Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/06 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 10/06 k. 7

IZaziso

◼ Ngo-October: Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.

◼ Njengoba u-December enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, uyoba inyanga ekahle yokukhonza njengamaphayona asizayo.

◼ Le Nkonzo Yethu YoMbuso inesenezelo ‘seSimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2007,’ ngakho kufanele nisigcine ukuze nisisebenzise phakathi nawo wonke unyaka ka-2007.

◼ I-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge iyocatshangelwa eMhlanganweni Wenkonzo ka-January. Uma abamemezeli beyidinga, banga-oda i-DVD noma ikhasethi le-video ebandleni ngokushesha ngangokunokwenzeka.

◼ Ngeke kudingeke ukuba ni-ode izimemo zeSikhumbuzo sika-2007 ngoba ibandla ngalinye liyothunyelelwa zona kusenesikhathi. Uma amabandla ehlanganyela iHholo LoMbuso, umxhumanisi wabaphathi bezincwadi kufanele aqiniseke ukuthi ibandla ngalinye eliseqenjini labo lezincwadi lithola isitokwe elisithunyelelwe. Kusukela ngo-2007 kuqhubeke, izimemo zeSikhumbuzo ngeke zisashintsha unyaka nonyaka, ngakho amabandla kufanele agcine isitokwe azosisebenzisa unyaka nonyaka. Abamemezeli kufanele baqiniseke ukuthi babhala isikhathi nekheli ezimemweni zeSikhumbuzo lapho kudingeka kuphela, ngoba izimemo ezisele zingasetshenziswa ngonyaka olandelayo uma zingakabhalwa lutho. Uma nidinga inani elengeziwe noma ezinye izilimi ngaphandle kwalezo enizithunyelelwe, ningathumela i-oda nge-Literature Request Form (S-14). Sizani nibhale ukuthi zinezela kulezo ezithunyelwe. Izimemo zeSikhumbuzo zizotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, iSipedi, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu.

◼ Siyadabuka ukusho ukuthi alikho ilungiselelo lokuba abazalwane balande ama-oda ezincwadi amabandla abo eBethel. Ibandla ngalinye lisohlwini olumisiwe oluthunyelelwa izincwadi futhi ama-oda adilivwa ngokwalesi simiso. Ngenxa yalo msebenzi othe xaxa asikwazi ukuphazamisa lesi simiso ukuze silungise izincwadi ezizolandwa. Kodwa-ke, abazalwane bangawashiya amafomu abo e-Literature Request Form (S-14) lapho bevakashele eBethel.

◼ USuku Lukamagazini olukhethekile luyoba ngo-April 14, 2007. Sikhuthaza bonke ukuba baqale ukuhlela manje ukuze bahlanganyele ngokugcwele ngonyaka ozayo. Amabandla kufanele athumele ama-oda awo akhethekile ngokushesha ngangokunokwenzeka.

◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-2007 iyonikezwa ngeSonto, April 15, 2007. Isihloko sale nkulumo siyomenyezelwa kamuva. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma enomhlangano ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 15.

◼ NgoMgqibelo, October 14, 2006, igatsha liyobe livaliwe ukuze lihlanzwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela