Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/06 k. 7
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 10/06 k. 7

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 30, 2006. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-September 4 kuya ku-October 30, 2006. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]

IZIMFANELO ZOKUKHULUMA

1. Kungani isimo sokuqiniseka sibalulekile lapho sikhuluma, futhi singakunciphisa kanjani ukukhathazeka? [be-ZU k. 135 isig. 5–k. 137 isig. 2, amabhokisi]

2. Lapho sibuzwa ngezinkolelo zethu, kungani kufanele sizame ukusebenzisa iBhayibheli lapho siphendula? [be-ZU k. 143 izig. 1-3]

3. Yini engasisiza ukuba sithuthukise ikhono lokusebenzisa iBhayibheli? [be-ZU k. 144, ibhokisi]

4. Kungani kubalulekile ukulisebenzisa njalo iBhayibheli lapho sifundisa enkonzweni, futhi singakukhuthaza kanjani ukusetshenziswa kwalo emihlanganweni yebandla? [be-ZU kk. 145-6, amabhokisi]

5. Sisuke sinamiphi imigomo emibili lapho sicela ukuba kufundwe umBhalo? [be-ZU k. 147 isig. 2]

ISABELO NO. 1

6. Imuphi umyalezo obaluleke kakhulu oqukethwe incwadi yamaHubo? [si-ZU k. 104 isig. 23]

7. IzAga zabhalwa futhi zahlanganiswa nini zaba umqulu? [si-ZU k. 107 isig. 5]

8. Siyini isaga, futhi kungani igama lesiHebheru lale ncwadi lifaneleka? [si-ZU k. 107 isig. 6]

9. KuzAga 2:1-5, sisho ukuthini isikhuthazo sokuqhubeka sifuna ulwazi nokuqonda ‘njengesiliva, nanjengengcebo efihliweyo’? [be-ZU k. 38 isig. 4]

10. Incwadi yezAga ibonisa kanjani yona ngokwayo ukuthi iyazuzisa? [si-ZU k. 109 isig. 19]

UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE

11. UDavide ‘wawududuza futhi wawuthulisa kanjani umphefumulo wakhe njengengane elunyulwe kunina,’ futhi singamlingisa kanjani? (IHu. 131:1-3)

12. Angasiduduza kanjani amazwi aphefumulelwe akumaHubo 139:7-12?

13. Iziphi ezinye zezibonelo zobukhulu bukaJehova ezishiwo kumaHubo 145 esingamdumisa ngazo emithandazweni yethu nasenkonzweni yasobala? (IHu. 145:3)

14. Kungayiphi indlela ukwesaba uJehova “kungukuqala kolwazi” futhi “kungukuqala kokuhlakanipha”? (IzAga 1:7; 9:10)

15. KuzAga 7:1, 2, yini ehlanganiswa “amazwi ami” kanye ‘nemiyalo yami’?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela