IZaziso
◼ Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Uma abaninikhaya sebenayo kakade le ncwadi, babonise indlela engabazuzisa ngayo ngokubabonisa kafushane indlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
◼ Njengoba u-September enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, angaba inyanga enhle kakhulu yokukhonza njengamaphayona asizayo.
◼ Komunye uMhlangano Wenkonzo ngo-December kuzoxoxwa nge-DVD ethi Jehovah’s Witnesses—Organized to Share the Good News. Uma idingeka, kufanele i-odwe ngebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-2008 iyonikezwa ngesonto lika-March 31, 2008. Isihloko senkulumo siyomenyezelwa kamuva. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma enomhlangano ngaleyo mpelasonto ayoba nale nkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nale nkulumo ekhethekile ngaphambi kwesonto lika-March 31.
◼ Isihloko esithi “Landela UKristu Ngokubonisa Inhlonipho” nesithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi” ezikule Nkonzo Yethu YoMbuso kuzoxoxwa ngazo eMhlanganweni Wenkonzo ngasekupheleni kuka-October. Nokho, eNamibia naseBotswana, lapho imihlangano yesigodi izosheshe iqhutshwe khona, amabandla kufanele ahlele ukuba kuxoxwe ngalezi zihloko kusasele okungenani amasonto amathathu ngaphambi kokuba kuqale umhlangano ibandla elabelwe kuwo.
◼ Amabandla aye-ode isihloko sonyaka sika-2007 akudingeki a-ode esika-2008 ngoba sizomane sithunyelwe ngokusekelwe e-odeni lawo langaphambili. Nokho, amabandla angazange alifake i-oda lesihloko sonyaka sika-2007, kodwa angathanda ukuthola isihloko sonyaka sika-2008 kufanele afake i-oda lawo e-odeni lezincwadi elilandelayo. Kuyobhalwa ukuthi “Pending [Kusazothunyelwa]” ohlwini lwezincwadi ezithunyelwe kuze kube yilapho sezitholakala. Isihloko sonyaka siyotholakala ngesiBhunu, isiKwangali, isiKwanyama, isiNgisi, isiPedi, isiPutukezi, isiSuthu, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nangesiZulu. Senziwa yinkampani yangaphandle enyathelisayo ngakho kungaba kuhle sikhumbule ilungelo nomthwalo wethu wemfanelo wokuwusekela ngesandla esivulekile umsebenzi woMbuso ngokunikela ngokuzithandela ukuze kubhekanwe nalezi zindleko. Amabandla kufanele achome isihloko sonyaka esisha ngo-January 1, 2008.
◼ Ngezinye izikhathi ihhovisi legatsha lithola ama-Literature Request Form (S-14) nefomu elithi Ama-oda Ebandla (M-202) angenalo igama nenombolo yebandla. Ezimweni ezinjalo, kuba nzima ukusingatha lelo oda. Sibakhumbuza ngomusa onobhala ukuthi kufanele bayihlolisise le mininingwane lapho besayina futhi bethumela ifomu.
◼ INkonzo Yethu YoMbuso inyatheliswa egatsheni lethu ngezilimi zangaphandle ezilandelayo: Isi-Amharic, isiFulentshi, isiGreki, isiJapane, isiNtaliyane, isiPheresiya, isiPolish, isiShayina (Esidala, Esenziwe Lula nesiPinyin [isiShayina esibhalwa ngezinhlamvu ezivamile]) nangeSpanishi. Lezi zilimi zinyatheliswa ngasikhathi sinye nezilimi zalapha futhi zithunyelwe kusenesikhathi ukuze zisetshenziswe eMhlanganweni Wenkonzo. Nokho, ezikuqukethe kungase kuhluke kancane kulokho okusesiNgisini salapha eNingizimu Afrika. Uma amabandla edinga INkonzo Yethu YoMbuso ngalezi zilimi, kufanele athumele ama-oda ngefomu elithi Ama-Oda Ebandla (M-202). Uma edinga izilimi ezingekho ohlwini olungenhla, sicela athinte ihhovisi legatsha ngencwadi (noma ngocingo) ukuze athole ukwaziswa okwengeziwe futhi abhekisele kulesi saziso.
◼ Sithola omagazini abahlukahlukene be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ngezilimi zangaphandle bevela emagatsheni aphesheya. Sibathunyelelwa ngendlela yokuthumela izimpahla engabizi kakhulu futhi ngenxa yalokho ngokuvamile abafiki kusenesikhathi ukuze bafundwe eSifundweni se-Nqabayokulinda samasonto onke. Nokho, uma amabandla edinga ngokuqondile omagazini bezilimi ezithile ukuze basetshenziswe eSifundweni Se-Nqabayokulinda, siyakwazi ukuthumela umagazini onezihloko ezifundwayo kuphela. Sicela nixhumane nehhovisi legatsha ngencwadi (noma ngocingo) ukuze nithole ukwaziswa okwengeziwe futhi nibhekisele kulesi saziso.
◼ Kusukela ngo-January 2008, INkonzo Yethu YoMbuso izonyatheliswa nangesiKwangali nesiKwanyama/Ndonga. Amabandla kufanele afake ama-oda awo alezi zilimi ngefomu elithi Ama-Oda Ebandla (M-202) kungakedluli u-October 1, 2007 ukuze akwazi ukuthola INkonzo Yethu YoMbuso yokuqala ka-January 2008.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
“All Scripture”—Authentic and Beneficial (2008 brochure) (bsi08) —ngesiKwangali nangesiKwanyama
Hubani Izindumiso ZikaJehova—Amagama Kuphela (Izingoma ezingu-100) (sb100) —ngesiKwangali