ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-December 11
INgoma 174
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-December 15 ne-Phaphama! ka-December. Komunye wale miboniso, bonisa indlela yokuphendula umuntu ongase avimbe ingxoxo ngokuthi “Anginasithakazelo.”—Bheka incwadi Ukubonisana, k. 16.
15 imiz: ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2007. Inkulumo nezingxoxo eziqhutshwa umbonisi wesikole. Xoxa ngamaphuzu adinga ukugcizelelwa ebandleni athathwe esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2006. Chaza ukuthi umbonisi wesikole akayimemezeli kusengaphambili imfanelo yokukhuluma umfundi asebenzela kuyo. Njengoba sizoqedela ukufunda imiBhalo YesiHebheru kusuka ku-Isaya 24 kuya ekupheleni kukaMalaki ngo-2007, lo nyaka uzoba isikhathi esikahle ngabazalwane ababelwe amaphuzu avelele eBhayibheli nabanye abakhulumela amaphuzu athile ukuba basebenzise izincwadi zethu ezikhanyisa amaphuzu akulezi zincwadi zesiprofetho. Xoxa nabamemezeli ababili noma abathathu abaphakathi kwalaba bantu abalandelayo: umfundi osanda kubhalisa esikoleni, umfundi osemusha othuthuka kahle nomfundi ongumakadebona. Bacele balandise ngethonya lesi sikole esinalo enkonzweni yabo nasesimweni sabo esingokomoya. Bakhuthaze bonke ukuba bakhuthalele ukufeza izabelo zabo, ukuhlanganyela emaphuzwini avelele eBhayibheli nokusebenzisa ukusikisela okunikezwa masonto onke okutholakala encwadini ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
20 imiz: “Ungaphelelwa Uthando Owawunalo Ekuqaleni.”a Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba ziphawule okuthile ngemiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 193 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 18
INgoma 150
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bukeza iBhokisi Lemibuzo. Chaza amalungiselelo akhethekile enkonzo yasensimini ngo-December 25 no-January 1.
15 imiz: “Buyela Kubo Bonke Ababonisa Isithakazelo Esithile.”b Cela izilaleli ukuba zichaze ukuthi ziye zakwazi kanjani ukuthola imininingwane yokuxhumana nabantu ababonisa isithakazelo eziye zahlangana nabo lapho zishumayela ngokwethukela noma lapho zenza umsebenzi wasemgwaqweni, futhi zicele ukuba zilandise nanoma yikuphi okuvelele eziye zahlangabezana nakho lapho zibuyela kulabo bantu. Ungacela oyedwa noma ababili ukuba balungiselele izimpendulo zabo kusengaphambili.
20 imiz: “Umoya Wokuzinikela Uletha Izibusiso.”c Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abaphawulekayo ngomoya wabo wokuzinikela. Baye bawubonisa kanjani lo moya? Ikuphi ukuzivumelanisa nezimo okuye kwadingeka, futhi baye bakwazi kanjani ukukwenza lokho? Iziphi izibusiso abaye bazijabulela ngenxa yalokho?
INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 25
INgoma 210
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-January 1 ne-Phaphama! ka-January. Ekuphetheni intshumayelo ngayinye, buza umbuzo oshukumisa ingqondo ongaphendulwa ekuhambeleni okulandelayo kusetshenziswa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ingabe Unensimu Yakho Siqu?”d Hlanganisa namaphuzu amafushane aphawulwe umbonisi wenkonzo maqondana nemingcele yesabelo sensimu yebandla, ukuthi insimu isetshenzwa kaningi kangakanani nokuthi angakanani amathuba okutholakala kwensimu yomuntu siqu.
INgoma 219 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 1
INgoma 158
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-December.
15 imiz: Ukubika Intuthuko Yenkonzo. Inkulumo nengxoxo esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, kusukela esihlokwaneni esisekhasini 83 kuya ekupheleni kwesahluko.
20 imiz: “Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokungakhethi Lapho Ushumayela.”e Lapho nixoxa ngencwadi yabaseRoma 1:14, ekhonjwe ngasekupheleni kwesigaba 2, hlanganisa namaphuzu amafushane atholakala kuyi-Insight, uMqulu 1, ikhasi 255, isigaba sokuqala ngaphansi kwesihloko esithi “Barbarian.” Ngemva kokuxoxa ngesigaba 3, bukeza izinyathelo ezintathu ezichazwe ekhasini 2 lencwajana ethi Good News for People of All Nations, bese ubonisa indlela yokusebenzisa le ncwajana kubantu abasensimini yenu abakhuluma olunye ulimi.
INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.