‘Khuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngokungesabi’
1 Ingabe ngezinye izikhathi uke ungabaze ukukhuluma ngokholo lwakho uma kuvela ithuba esikoleni noma emsebenzini? Ingabe ukuthola kuyinselele ukushumayela ngokwethukela ezihlotsheni nakomakhelwane noma mhlawumbe kubantu ongabazi? Yini eyosisiza sonke ukuba sibambe wonke amathuba afanelekayo ‘okukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi’?—Fil. 1:14.
2 Ungazindeli: Ingabe ubuyozindela ekuvikeleni umngane wakho oseduze noma isihlobo esimangalelwa ngamanga? UJehova, uMngane wethu omkhulu, ubelokhu emelelwa kabi kuwo wonke la makhulu eminyaka. Sinelungelo eliyingqayizivele lokunikeza ubufakazi obumelela uNkulunkulu wethu omkhulu! (Isaya 43:10-12) Uthando olujulile ngoJehova lungasisiza ukuba simelane nemizwa yokuzinyeza noma ukwesaba futhi lungasishukumisela ukuba sikhulume, singazindeli ekushumayeleni iqiniso ngesibindi.—IzE. 4:26, 29, 31.
3 Khumbula ukuthi isigijimi sethu siyizindaba ezinhle. Sizobalethela izinzuzo zaphakade labo abasilalelayo. Ukugxila ekubalulekeni komsebenzi wokushumayela kunokugxila kithi ngokwethu noma kubaphikisi bethu kuyosisiza ukuba sishumayele ngesibindi.
4 Izibonelo Zabanye: Singathola amandla enkambweni yabanye abantu abathembekile abakhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi. Ngokwesibonelo, u-Enoke wasimemezela ngesibindi isahlulelo sikaJehova ezonini ezazingamesabi uNkulunkulu. (Jude 14, 15) UNowa washumayela ngokwethembeka kubantu ababenganaki. (Math. 24:37-39) AmaKristu ekhulu lokuqala, ‘ayengafundile futhi engabantu abavamile,’ aqhubeka eshumayela naphezu kokuphikiswa ngesihluku. (IzE. 4:13, 18-20) Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokuvamile baba nezindaba zokuphila zabantu besikhathi sanamuhla abaye banqoba ukwesaba abantu futhi baba abavangeli abashisekayo ngenxa yokubonisa ukholo kuJehova.
5 Singaba nesibindi ngokucabangela inkambo yokuphila yezinceku ezithembekile zakudala ezabhekana nezimo ezinzima. (1 AmaKh. 19:2, 3; Marku 14:66-71) ‘Zaqunga isibindi ngoNkulunkulu’ zakhuluma ngokungesabi. Nathi singenza okufanayo!—1 Thes. 2:2.