidwayo, kuqokonyiswe lokho okuyoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esisesimisweni. Kulindeleke ukuba abazalwane ababelwe le nkulumo baqikelele ukuba bangeqi esikhathini esabiwe. Bangase banikezwe iseluleko ngasese kuye ngesidingo.
AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: 10 imizuzu. Ngemizuzu yokuqala emihlanu, umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo kufanele abonise indlela indaba eliyizuzisa ngayo ibandla. Angakhulumela noma iyiphi ingxenye yokufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto. Lokhu akufanele kube nje ukubukeza ingxenye eyabiwe. Injongo eyinhloko ukusiza izilaleli ziqonde ukuthi indaba iwusizo ngani futhi kanjani. Isikhulumi kufanele siqaphele ukuthi aseqeli ngale kwemizuzu emihlanu eyabelwe ingxenye yokuvula. Kufanele siqiniseke ukuthi kunemizuzu emihlanu ebekelwe ukuba izilaleli zihlanganyele ngokuphendula. Kufanele izilaleli zicelwe ukuba zikhulumele kafushane (ngemizuzwana engu-30 noma ngaphansi) lokho ezikuthandile ekufundweni kweBhayibheli nezinzuzo zako.
ISABELO NO. 2: 4 imizuzu noma ngaphansi. Lesi yisabelo sokufunda esisingathwa umzalwane. Umfundi kufanele afunde indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo kakhulu ekusizeni abafundi ukuba bafunde ngokuqonda, ngendlela eshelelayo, bagcizelele umqondo ngokufanele, bashintshashintshe izwi, bahlabe ikhefu ngendlela efanele, bafunde nangendlela engokwemvelo.
ISABELO NO. 3: 5 imizuzu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Odade ababelwa le nkulumo bangase babelwe noma bazikhethele ukuhlelwa kwenkulumo okusohlwini olusekhasini 82 lencwadi ethi ISikole Senkonzo. Umfundi kufanele asebenzise isihloko asabelwe futhi abonise ukusebenza kwaso esicini esithile esingokoqobo nesiwusizo ensimini yebandla. Uma kungekho zikhombo eziwumthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Abafundi abasebasha kufanele babelwe izinkulumo ezinezikhombo. Umbonisi wesikole kufanele abhekisise ikakhulukazi indlela umfundi athuthukisa ngayo indaba yakhe nendlela asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngemiBhalo futhi aqonde amaphuzu enkulumo ayisihluthulelo. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa.
ISABELO NO. 4: 5 imizuzu. Umfundi kufanele athuthukise isihloko esabiwe. Uma kungekho zikhombo eziwumthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Uma yabelwe umzalwane, kufanele inikezwe njengenkulumo, isikhulumi sicabange ngezilaleli eHholo LoMbuso. Lapho yabelwe udade, kufanele ngaso sonke isikhathi inikezwe njengoba kuboniswe eSabelweni No. 3. Umbonisi wesikole angase asinikeze umzalwane iSabelo No. 4 noma nini lapho ebona kufaneleka. Sizani niphawule ukuthi izihloko ezinenkanyezi eceleni kufanele zabelwe abazalwane kuphela ukuze bazinikeze njengezinkulumo. Uma kunabadala nezinceku ezikhonzayo ezanele ebandleni lenu ukuba basingathe izinkulumo ezihlukahlukene eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini kanye naseMhlanganweni Wenkonzo, kutuswa ukuba izinkulumo ezinenkanyezi zabelwe umdala noma inceku ekhonzayo noma nini lapho kungenzeka.
ISELULEKO: Umzuzu owodwa. Umbonisi wesikole ngeke asho kusengaphambili ukuthi umfundi usebenzela kuyiphi imfanelo yokukhuluma. Ngemva kweSabelo No. 2, No. 3 no-No. 4 umbonisi wesikole uyoncoma isici esithile asiphawulile enkulumweni. Injongo yakhe akukhona nje ukuthi “wenze kahle” kuphela, kodwa kunalokho, ukuveza izizathu eziqondile zokuthi kungani leso sici senkulumo siye saba yimpumelelo. Ngemva komhlangano, noma ngesinye isikhathi, umfundi ngamunye angase anikezwe iseluleko esengeziwe futhi esakhayo ngasese, kuye ngokwesidingo sakhe.
ISIKHATHI: Akukho nkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngokufanayo namazwi omeluleki. Abanikeza inkulumo yeSabelo No. 2 kuya ku-No. 4 kufanele bamiswe ngobuhlakani uma isikhathi sesiphelile. Uma abazalwane abasingatha inkulumo yokuqala ephathelene nemfanelo yokukhuluma, iSabelo No. 1, noma amaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli bedla isikhathi, kufanele balulekwe ngasese. Bonke kufanele basibhekisise isikhathi sabo. Isikhathi sesimiso sesisonke: Imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.
IPHEPHA LESELULEKO: Lisencwadini.
UMELULEKI ONGUMSIZI: Indikimba yabadala ingase ikhethe umdala ofanelekayo, uma ekhona omunye ngaphandle kombonisi wesikole, ukuba asingathe isabelo sokuba umeluleki ongumsizi. Uma ibandla linabadala abaningi, khona-ke umdala ohlukile ofanelekayo uyonakekela lesi sabelo unyaka ngamunye. Umsebenzi womeluleki ongumsizi kuyoba ukunikeza abazalwane abasingatha iSabelo No. 1 namaphuzu avelele eBhayibheli iseluleko ngasese, uma kudingeka. Akudingekile ukuba anikeze iseluleko ngemva kwenkulumo ngayinye enjalo enikezwa abadala noma izinceku ezikhonzayo.
UKUBUKEZWA KWESIKOLE SENKONZO ESINGOKWASEZULWINI: 30 imizuzu. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, umbonisi wesikole uyosingatha ukubukezwa kweSikole. Kuyoqale kube nenkulumo yemfanelo yokukhuluma namaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli njengoba kuchazwe ngenhla. Ukubukeza kuyosekelwa ezinkulumweni ezinikezwe esikoleni phakathi nezinyanga ezimbili ezandulele, kuhlanganise nezangesonto lokubukeza. Uma ibandla linomhlangano wesifunda ngesonto lokuBukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, khona-ke ukubukeza (naso sonke isimiso salelo sonto) kufanele kuhlehliswe ngesonto bese kuthi isimiso salelo sonto elilandelayo siqhutshwe ngesonto lomhlangano wesifunda. Uma ibandla lenu lizobe lihanjelwe umbonisi wesifunda ngesonto lokubukeza, ingoma, imfanelo yokukhuluma namaphuzu avelele eBhayibheli, kufanele kuqhubeke njengoba kuhlelwe esimisweni. Inkulumo yokuyala (enikezwa ngemva kwenkulumo yemfanelo yokukhuluma) kufanelwe ithathwe esimisweni sesonto elilandelayo. ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini sesonto elilandelayo kuyoba nenkulumo yemfanelo yokukhuluma kanye namaphuzu avelele eBhayibheli asesimisweni salelo sonto, bese kuyabukezwa.
Isimiso
Jan. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 1-6 INgoma 62
Imfanelo Yokukhuluma: Ukunikeza Incazelo Edingekayo (be-ZU k. 228 ¶2-3)
No. 1: Isethulo Sencwadi KaMathewu (si-ZU kk. 175-7 ¶1-10)
No. 2: Mathewu 5:1-20
No. 3: Kungani Abantu Befa? (rs-ZU kk. 274-5 ¶8)
No. 4: Izindlela Osisiza Ngazo Umoya Ongcwele KaNkulunkulu
Jan. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 7-11 INgoma 224
Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Inhliziyo Ehileleke Ngayo (be-ZU k. 228 ¶4–k. 229 ¶1)
No. 1: Jabulela IZwi LikaNkulunkulu (be-ZU k. 9 ¶1-5)
No. 2: Mathewu 10:1-23
No. 3: Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise
No. 4: Bakuphi Abafileyo Futhi Siyini Isimo Sabo? (rs-ZU k. 276 ¶1–k. 278 ¶2)
Jan. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 12-15 INgoma 133
Imfanelo Yokukhuluma: Iyazifundisa Izilaleli Zakho (be-ZU k. 230 ¶1-6)
No. 1: Funda IBhayibheli Nsuku Zonke (be-ZU k. 10 ¶1–k. 12 ¶3)
No. 2: Mathewu 14:1-22
No. 3: Kungani OFakazi BakaJehova Bengahlanganyeli Emasikweni Esizwe Okuzila? (rs-ZU k. 278 ¶3–k. 279 ¶5)
No. 4: Uyini Noma Ungubani Umphik’ ukristu?
Jan. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 16-21 INgoma 176
Imfanelo Yokukhuluma: Ukwenza Inkulumo Ifundise Ngokwenza Ucwaningo (be-ZU k. 231 ¶1-3)
No. 1: “Nakisisa Indlela Olalela Ngayo” (be-ZU k. 13 ¶1–k. 14 ¶5)
No. 2: Mathewu 17:1-20
No. 3: Ukuphendula Imibono Eyiphutha Ngokufa (rs-ZU k. 279 ¶6–k. 280 ¶2)
No. 4: Izinto AmaKristu Azibheka Njengezingcwele
Feb. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 22-25 INgoma 151
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza ImiBhalo (be-ZU k. 231 ¶4-5)
No. 1: Ukulalela Emihlanganweni Emincane Nemikhulu (be-ZU k. 15 ¶1–k. 16 ¶5)
No. 2: Mathewu 23:1-24
No. 3: Ukuphila Okuphakade Ngeke Kube Isicefe
No. 4: Amaphupho—Aphefumulelwe Nangaphefumulelwe (rs-ZU kk. 47-9 ¶1)
Feb. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 26-28 INgoma 110
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza Amagama (be-ZU k. 232 ¶1)
No. 1: UMathewu—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 180-1 ¶29-33)
No. 2: Mathewu 27:1-22
No. 3: Isizathu Sokuba Ukubonisa Ukholo Kube Ngaphezu Kokukholelwa KuNkulunkulu
No. 4: Izidakamizwa—Lapho AmaKristu Enqatshelwe Khona Ukuzisebenzisa (rs-ZU kk. 160-2 ¶3)
Feb. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 1-4 INgoma 167
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza Amavesi (be-ZU k. 232 ¶2-4)
No. 1: Isethulo Sencwadi KaMarku (si-ZU kk. 181-3 ¶1-11)
No. 2: Marku 2:1-17
No. 3: Okwenza AmaKristu Angayisebenzisi Insangu (rs-ZU k. 162 ¶4–k. 163 ¶3)
No. 4: Indlela Uthando Oluqinisa Ngayo Isibindi
Feb. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 5-8 INgoma 72
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhetha Ukwaziswa Okuzozuzisa Izilaleli Zakho (be-ZU k. 232 ¶5–k. 233 ¶4)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Mar. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 9-12 INgoma 195
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusetshenziswa Kwendaba Eyabiwe (be-ZU k. 234 ¶1–k. 235 ¶3)
No. 1: Ungayithuthukisa Inkumbulo Yakho (be-ZU k. 17 ¶1–k. 19 ¶1)
No. 2: Marku 11:1-18
No. 3: Okwenza UNkulunkulu Angaqambi Amanga
No. 4: Okwenza AmaKristu Agweme Ugwayi (rs-ZU k. 164 ¶1–k. 165 ¶4)
Mar. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 13-16 INgoma 87
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Imibuzo Ngempumelelo (be-ZU k. 236 ¶1-5)
No. 1: UMarku—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 186 ¶31-3)
No. 2: Marku 14:1-21
No. 3: Ungayinqoba Kanjani Imikhuba Emibi? (rs-ZU k. 166 ¶1-4)
No. 4: Isizathu Sokuba ‘Intukuthelo Yomuntu Ingakufezi Ukulunga KukaNkulunkulu’ (Jak. 1:20)
Mar. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 1-3 INgoma 13
Imfanelo Yokukhuluma: Imibuzo Yokuveza Amaphuzu Abalulekile (be-ZU k. 237 ¶1-2)
No. 1: Isethulo Sencwadi KaLuka (si-ZU kk. 187-8 ¶1-9)
No. 2: Luka 1:1-23
No. 3: Isizathu Sokuba ‘Ukholo Ngaphandle Kwemisebenzi Lungasebenzi’ (Jak. 2:20)
No. 4: Izizwe Ngeke Ziyibhuntshise Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba (rs-ZU kk. 364-5 ¶2)
Mar. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 4-6 INgoma 156
Imfanelo Yokukhuluma: Imibuzo Yokubonisana Nabanye Ngendaba (be-ZU k. 237 ¶3–k. 238 ¶3)
No. 1: Indima Yomoya KaNkulunkulu Ekukhumbuleni (be-ZU k. 19 ¶2–k. 20 ¶3)
No. 2: Luka 4:1-21
No. 3: Ingabe UJehova Uyobhubhisa Umhlaba Ngomlilo? (rs-ZU k. 365 ¶3–k. 367 ¶1)
No. 4: Ukwesaba UNkulunkulu Kungasinqanda Ekoneni
Mar. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 7-9 INgoma 122
Imfanelo Yokukhuluma: Imibuzo Yokwenza Umuntu Aveze Imizwa (be-ZU k. 238 ¶4-6)
No. 1: Kungani Kumelwe Uzimisele Ekufundeni? (be-ZU k. 21 ¶1–k. 23 ¶3)
No. 2: Luka 7:1-17
No. 3: Ubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyasithanda Futhi Ufuna Sijabule
No. 4: Amalungu EJerusalema Elisha Ngeke Abuyele Emhlabeni Ngemva Kokubhujiswa Kwababi (rs-ZU k. 367 ¶2–k. 368 ¶1)
Apr. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 10-12 INgoma 68
Imfanelo Yokukhuluma: Imibuzo Yokugcizelela (be-ZU k. 239 ¶1-2)
No. 1: Indlela Yokufunda Ngokuzimisela (be-ZU k. 23 ¶4–k. 26 ¶4)
No. 2: Luka 11:37-54
No. 3: Ingabe Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Ishintshile? (rs-ZU k. 368 ¶2–k. 369 ¶2)
No. 4: Kumelwe Sisiqonde Kanjani IsAmbulo 17:17?
Apr. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 13-17 INgoma 86
Imfanelo Yokukhuluma: Imibuzo Yokuveza Obala Ukucabanga Okuyiphutha (be-ZU k. 239 ¶3-5)
No. 1: Indlela Yokutadisha (be-ZU k. 27 ¶1–k. 31 ¶2)
No. 2: Luka 16:1-15
No. 3: Esikufundiswa UMthetho KaNkulunkulu Wokukhothoza (Lev. 19:9, 10)
No. 4: Singabakhuthaza Kanjani Abagulayo? (rs-ZU kk. 146 ¶1-4)
Apr. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 18-21 INgoma 182
Imfanelo Yokukhuluma: Iziqhathaniso Nezingathekiso Ezifundisayo (be-ZU k. 240 ¶1–k. 241 ¶1)
No. 1: ULuka—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 192-3 ¶30-5)
No. 2: Luka 18:1-17
No. 3: Indlela Esingakhuthaza Ngayo Abashonelwe (rs-ZU k. 146 ¶5–k. 147 ¶4)
No. 4: Lokho Okushiwo Ukugwema ‘Ukububula’ (Fil. 2:14)
Apr. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 22-24 INgoma 218
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Izibonelo (be-ZU k. 241 ¶2–k. 242 ¶1)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
May 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 1-4 INgoma 31
Imfanelo Yokukhuluma: Izibonelo EzisemiBhalweni (be-ZU k. 242 ¶2-3)
No. 1: Isethulo Sencwadi KaJohane (si-ZU kk. 193-5 ¶1-9)
No. 2: Johane 3:1-21
No. 3: Esikufundayo Ekwenqabeni KukaDavide Ukuba INkosi USawule Ibulawe
No. 4: Isikhuthazo Kulabo Abashushiswayo Ngenxa Yokwenza Intando KaNkulunkulu (rs-ZU k. 147 ¶5-10)
May 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 5-7 INgoma 150
Imfanelo Yokukhuluma: Ingabe Iyoqondakala? (be-ZU k. 242 ¶4–k. 243 ¶1)
No. 1: Ukutadisha Kunomvuzo (be-ZU k. 31 ¶3–k. 32 ¶4)
No. 2: Johane 6:1-21
No. 3: Esikufundiswa Indaba Ka-Ananiya NoSafira
No. 4: Ungabakhuthaza Kanjani Labo Abadunyazwa Ukungaphathwa Kahle? (rs-ZU k. 148 ¶1-4)
May 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 8-11 INgoma 102
Imfanelo Yokukhuluma: Imifanekiso Esekelwe Ezimweni Ezijwayelekile (be-ZU k. 244 ¶1-2)
No. 1: Indlela Yokucwaninga NgeBhayibheli (be-ZU k. 33 ¶1–k. 35 ¶2)
No. 2: Johane 11:38-57
No. 3: Yisiphi Isikhuthazo Ngalabo Abacindezelwe Izinkinga Zomnotho? (rs-ZU k. 148 ¶5–k. 149 ¶1
No. 4: Njengoba Kwakungenakwenzeka Ukuba Umyalo Weshumi Uphoqelelwe, Wawunikezelweni?
May 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 12-16 INgoma 3
Imfanelo Yokukhuluma: Imifanekiso Efanelana Nezilaleli Zakho (be-ZU k. 244 ¶3–k. 245 ¶4)
No. 1: Ukufunda Ukusebenzisa Amanye Amathuluzi Okucwaninga (be-ZU k. 35 ¶3–k. 38 ¶4)
No. 2: Johane 12:1-19
No. 3: Isikhuthazo Ngalabo Abadumazekile Ngenxa Yokushiyeka Kwabo (rs-ZU k. 149 ¶2-5)
No. 4: Indlela Esiphonsa Ngayo Umthwalo Wethu KuJehova (IHu. 55:22)
June 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 17-21 INgoma 198
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Izinsiza-kufundisa Ngempumelelo (be-ZU k. 247 ¶1-2)
No. 1: UJohane—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 198-9 ¶30-5)
No. 2: Johane 21:1-14
No. 3: Kungani Sikholelwa KuNkulunkulu Kanti Asimboni?
No. 4: Ukuziphendukela Kwemvelo—Impicabadala Yesayensi (rs-ZU kk. 340 ¶4–k. 342 ¶2)
June 9 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 1-4 INgoma 92
Imfanelo Yokukhuluma: Indlela UJesu Asebenzisa Ngayo Izinsiza-kufundisa (be-ZU k. 247 ¶3)
No. 1: Isethulo Sencwadi YezEnzo (si-ZU kk. 199-200 ¶1-8)
No. 2: IzEnzo 1:1-14
No. 3: Ukuziphendukela Kwemvelo, Umbhalo Wemivubukulo Yasendulo Nokuba Nengqondo (rs-ZU k. 342 ¶3–k. 345 ¶4)
No. 4: Ihlanganisani ‘Inkululeko Yokukhuluma’? (Heb. 3:6)
June 16 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 5-7 INgoma 2
Imfanelo Yokukhuluma: Izindlela Zokusebenzisa Izinsiza-kufundisa (be-ZU k. 248 ¶1-3)
No. 1: Ukwenza Uhlaka (be-ZU kk. 39-42)
No. 2: IzEnzo 5:1-16
No. 3: Ukuphendula Okushiwo Izazi Zokuziphendukela Kwemvelo (rs-ZU k. 345 ¶5–k. 348 ¶2)
No. 4: Kungani Ukwesaba UJehova Kungukuqala Kokuhlakanipha? (IHu. 111:10)
June 23 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 8-10 INgoma 116
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Amabalazwe, Izimiso Zomhlangano Ezinyathelisiwe Nama-video (be-ZU k. 248 ¶4–k. 249 ¶2)
No. 1: Ukulungiselela Izabelo Zabafundi ZeSikole (be-ZU k. 43 ¶1–k. 44 ¶3)
No. 2: IzEnzo 8:1-17
No. 3: Indlela UJesu ‘Ayokhulula Ngayo Ompofu’ (IHu. 72:12)
No. 4: Okwenza Abantu Abaningi Bantule Ukholo (rs-ZU kk. 259-60 ¶5)
June 30 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 11-14 INgoma 79
Imfanelo Yokukhuluma: Ukufundisa Iqembu Elikhulu Ngezinsiza-kufundisa (be-ZU k. 249 ¶3–k. 250 ¶1)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
July 7 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 15-17 INgoma 203
Imfanelo Yokukhuluma: Okwenza Ibaluleke Indlela Yokubonisana Nabanye (be-ZU k. 251 ¶1-3)
No. 1: Ukusebenza Ngesihloko Nokuhlelwa Kwenkulumo (be-ZU k. 44 ¶4–k. 46 ¶3)
No. 2: IzEnzo 16:1-15
No. 3: Izizathu Zokukhonza UJehova Ngesibindi
No. 4: Umuntu Angaluthola Kanjani Ukholo? (rs-ZU k. 261 ¶1-4)
July 14 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 18-21 INgoma 32
Imfanelo Yokukhuluma: Lapho Kumelwe Uqale Khona (be-ZU k. 251 ¶4–k. 252 ¶3)
No. 1: Ukulungiselela Izinkulumo Zebandla (be-ZU k. 47 ¶1–k. 49 ¶1)
No. 2: IzEnzo 20:1-16
No. 3: Ukholo Ethembeni Lesimiso Esisha Sokulunga Lufakazelwa Imisebenzi (rs-ZU k. 261 ¶6–k. 262 ¶4)
No. 4: Sifundani Emthethweni Oku-Eksodusi 23:19b?
July 21 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 22-25 INgoma 200
Imfanelo Yokukhuluma: Lapho Kumelwe Wamukele Khona Imibono Yabanye (be-ZU k. 252 ¶4–k. 253 ¶2)
No. 1: Ukulungiselela Izinkulumo Zomhlangano Wenkonzo Nezinye Izinkulumo (be-ZU k. 49 ¶2–k. 51 ¶1)
No. 2: IzEnzo 22:1-16
No. 3: OFakazi BakaJehova Bawugcwalisa Kanjani UJohane 13:34, 35?
No. 4: Bangabonakala Kanjani Abaprofethi Bamanga? (rs-ZU kk. 25-6 ¶4)
July 28 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 26-28 INgoma 29
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Nokunikeza Izizathu (be-ZU k. 253 ¶3–k. 254 ¶2)
No. 1: IzEnzo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 204-5 ¶32-40)
No. 2: IzEnzo 26:1-18
No. 3: Abaprofethi Beqiniso Babengaqondi Njalo Ukuthi Okwakubikezelwe Kwakuyokwenzeka Nini Futhi Kanjani (rs-ZU k. 26 ¶5–k. 27 ¶1)
No. 4: Okwenza UJehova Abekezele
Aug. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 1-4 INgoma 170
Imfanelo Yokukhuluma: Izizathu Ezinengqondo Ezisekelwe Ngokuqinile EZwini LikaNkulunkulu (be-ZU k. 255 ¶1–k. 256 ¶2)
No. 1: Isethulo Sencwadi YabaseRoma (si-ZU kk. 205-6 ¶1-7)
No. 2: Roma 3:1-20
No. 3: Indlela Izingelosi Ezivikela Futhi Ziqinise Ngayo Izinceku ZikaNkulunkulu
No. 4: OFakazi BakaJehova Bakhuthaza Ukukhulekela Kweqiniso (rs-ZU k. 27 ¶2-3)
Aug. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 5-8 INgoma 207
Imfanelo Yokukhuluma: Sekela Amaphuzu Ngobufakazi Obuseceleni (be-ZU k. 256 ¶3-5)
No. 1: Ukulungiselela Izinkulumo Zeningi (be-ZU k. 52 ¶1–k. 54 ¶1)
No. 2: Roma 6:1-20
No. 3: OFakazi BakaJehova Babonakala Ngezithelo Abazivezayo (rs-ZU k. 28 ¶1–k. 29 ¶1)
No. 4: Indlela Okungasivikela Ngayo Ukulunga
Aug. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 9-12 INgoma 152
Imfanelo Yokukhuluma: Ukunikeza Ubufakazi Obanele (be-ZU k. 257 ¶1–4)
No. 1: EyabaseRoma—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 208-9 ¶20-5)
No. 2: Roma 9:1-18
No. 3: Ziyini Izingozi Zokuhleba Nokusakaza Inzwabethi?
No. 4: Ukuphendula Abantu Abasibiza Ngabaprofethi Bamanga (rs-ZU k. 29 ¶2–k. 30 ¶2)
Aug. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 13-16 INgoma 16
Imfanelo Yokukhuluma: Umzamo Wokufinyelela Inhliziyo (be-ZU k. 258 ¶1–k. 259 ¶1)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Sept. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 1-9 INgoma 199
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhipha Okusezinhliziyweni Zabantu (be-ZU k. 259 ¶2-4)
No. 1: Isethulo Sencwadi Yoku-1 Korinte (si-ZU kk. 210-11 ¶1-7)
No. 2: 1 Korinte 4:1-17
No. 3: UNkulunkulu Akamnqumeli Umuntu Kusengaphambili Ukuthi Uzofa Nini (rs-ZU k. 267 ¶2-4)
No. 4: Ingabe Ukuba Nengcebo Yezinto Ezibonakalayo Kuwubufakazi Besibusiso SikaNkulunkulu?
Sept. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 10-16 INgoma 35
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuvusa Imizwa Ewusizo (be-ZU k. 259 ¶5–k. 260 ¶1)
No. 1: Eyoku-1 Korinte—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 213-14 ¶23-6)
No. 2: 1 Korinte 13:1–14:6
No. 3: Okwenza Ukuba Abenzi Bezwi Bajabule
No. 4: Akukona Ukuthi Konke Okwenzekayo Kuyintando KaNkulunkulu (rs-ZU k. 268 ¶1–k. 269 ¶5)
Sept. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 1-7 INgoma 58
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusiza Abanye Bahlakulele Ukwesaba UNkulunkulu (be-ZU k. 260 ¶2-3)
No. 1: Isethulo Sencwadi Yesi-2 Korinte (si-ZU k. 214 ¶1-4)
No. 2: 2 Korinte 1:1-14
No. 3: Akukona Ukuthi UNkulunkulu Wazi Noma Anqume Yonke Into Kusengaphambili (rs-ZU k. 269 ¶6-8)
No. 4: Isizathu Sokuba AmaKristu Eqiniso Athokoze Lapho Eshushiswa
Sept. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 8-13 INgoma 12
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuziphatha Kwethu Kubalulekile KuNkulunkulu (be-ZU k. 260 ¶4–k. 261 ¶1)
No. 1: Eyesi-2 Korinte—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 216-17 ¶18-20)
No. 2: 2 Korinte 9:1-15
No. 3: Okwenza Ukuba AmaKristu Eqiniso Angabi Ingxenye Yezwe
No. 4: Amandla KaNkulunkulu Okwazi Nawokunquma Izenzakalo Kusengaphambili (rs-ZU k. 270 ¶1-4)
Sept. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Galathiya 1-6 INgoma 163
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusiza Abanye Bazihlole (be-ZU k. 261 ¶2-4)
No. 1: Isethulo Sencwadi YabaseGalathiya Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 217-20 ¶1-6, 14-18)
No. 2: Galathiya 1:1-17
No. 3: Isizathu Sokuba UNkulunkulu Angawasebenzisi Amandla Akhe Okwazi Kusengaphambili Ngokuqondene No-Adamu (rs-ZU k. 271 ¶1-3)
No. 4: Indlela Uthando Olunganqoba Ngayo Ukwesaba Umuntu
Oct. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Efesu 1-6 INgoma 99
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuthaza Ukulalela Okusuka Enhliziyweni (be-ZU k. 261 ¶5–k. 262 ¶3)
No. 1: Isethulo Sencwadi Yabase-Efesu Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 220-3 ¶1-8, 16-19)
No. 2: Efesu 3:1-19
No. 3: Ukuxolisa Akulona Uphawu Lobuthakathaka
No. 4: UNkulunkulu Akabanqumelanga Kusengaphambili OJakobe, U-Esawu NoJuda (rs-ZU k. 271 ¶4–k. 272 ¶2)
Oct. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Filipi 1–Kolose 4 INgoma 123
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubambisana NoJehova Ekufinyeleleni Izinhliziyo Zabantu (be-ZU k. 262 ¶4)
No. 1: Isethulo Sencwadi YabaseFilipi Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 223-5 ¶1-7, 12-14)
No. 2: Filipi 3:1-16
No. 3: Kungayiphi Indlela Ibandla LobuKristu Lalinqunyelwe Kusengaphambili? (rs-ZU k. 272 ¶3–k. 273 ¶1)
No. 4: a EyabaseKolose—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 228 ¶12-14)
Oct. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thesalonika 1–2 Thesalonika 3 INgoma 161
Imfanelo Yokukhuluma: Ukugcina Isikhathi (be-ZU k. 263 ¶1–k. 264 ¶4)
No. 1: Isethulo Sencwadi Yoku-1 Neyesi-2 Thesalonika Nesizathu Sokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 229-31 ¶1-5, 13-15; kk. 232-3 ¶1-4, 10-11)
No. 2: 1 Thesalonika 1:1–2:8
No. 3: Uyini Umbono OngokomBhalo Ngokufundwa Kwezinkanyezi? (rs-ZU k. 273 ¶2–k. 274 ¶2)
No. 4: b Eyoku-1 Neyesi-2 Thimothewu—Isizathu Sokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 236-7 ¶15-19; kk. 238-9 ¶10-12)
Oct. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thimothewu 1–2 Thimothewu 4 INgoma 69
Imfanelo Yokukhuluma: Isikhuthazo Esiphumelelayo (be-ZU k. 265 ¶1–266 ¶1)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Nov. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Thithu 1–Filemoni INgoma 149
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuthaza Ngesisekelo Sothando (be-ZU k. 266 ¶2-4)
No. 1: Isethulo Sencwadi KaThithu Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 239-41 ¶1-4, 8-10)
No. 2: Thithu 1:1-16
No. 3: Yiziphi Izizathu Ezizwakalayo Zokukholelwa KuNkulunkulu? (rs-ZU kk. 394-5 ¶2)
No. 4: c Filemoni—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 242-3 ¶7-10)
Nov. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 1-8 INgoma 144
Imfanelo Yokukhuluma: Isikhuthazo Esisekelwe EmiBhalweni (be-ZU k. 267 ¶1-2)
No. 1: Isethulo Sencwadi YamaHebheru (si-ZU kk. 243-4 ¶1-9)
No. 2: Hebheru 3:1-19
No. 3: Ububi Nokuhlupheka Akubonisi Ukuthi UNkulunkulu Akekho (rs-ZU k. 395 ¶3-5)
No. 4: Umehluko Phakathi Kokuthobeka Kweqiniso Nokokuzenzisa
Nov. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 9-13 INgoma 28
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuba Nenkululeko Yokukhuluma (be-ZU k. 267 ¶3-4)
No. 1: EyamaHebheru—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 247 ¶23-7)
No. 2: Hebheru 10:1-17
No. 3: UNkulunkulu Ungumuntu Woqobo Onemizwa (rs-ZU k. 396 ¶1-7)
No. 4: Indlela Umoya Wokuthethelela Othuthukisa Ngayo Ubunye
Nov. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Jakobe 1-5 INgoma 88
Imfanelo Yokukhuluma: Okwenza Kubaluleke Ukuba Okhuthazayo (be-ZU k. 268 ¶1-3)
No. 1: Isethulo Sencwadi KaJakobe Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 248-50 ¶1-7, 15-17)
No. 2: Jakobe 1:1-21
No. 3: UNkulunkulu Akabanga Nasiqalo (rs-ZU k. 396 ¶8–k. 397 ¶2)
No. 4: Indlela ‘Isihe Esethaba Ngayo Ngokunqoba Phezu Kwesahlulelo’ (Jak. 2:13)
Dec. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Petru 1–2 Petru 3 INgoma 18
Imfanelo Yokukhuluma: Bakhumbuze Lokho UJehova Akwenzile (be-ZU k. 268 ¶4–k. 269 ¶2)
No. 1: Isethulo Sencwadi Yoku-1 Petru Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 251-3 ¶1-5, 11-13)
No. 2: 1 Petru 2:1-17
No. 3: Ukusebenzisa Igama LikaNkulunkulu Kubalulekile Ukuze Sisindiswe (rs-ZU k. 397 ¶3–k. 398 ¶2)
No. 4: d Eyesi-2 Petru—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 255 ¶8-10)
Dec. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Johane 1, 2 Johane, 3 Johane - Jude INgoma 50
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisa Indlela UJehova Abasize Ngayo Abantu Bakhe (be-ZU k. 269 ¶3-5)
No. 1: Isethulo Sencwadi Yoku-1, 2, Neyesi-3 Johane Nesizathu Sokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 256-8 ¶1-5, 11-13; k. 259 ¶1-3, 5; kk. 260-1 ¶1-3, 5)
No. 2: 1 Johane 4:1-16
No. 3: Ingabe Zonke Izinkolo Zinhle? (rs-ZU k. 398 ¶3-6)
No. 4: e UJuda—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 262-3 ¶8-10)
Dec. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 1-6 INgoma 219
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisa Ukukujabulela Lokho UNkulunkulu Akwenzayo Manje (be-ZU k. 270 ¶1–k. 271 ¶1)
No. 1: Isethulo Sencwadi YesAmbulo (si-ZU kk. 263-4 ¶1-6)
No. 2: IsAmbulo 3:1-13
No. 3: Uluhlobo Luni ‘LukaNkulunkulu’ UJesu? (rs-ZU k. 398 ¶7-8)
No. 4: Isizathu Sokuba Ukubekezela Nesihe Kube Nomkhawulo
Dec. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 7-14 INgoma 21
Imfanelo Yokukhuluma: Zuza Ngokugcwele ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini (be-ZU k. 5 ¶1–k. 8 ¶1)
No. 1: IsAmbulo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 268-9 ¶28-34)
No. 2: IsAmbulo 8:1-13
No. 3: Ukuphendula Abathi Abakholelwa KuNkulunkulu (rs-ZU k. 399 ¶1–k. 400 ¶2)
No. 4: Isho Ukuthini Inkulumo Ethi “UNkulunkulu Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu”? (1 Johane 3:20)
Dec. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 15-22 INgoma 60
Imfanelo Yokukhuluma: Ukufunda Ngokunembile (be-ZU k. 83 ¶1-5)
[Imibhalo yaphansi]
a Yabela abazalwane kuphela. Kutuswa ukuba babe abadala noma izinceku ezikhonzayo.
b Yabela abazalwane kuphela. Kutuswa ukuba babe abadala noma izinceku ezikhonzayo.
c Yabela abazalwane kuphela. Kutuswa ukuba babe abadala noma izinceku ezikhonzayo.
d Yabela abazalwane kuphela. Kutuswa ukuba babe abadala noma izinceku ezikhonzayo.
e Yabela abazalwane kuphela. Kutuswa ukuba babe abadala noma izinceku ezikhonzayo.