ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-August 13
INgoma 20
15 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-August 15 ne-Phaphama! ka-August. Komunye wale miboniso, ummemezeli makasebenzise okunye kokusikisela okusesigabeni 3 ekhasini 3 lale Nkonzo Yethu YoMbuso ukuze abuze umbuzo azowuphendula lapho enza impindelo. Xoxani ngesithi “Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda.” Memezela usuku lomhlangano olandelayo wesifunda uma selwaziwa.
15 imiz: Ukuzuza Ekuzithobeni Okungokwasezulwini. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esahlukweni 15 sencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.
15 imiz: “Ukukhulekela UJehova Njengomkhaya.”a Cela izilaleli zilandise indlela ezizuze ngayo ngokuhlanganyela enkonzweni njengomkhaya. Ungase uhlele kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili balandise.
INgoma 48 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 20
INgoma 100
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngesithi “Isimiso Esisha SoMhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa,” bese umemezela usuku lomhlangano okhethekile ozayo uma selwaziwa. Bika ngentuthuko eyenziwa ensimini engabelwe. Yazisa ibandla ngamalungiselelo ka-September. Xoxa noyedwa noma ababili abajabulele impumelelo kuze kube manje.
15 imiz: Qala Isifundo SeBhayibheli Ekuhambeleni Kokuqala Ngo-September. Ingxoxo nezilaleli. Ngo-September siyohambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli futhi sizame ukuxoxa nomninikhaya ngezigaba ezimbalwa ekuhambeleni kokuqala. Bukeza ukusikisela okusesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006, bese wenza umboniso owodwa noma emibili yokubonisa indlela yokuqala isifundo seBhayibheli ekuhambeleni kokuqala.
20 imiz: “Indlela Ilungiselelo LeSifundo Sencwadi Sebandla Elisisiza Ngayo.”b Lapho nicabangela isigaba 5, hlanganisa namaphuzu asencwadini Ukuhlelelwa, ikhasi 41, isigaba 2.
INgoma 6 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 27
INgoma 98
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-September 1 ne-Phaphama! ka-September. Khumbuza abamemezeli ukuba balungise imibiko yabo yenkonzo yasensimini. Singathanda ukufinyelela elinye inani elisha eliphakeme labamemezeli ngo-August. Bonke ababonisi bezifundo zencwadi kufanele balandelele kubo bonke abasemaqenjini abo ukuze baqiniseke ukuthi yonke imibiko ihlanganisiwe ngo-September 6. Kufanele baqiniseke nangokuthi noma imiphi imibiko esilele kulo nyaka wenkonzo inikezwa unobhala. Kungasiza uma unobhala engabhala uhlu lwayo yonke imibiko esilele kusenesikhathi alunike umbonisi ngamunye wesifundo sencwadi.
10 imiz: Izidingo Zebandla.
25 imiz: “Umgomo Omuhle Wonyaka Wenkonzo Omusha.”c Xoxa noyedwa noma ababili ababe amaphayona asizayo muva nje. Iluphi ushintsho abalwenza esimisweni sabo? Bazuza kanjani? Uma ekhona, omunye walabo oxoxa nabo kungaba umuntu owakwazi ukuba iphayona elisizayo ngenxa yokusizwa nokusekelwa abanye emkhayeni wakubo. Lapho nixoxa ngesigaba 9, yisho izinsuku zokuhambela okulandelayo kombonisi wesifunda uma sezaziwa.
INgoma 196 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 3
INgoma 50
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Izindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-August.
15 imiz: “Siyawazisa Amalungelo Ethu!”d Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imibhalo ekhonjiwe.
20 imiz: “Indlela Yokushintsha Abantu Esibahambisele Omagazini Babe Yizifundo ZeBhayibheli.”e Hlanganisa nomboniso omfushane wokusikisela okukodwa okusesigabeni 2. Khumbuza abamemezeli ukuthi isifundo seBhayibheli singase sibikwe uma siqhutshwe kabili ngemva kokuba umuntu eseboniswe indlela esiqhutshwa ngayo futhi kunesizathu sokukholelwa ukuthi leso sifundo sizoqhubeka.
INgoma 2 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.