Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/07 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 4/07 k. 7

IZaziso

◼ Isipho ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: Hlalani Nilindile!, IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Iyakusiza Noma Iyakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi.

◼ Onobhala bamabandla kufanele babe namafomu anele e-Sicelo Senkonzo Yobuphayona Obuvamile (S-205) nawe-Sicelo Senkonzo Yobuphayona Obusizayo (S-205b). La mafomu angase a-odwe nge-Literature Request Form (S-14). Okungenani yibani nesitokwe sonyaka wonke. Ngaphambi kokuba nithumele amafomu ezicelo zamaphayona avamile ehhovisi legatsha, qinisekani ukuthi agcwaliswe kahle.

◼ Kubalulekile ukuba ihhovisi legatsha libe namakheli nezinombolo zocingo ezisebenzayo zabo bonke ababonisi abengamele nonobhala. Noma nini lapho kuba noshintsho, iKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele igcwalise, isayine, futhi ithumele ifomu elithi Ushintsho Lwekheli Lombonisi Owengamele/Likanobhala (S-29) ehhovisi legatsha ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa nanoma iluphi ushintsho kuma-code endawo ocingo.

◼ Noma nini lapho uhlelo lwakho lokuvakasha luhilela ukuya emihlanganweni yebandla, yesifunda, noma yesigodi kwelinye izwe, isicelo sakho sokwaziswa ngezinsuku, isikhathi nezindawo zemihlangano kumelwe sithunyelwe ehhovisi legatsha elengamele umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi amagatsha asohlwini olusekhasini lokugcina le Ncwadi Yonyaka yamuva.

◼ Abanye baye babuza ukuthi bangabenzela yini abanye abasebandleni amakhophi e-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM, noma bavumele abanye ukuba bazikopishele yona kuma-computer abo bese bebuyisa i-CD-ROM. Isivumelwano selayisense, esivela lapho kufakwa lesi simiso futhi esitholakala esanduleleni se-Help system, sithi lokhu akuvumelekile. Abazalwane nodade bakhuthazwa ukuba bazitholele amakhophi abo e-Watchtower Library ngebandla.

◼ Unobhala kufanele aqiniseke ukuthi iKomiti Yokwakha Yesifunda ihlala inolwazi ngesimo sabo bonke abamemezeli ababhapathiziwe abaye bagcwalisa amafomu athi Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82). Uma kunoshintsho oluthile esimweni sevolontiya, njengalapho lithutha noma lituswa njengenceku ekhonzayo noma umdala, kufanele kugcwaliswe ifomu elisha lithunyelwe ngokushesha ekomitini. Uma ikheli levolontiya noma inombolo yocingo ishintsha noma uma lingasenakho ukuma okuhle nebandla, abadala kufanele bazise iKomiti Yokwakha Yesifunda ngencwadi. Amafomu i-S-82 agcwalisiwe asemafayilini ebandla kufanele anikezwe umbonisi ojikelezayo ukuze awahlole lapho ehambele ibandla.

◼ Sihlela omunye umhlangano okhethekile wosuku olulodwa wolimi lwabakhuluma ngezandla eHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof ngo-May 13, 2007. Kuyoba nomhlangano wesifunda wolimi lwezandla ngo-August 25 no-26, 2007, endaweni efanayo. Ngaphezu kwalokho, siyajabula ukwazisa abasensimini yezithulu ukuthi kuhlelwe umhlangano wokuqala wesigodi wezinsuku ezintathu wolimi lwezandla ngo-December 14-16, 2007, eHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof. Senza lesi saziso kusenesikhathi ukuze abaningi ngangokunokwenzeka abasensimini yezithulu eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane bakwazi ukuba khona.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Lapho nishayela ihhovisi legatsha ucingo, sicela nikhumbule lokhu okulandelayo: (1) Ngaphandle kwalapho kunesimo esiphuthumayo, uma nishayela amalungu omkhaya waseBethel ucingo sicela nikwenze ngemva kwesikhathi somsebenzi. (2) Uma nishaya ucingo maqondana nenkinga noma nifuna ukubuza okuthile, sicela nisho ngokucacile ukuthi nishaya nikuphi nendaba enifisa kuxoxwe ngayo. Asibakhuthazi abadala ukuba bacele umzalwane othile ngoba kungenzeka ukuthi sewabelwe komunye umnyango noma usuke engatholakali ukuze anisize. Umuntu obamba izingcingo anganidlulisela emnyangweni ofanele ozonisiza. Sicela nizame ukwenza izingxoxo zenu zibe mfushane ngangokunokwenzeka ukuze kongiwe isikhathi esibalulekile. (3) Uma unenkinga ongathanda ukuba ixazululwe, sicela uqale uyixoxe nabadala basebandleni lakho ngaphambi kokuba ushayele ihhovisi legatsha. Basesimweni esihle kakhulu sokukusiza emibuzweni noma ezinkingeni onazo. Ngaphandle kwalapho kuyindaba ephuthumayo, sinikhuthaza NONKE, kuhlanganise nabadala, ukuba nibhale incwadi echaza inkinga eninayo. Siyokujabulela ukuyicabangela ngokushesha leyo nkinga.—Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 1992, ikhasi 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela