Ukukhulekela UJehova Njengomkhaya
1 Ezikhathini zeBhayibheli, amalungu omkhaya ayenza izinto eziningi ndawonye. Ayenza imisebenzi yansuku zonke futhi ngokuyinhloko ayekhulekela uJehova njengomkhaya. (Lev. 10:12-14; Dut. 31:12) Ezindaweni eziningi namuhla, kuncane kakhulu amalungu omkhaya akwenza ndawonye. Kodwa amaKristu ayakuqaphela ukubaluleka kokwenza imisebenzi ethile njengomkhaya, ikakhulukazi uma kuziwa endabeni yokukhulekela. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kumjabulisa kanjani uMsunguli womkhaya lapho ebona imikhaya imkhulekela ngobunye!
2 Shumayelani Ndawonye: Ukusebenza ndawonye ekushumayeleni izindaba ezinhle kuqinisa izibopho zomkhaya. Ngakho, ngaphandle nje kokuhamba nabanye ebandleni beyoshumayela, umdala uyosebenza nomkakhe nezingane njalo. (1 Thim. 3:4, 5) Nakuba bematasa, ngisho nababonisi abajikelezayo bayasihlela isikhathi sokusebenza nomkabo enkonzweni.
3 Abazali abashumayela nezingane zabo bayakwazi ukuzisiza ukuba zithuthuke njengabashumayeli bevangeli. Izingane ngeke nje zigcine ngokubona injabulo nokwaneliseka kwabazali bazo enkonzweni kodwa ziyobabona beveza uthando lwabo ngoJehova nangabanye abantu. (Dut. 6:5-7) Ukubaluleka kwalokhu akupheli njengoba izingane ekhaya zikhula. Omunye umbhangqwana onamadodana amathathu aneminyaka ephakathi kuka-15 no-21 ubudala uyaqhubeka uhamba nawo njalo enkonzweni. Ubaba uthi: “Siwafundisa okuthile ngaso sonke isikhathi. Futhi siyaqikelela ukuba sikwenze kujabulise futhi kukhuthaze.”
4 Lungiselelani Ndawonye: Imikhaya ikuthole kuzuzisa ukulungiselela inkonzo yasensimini ndawonye. Izingane ngokuvamile ziyazijabulela izikhathi zokuprakthiza namalungu omkhaya, ashintshana ngokwethula intshumayelo noma ngokuba umninikhaya. Abanye basebenzisa imizuzu embalwa ekupheleni kwesifundo somkhaya ukuze benze lokhu.
5 Injabulo yethu iyanda uma sihlanganyela nalabo esibathandayo emisebenzini ebalulekile neyanelisayo. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani uma amalungu omkhaya esebenza ndawonye enkonzweni yasensimini endlini ngendlu, ekwenzeni izimpindelo nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli! Njengoba ukhulekela uJehova ngale ndlela nomkhaya wakho, ungasho ngenjabulo: “Kepha mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.”—Josh. 24:15.