IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Siyajabula ukubika ukuthi ngo-2006 imikhankaso yensimu engabelwe yaphumelela kakhulu. UJehova wayibusisa imizamo yabamamezeli abangu-13 541 basemabandleni angu-412 aseNingizimu Afrika, Botswana, Lesotho, Namibia naseSwazini ababa nengxenye kulo mkhankaso. Umsebenzi wabo waphumela ekuhambiseni izincwadi ezingu-121, izincwajana ezingu-60-859, nomagazini abangu-92 749 kubantu abanesithakazelo. Benza izimpindelo ezingu-11 427, baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-1 630. Amaphayona akhethekile esikhashana angu-27 esewonke nawo ahlanganyela kulo mkhankaso, esebenza ezindaweni nasemadolobheni akude. Ngokokuqala ngqá kwanakwa ngokukhethekile insimu yezithulu ngokwabela amaphayona akhethekile esikhashana amabili ukuba asebenze insimu yezithulu eThekwini. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa imizamo yethu ekusabeleni esicelweni sokumemezela uMbuso ngamandla amakhulu emkhankasweni wensimu engabelwe ka-2007.
◼ Kwaqhutshwa imihlangano yesigodi engu-61 enesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!” eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Inani elihlanganisiwe lababekhona laba ngu-176 835 kwabhapathizwa abangu-2 405. Siyakwazisa kakhulu ukulungiselela kwabo bonke abazalwane nokunikeza kwabo izinkulumo kulesi simiso esakhayo ngokomoya futhi sibonga izinkulungwane zamavolontiya ezenzela bonke ababekhona izinkonzo ezibaluleke kakhulu.