Ingabe Ushumayela Ngesibindi?
1 Naphezu kokuboshwa nokusongelwa abaphikisi, uPetru noJohane baqhubeka bememezela isigijimi soMbuso ngesibindi. (IzE. 4:17, 21, 31) Kusho ukuthini ngathi namuhla ukushumayela ngesibindi?
2 Ukufakaza Ngesibindi: Igama elithi “isibindi” linomqondo ofanayo nelithi “ukungesabi,” okusho “ukungesabi ngokuphelele, ukuba namandla nokukhuthazela.” KumaKristu eqiniso, ukushumayela ngesibindi kusho ukungesabi ukukhuluma lapho kuvela ithuba elifanele lokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. (IzE. 4:20; 1 Pet. 3:15) Kusho ukuthi asinamahloni ngezindaba ezinhle kwabanye. (IHu. 119:46; Roma 1:16; 2 Thim. 1:8) Ngakho, isibindi siyimfanelo edingekayo ukuze sifeze umsebenzi wethu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kulesi sikhathi sokuphela. Sisishukumisela ukuba sihlanganyele izindaba ezinhle nabantu noma kuphi lapho bengatholakala khona.—IzE. 4:29; 1 Kor. 9:23.
3 Isibindi Esikoleni: Ingabe ukuthambekela kokwesaba noma ukuba namahloni kukwenza kube nzima ukushumayela kofunda nabo? Ngezinye izikhathi akulula; empeleni kungase kube inselele ngempela. Nokho, uma uthandazela isibindi sokushumayela kwabanye uJehova uyokuqinisa. (IHu. 138:3) Isibindi siyokusiza ukuba uzichaze njengomunye woFakazi BakaJehova futhi ukwazi ukubhekana nokuhlekwa. Ngenxa yalokho, ukushumayela kwakho esikoleni kungase kusindise labo abakulalelayo.—1 Thim. 4:16.
4 Isibindi Emsebenzini: Ingabe waziwa njengomunye woFakazi BakaJehova emsebenzini? Ukushumayela kulabo osebenza nabo kuwukuphela kwendlela ongabafinyelela ngayo ngezindaba ezinhle. Futhi isibindi sakho siyokusiza ukuba ucele emsebenzini isikhathi sokuya emihlanganweni yobuKristu yebandla nakweyesigodi.
5 Isibindi Lapho Uvivinywa: Kubalulekile ukuba nesibindi lapho sibhekene nokuphikiswa. (1 Thes. 2:1, 2) Kusisiza ukuba sibambelele ngokuqinile okholweni lwethu lapho sibhekene nokusongelwa, ukuhlekwa noma ukushushiswa ngokuqondile. (Fil. 1:27, 28) Kusisiza ukuba sime siqinile lapho sicindezelelwa ukuba sihlehle ezindinganisweni zikaNkulunkulu wethu, uJehova. Kusiqinisela ukuba silondoloze ukuthula kwethu lapho abanye bevusa impikiswano.—Roma 12:18.
6 Kungakhathaliseki ukuthi ibuphi ubunzima esibhekana nabo, kwangathi singakhuthazela ekushumayeleni izindaba ezinhle ngesibindi.—Efe. 6:18-20.