Sonke Singaba Nengxenye Ekwenzeni Abafundi Abasha
1 Umfundi omusha akawona umphumela wemizamo yomuntu oyedwa nje kuphela. UJehova angasebenzisa zonke “izisebenzi ezikanye” naye ukuba zisize umfundi weBhayibheli akhule ngokomoya. (1 Kor. 3:6-9) Thina ngabanye asigcini nje ngokusiza abasanda kuhlanganyela ngezimpendulo zethu ezisuka enhliziyweni emihlanganweni yobuKristu kodwa nangokuziphatha kwethu okuhle, okunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi umoya kaNkulunkulu uyasebenza ekuphileni kwethu. (Joh. 13:35; Gal. 5:22, 23; Efe. 4:22, 23) Yikuphi okunye okwengeziwe okungenziwa ukuze kusizwe abasanda kuhlanganyela?
2 Njengebandla: Sonke singabonisa isithakazelo kulabo abaqala ukuza emihlanganweni ngokubabingelela ngemfudumalo futhi sixoxe nabo ngaphambi nangemva komhlangano. Icabanga ngokuya kwayo okokuqala ebandleni, enye indoda yathi: “Ngosuku olulodwa nje, ngahlangana nabantu abaningi engangingabazi nhlobo ababebonisa uthando ngobuqotho kunalabo engake ngahlangana nabo esontweni engakhuliselwa kulo. Kwaba sobala ukuthi ngithole iqiniso.” Yabhapathizwa ezinyangeni ezingu-7 ngemva kokuya kwayo okokuqala emhlanganweni.
3 Ncoma umfundi weBhayibheli ngobuqotho njengoba ethuthuka ngokomoya. Ingabe ubelokhu ekhuthazelela ukuphikiswa? Ingabe uba khona njalo emihlanganweni? Ingabe uye waqunga isibindi waphendula? Ingabe uye wabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini noma uqale ukuhlanganyela enkonzweni? Mncome ngentuthuko aseyenzile. Lokhu kuyomqabula futhi kumqinisekise.—IzAga 25:11.
4 Njengomqhubi Wesifundo SeBhayibheli: Abanye abamemezeli baye bakwazi ukusiza abantu ababafundela iBhayibheli ukuba bajwayelane namalungu ebandla ngokucela abanye abamemezeli ukuba bahambe nabo lapho beyobafundela. Memela umfundi emihlanganweni yebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka. Lapho eqala ukuza emihlanganweni, qiniseka ukuthi uyamethula kwabanye. Ingabe ushikashikana nendaba yokunqoba umkhuba omubi, njengokubhema? Ingabe abendlu yakhe bamelene nokufunda kwakhe? Kungase kumzuzise ukuxoxa nommemezeli owake wabhekana futhi wanqoba inselele efanayo.—1 Pet. 5:9.
5 Abantu abasanda kuhlanganyela badinga ukusekela kwebandla okungokomoya. Sonke singabasiza ukuba bathuthuke ngokubabonisa isithakazelo esiqotho.