Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/07 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-April 9
  • Isonto Eliqala Ngo-April 16
  • Isonto Eliqala Ngo-April 23
  • Isonto Eliqala Ngo-April 30
  • Isonto Eliqala Ngo-May 7
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 4/07 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-April 9

INgoma 201

10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhuthaze bonke ukuba babuke idrama ekuyi-DVD ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? ukuze balungiselele ingxoxo yangesonto elizayo eMhlanganweni Wenkonzo. Khuluma ngebhokisi elithi “Main Menu,” bese uchaza indlela yokusebenzisa le DVD. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-April 15 ne-Phaphama! ka-April. Komunye wale miboniso, ummemezeli makasebenzise ukusikisela okusesigabeni 3 sekhasi 3 lale Nkonzo Yethu YoMbuso ukuze abuze umbuzo azowuphendula lapho enza impindelo.

15 imiz: “Sonke Singaba Nengxenye Ekwenzeni Abafundi Abasha.”a Lapho nixoxa ngesigaba 4, cela izilaleli zilandise ukuthi amalungu ebandla azikhuthaza kanjani ngaphambi kokuba zibhapathizwe. Ungahlela kusengaphambili ukuba kube noyedwa noma ababili abazolandisa.

20 imiz: “Indlela Yokushintsha Abantu Esibahambisele Omagazini Babe Yizifundo ZeBhayibheli.”b Hlanganisa nomboniso omfushane wokusikisela okukodwa okusesigabeni 2. Khumbuza abamemezeli ukuthi bangasibika isifundo seBhayibheli uma siqhutshwe kabili ngemva kokubonisa umuntu ukuthi siqhutshwa kanjani futhi kunesizathu sokukholelwa ukuthi leso sifundo sizoqhubeka.

INgoma 43 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 16

INgoma 161

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.

15 imiz: ‘Khuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngokungesabi.’c Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imibhalo ekhonjiwe.

20 imiz: “Uyokwenzani Ngokuphila Kwakho?”—Ingxenye 1.d Ngemva kokukhulumela izigaba 1-2 kafushane, ngena engxoxweni ngombuzo ngamunye osezigabeni 3-4. Lapho nixoxa ngombuzo 4 esigabeni 3, makufundwe yomibili leyo mibhalo. Ekuphetheni, bukeza ibhokisi elithi “Main Menu.” Bakhuthaze bonke ukuba babukele ingxenye ethi “Interviews [Izingxoxo]” nethi “Supplementary Material [Ukwaziswa Okwenezelwe]” kuyi-DVD lapho belungiselela ingxoxo yoMhlangano Wenkonzo wesonto elizayo.

INgoma 207 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 23

INgoma 215

10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-May 1 ne-Phaphama! ka-May.

10 imiz: Bheka! Ukukhanya Kuyamangalisa! Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2007, amakhasi 12-14.

25 imiz: “Uyokwenzani Ngokuphila Kwakho?”—Ingxenye 2.e Hlala engxoxweni yombuzo ngamunye osezigabeni 5-7. Phetha ngokunxusa okunomusa okusesigabeni 8.

INgoma 172 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 30

INgoma 186

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-April.

20 imiz: Izidingo zebandla.

15 imiz: Ngingazishumayeza Kanjani Izingane Engifunda Nazo Esikoleni? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Phaphama! ka-April 8, 2002, amakhasi 14-16. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okuhle eziye zakuthola lapho zishumayeza ezifunda nabo esikoleni.

INgoma 44 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 7

INgoma 164

10 imiz: Izaziso zebandla.

15 imiz: Amalungiselelo Ezindawo Zokukhulekela. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esahlukweni 11 sencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.

20 imiz: “Lapho Abantu Bengekho Ekhaya.”f Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo.

INgoma 178 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

f Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela