IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe “inceku ethembekileyo neqondayo” iyakugunyaza ukuba amaqembu azimele oFakazi ahlangane ngenjongo yokucwaninga noma ukudingida imiBhalo?—Math. 24:45, 47.
Cha ayikugunyazi. Nokho, ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, idlanzana labakanye nathi liye lakha amaqembu ukuze lizicwaningele izindaba ezihlobene neBhayibheli. Abanye baye batadisha isiHebheru nesiGreki saseBhayibhelini njengeqembu elizimele ukuze bahlole ukunemba kwe-Nguqulo Yezwe Elisha. Abanye bacwaninga ngezindaba zesayensi eziphathelene neBhayibheli. Baye bakha izingosi ze-Internet nezengevu ngenjongo yokuxoxa nokudingida imibono yabo. Baye baba nanemihlangano banyathelisa nezincwadi ukuze badlulisele abaye bakuthola futhi bathasisele kulokho okutholakala emihlanganweni yethu yobuKristu nasezincwadini zethu.
Kuwo wonke umhlaba, abantu bakaJehova bathola imfundo engokomoya eyanele nesikhuthazo emihlanganweni yebandla, emincane nakwemikhulu, nasezincwadini ezikhishwa inhlangano kaJehova. UJehova usinikeza esikudingayo ngomoya wakhe ongcwele nangeZwi lakhe leqiniso ukuze bonke abantu baKhe ‘bahlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga’ futhi ‘basimamiswe okholweni.’ (1 Kor. 1:10; Kol. 2:6, 7) Ngokuqinisekile, siyawazisa amalungiselelo kaJehova angokomoya kulezi zinsuku zokugcina. Ngakho, “inceku ethembekile neqondayo” ayizigunyazi izincwadi, imihlangano noma izingosi ze-Internet ezingalungiselelwa noma ezingahlelwa ngaphansi kokuqondisa kwayo.—Math. 24:45-47.
Kuhle ukuba abantu bafune ukusebenzisa ikhono labo lokucabanga ekusekeleni izindaba ezinhle. Nokho, lokho umuntu akwenzayo akufanele kuphazamise okufezwa uJesu Kristu ngebandla lakhe emhlabeni namuhla. Ekhulwini lokuqala, umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuhileleka ezingxoxweni ezikhandlayo nezidla isikhathi ‘njengezinhlu zozalo, ezingafiki ndawo, kodwa ezibangela imibuzo yokucwaningwa kunokwabiwa kwanoma yini evela kuNkulunkulu ephathelene nokholo.’ (1 Thim. 1:3-7) Wonke amaKristu kufanele alwele ‘ukuxwaya imibuzo yobuwula nezinhlu zozalo nokuxabana nokulwisana ngoMthetho, ngoba akuzuzisi futhi kuyize.’—Thithu 3:9.
Sikhuthaza ukuba labo abafisa ukutadisha nokucwaninga ngeBhayibheli ngokwengeziwe bahlole i-Insight on the Scriptures, incwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe Futhi Inenzuzo” nezinye izincwadi zethu njengalezo ezikhuluma ngeziprofetho ezitholakala kuDaniyeli, u-Isaya nesAmbulo. Lezi zincwadi zinokwaziswa okuningi kokutadisha nokuzindla ngeBhayibheli okungasisiza ukuba ‘sigcwale ulwazi olunembile ngentando kaNkulunkulu kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze sihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba siqhubeka sithela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi lwanda ulwazi lwethu olunembile ngoNkulunkulu.’—Kol. 1:9, 10.