Buyela Kubo Bonke Ababonisa Isithakazelo Esithile
1 Abaningi kithi baseqinisweni namuhla ngenxa yokuthi othile waqaphela indlela esasabela ngayo kahle esigijimini soMbuso wayesebuya ngesineke—mhlawumbe izikhathi eziningana—ukuze ahlakulele leso sithakazelo. Ngokufanayo, nathi kufanele sibuyele ngobuqotho kubo bonke ababonisa isithakazelo esithile. Empeleni, ukubuyela kubantu kuhlanganisiwe emsebenzini wethu ‘wokwenza abafundi.’—Math. 28:19, 20.
2 Mbone Umuntu Onesithakazelo: Ngisho noma umuntu engazamukeli izincwadi, ubuso bakhe, isimo sezwi, noma lokho akushoyo kungase kubonise izinga elithile lokwazisa ngesigijimi soMbuso. Ngaleso sizathu singase sibuyele kuye. Omunye umzalwane wabuyela kothile kwaze kwaphela amasonto amahlanu elandelana ngaphandle kokuhambisa incwadi. Lapho emhambela okwesithupha, lowo muntu wayamukela incwadi, futhi ekugcineni kwaqalwa isifundo seBhayibheli.
3 Uma unomuzwa wokuthi umuntu unesithakazelo, buyela ngokushesha, mhlawumbe ngemva kwezinsuku ezimbalwa. Ungamniki “omubi” ithuba lokuhlwitha lokho obekuhlwanyelwe enhliziyweni yalowo muntu. (Math. 13:19) Qiniseka ukuthi uyaligcina izwi lakho uma wenze amalungiselelo okubuyela ngesikhathi esithile osibekile.—Math. 5:37.
4 Emsebenzini Wasemgwaqweni: Ingabe uyazimisela ukulandelela abantu ababonise isithakazelo obathole emsebenzini wasemgwaqweni noma lapho ushumayela ngokwethukela? Ekuphetheni ingxoxo yenu, ungase uthi: “Ngiyijabulele ingxoxo yethu. Ngingakutholaphi ukuze siqhubeke nale ngxoxo?” Uma kufaneleka, abanye abamemezeli bakhetha ukunikeza abantu ababonisa isithakazelo izinombolo zabo zocingo noma bacele ezalabo bantu. Uma abantu bekubona njalo umi endaweni eyodwa emsebenzini wasemgwaqweni, bangase banganqikazi ukukunika izinombolo zabo zocingo noma amakheli. Ngisho noma benqaba ukukunika imininingwane yokuthi ungabathola kuphi, usengazama ukuthuthukisa isithakazelo sabo lapho uhlangana nabo emgwaqweni ngokuzayo.
5 Siyajabula lapho sibona izitshalo esiye sazinisela futhi sazihlakulela esivandeni zichuma. Ngokufanayo, singathola injabulo enkulu ngokubuyela kubantu esihlangana nabo futhi sibasize ukuba bathuthuke ngokomoya. (1 Kor. 3:6) Zibekele umgomo wokubuyela kubo bonke ababonisa isithakazelo ngezinga elithile.