IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Ezinyangeni zamuva nje kuye kwanikezelwa amanye amaHholo OMbuso amathathu: ElaseDigawana (eBotswana), elaseMeqheleng (eFicksburg) nelaKwa-Thema Central (eSprings). Sifisa ukubancoma bonke abasekela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso.
Noma ubani ofisa ukusebenza neKomiti Yokwakha Yesifunda sakubo kudingeka agcwalise ifomu elithi Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82). La mafomu atholakala kunobhala webandla, futhi angawa-oda nge-Literature Request Form (S-14) yebandla nyanga zonke.