Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/06 kk. 3-6
  • Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2007

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2007
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Iziyalezo
  • ISIMISO
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 10/06 kk. 3-6

Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2007

Iziyalezo

Ngo-2007 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sizoqhutshwa ngendlela elandelayo.

IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele [bi12-ZU], INqabayokulinda [w-ZU], Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini [be-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU] nethi Ukubonisana NgemiBhalo (Uhlelo luka-1992) [rs-ZU].

Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo namazwi okwamukela izilaleli bese siqhubeka ngendlela echazwe ngezansi. Ngemva kwenkulumo ngayinye umbonisi wesikole uyokwethula inkulumo elandelayo.

IMFANELO YOKUKHULUMA: 5 imizuzu. Umbonisi wesikole, umeluleki ongumsizi, noma omunye umdala ofanelekayo uyodingida imfanelo yokukhuluma esekelwe encwadini ye-Sikole Senkonzo. (Emabandleni anabadala abambalwa, kungase kusetshenziswe nezinceku ezikhonzayo ezifanelekayo.)

ISABELO NO. 1: 10 imizuzu. Le nkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo, futhi iyosekelwa kuyi-Nqabayokulinda, kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, noma kwethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Kumelwe inikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi. Injongo akufanele kube ukuhlanganisa indaba nje kuphela, kodwa kufanele isikhulumi sigxile enzuzweni yangempela yendaba edingidwayo, siqokomise lokho okuyoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esisesimisweni. Kulindeleke ukuba abazalwane ababelwe le nkulumo baqikelele ukuba bangeqi esikhathini esabiwe. Bangase banikezwe iseluleko ngasese kuye ngesidingo.

AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: 10 imizuzu. Ngemizuzu yokuqala emihlanu, umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo kufanele abonise indlela indaba esebenza ngayo ebandleni. Angakhulumela noma iyiphi ingxenye yokufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto. Lokhu akufanele kube nje ukubukeza ingxenye eyabiwe. Injongo eyinhloko ukusiza izilaleli ziqonde ukuthi indaba iwusizo ngani futhi kanjani. Isikhulumi kufanele siqaphele ukuthi aseqeli ngale kwemizuzu emihlanu eyabelwe ingxenye yokuvula. Kufanele siqiniseke ukuthi kunemizuzu emihlanu ebekelwe ukuba izilaleli zihlanganyele ngokuphendula. Kufanele izilaleli zicelwe ukuba zikhulumele kafushane (ngemizuzwana engu-30 noma ngaphansi) lokho ezikuthandile ekufundweni kweBhayibheli nezinzuzo zako. Umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi abanezabelo kwamanye amakilasi.

ISABELO NO. 2: 4 imizuzu noma ngaphansi. Lesi yisabelo sokufunda esisingathwa umzalwane. Umfundi kufanele afunde indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo kakhulu ekusizeni abafundi ukuba bafunde ngokuqonda, ngendlela eshelelayo, bagcizelele umqondo ngokufanele, bashintshashintshe izwi, bahlabe ikhefu ngendlela efanele, bafunde nangendlela engokwemvelo.

ISABELO NO. 3: 5 imizuzu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Abafundi ababelwa le nkulumo bangase babelwe noma bazikhethele ukuhlelwa kwenkulumo okusohlwini olusekhasini 82 lencwadi ethi ISikole Senkonzo. Umfundi kufanele asebenzise isihloko asabelwe futhi abonise ukusebenza kwaso esicini esithile esingokoqobo nesiwusizo ensimini yebandla. Uma kungekho zikhombo eziwumthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Abafundi abasebasha kufanele babelwe izinkulumo ezinezikhombo. Umbonisi wesikole kufanele abhekisise ikakhulukazi indlela umfundi athuthukisa ngayo indaba yakhe nendlela asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngemiBhalo futhi aqonde amaphuzu enkulumo ayisihluthulelo. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa.

ISABELO NO. 4: 5 imizuzu. Umfundi kufanele athuthukise isihloko esabiwe. Uma kungekho zikhombo eziwumthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Uma yabelwe umzalwane, kufanele inikezwe njengenkulumo, isikhulumi sicabange ngezilaleli eHholo LoMbuso. Lapho yabelwe udade, kufanele ngaso sonke isikhathi inikezwe njengoba kuboniswe eSabelweni No. 3. Umbonisi wesikole angase asinikeze umzalwane iSabelo No. 4 noma nini lapho ebona kufaneleka. Sizani niphawule ukuthi izihloko ezinenkanyezi eceleni kufanele zabelwe abazalwane kuphela ukuze bazinikeze njengezinkulumo.

ISELULEKO: Umzuzu owodwa. Umbonisi wesikole ngeke asho kusengaphambili ukuthi umfundi usebenzela kuyiphi imfanelo yokukhuluma. Ngemva kweSabelo No. 2, No. 3 no-No. 4 umbonisi wesikole uyoncoma isici esithile asiphawulile enkulumweni. Injongo yakhe akukhona nje ukuthi “wenze kahle” kuphela, kodwa kunalokho, ukuveza izizathu eziqondile zokuthi kungani leso sici senkulumo siye saba yimpumelelo. Ngemva komhlangano, noma ngesinye isikhathi, umfundi ngamunye angase anikezwe iseluleko esengeziwe futhi esakhayo ngasese, kuye ngokwesidingo sakhe.

ISIKHATHI: Akukho nkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngokufanayo namazwi omeluleki. Abanikeza inkulumo yeSabelo No. 2 kuya ku-No. 4 kufanele bamiswe ngobuhlakani uma isikhathi sesiphelile. Uma abazalwane abasingatha inkulumo yokuqala ephathelene nemfanelo yokukhuluma, iSabelo No. 1, noma amaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli bedla isikhathi, kufanele balulekwe ngasese. Bonke kufanele basibhekisise isikhathi sabo. Isikhathi sesimiso sesisonke: Imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.

IPHEPHA LESELULEKO: Lisencwadini.

UMELULEKI ONGUMSIZI: Indikimba yabadala ingase ikhethe umdala ofanelekayo, uma ekhona omunye ngaphandle kombonisi wesikole, ukuba asingathe isabelo sokuba umeluleki ongumsizi. Uma ibandla linabadala abaningi, khona-ke umdala ohlukile ofanelekayo uyonakekela lesi sabelo unyaka ngamunye. Umsebenzi womeluleki ongumsizi kuyoba ukunikeza abazalwane abasingatha iSabelo No. 1 namaphuzu avelele eBhayibheli iseluleko ngasese, uma kudingeka. Akudingekile ukuba anikeze iseluleko ngemva kwenkulumo ngayinye enjalo enikezwa abadala noma izinceku ezikhonzayo.

UKUBUKEZA KOMLOMO: 30 imizuzu. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza komlomo. Kuyoqale kube nenkulumo yemfanelo yokukhuluma namaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli njengoba kuchazwe ngenhla. Ukubukeza komlomo kuyosekelwa ezinkulumweni ezinikezwe esikoleni phakathi nezinyanga ezimbili ezandulele, kuhlanganise nezangesonto lokubukeza. Uma ibandla linomhlangano wesifunda ngesonto lokubukeza, khona-ke ukubukeza (naso sonke isimiso salelo sonto) kufanele kuhlehliswe ngesonto bese kuthi isimiso salelo sonto elilandelayo siqhutshwe ngesonto lomhlangano wesifunda. Uma ibandla lenu lizobe lihanjelwe umbonisi wesifunda ngesonto lokubukeza, ingoma, imfanelo yokukhuluma namaphuzu avelele eBhayibheli, kufanele kuqhubeke njengoba kuhlelwe esimisweni. Inkulumo yokuyala (enikezwa ngemva kwenkulumo yemfanelo yokukhuluma) kufanelwe ithathwe esimisweni sesonto elilandelayo. ESikolweni Senkonzo Esingokwasezulwini sesonto elilandelayo kuyoba nenkulumo yemfanelo yokukhuluma kanye namaphuzu avelele eBhayibheli asesimisweni salelo sonto, bese kulandela ukubukeza komlomo.

ISIMISO

Jan. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 24-28 INgoma 33

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisa Indlela Inkulumo Ewusizo Ngayo (be-ZU k. 158 ¶2-4)

No. 1: Ukulungiselela Izabelo Zabafundi ZeSikole (be-ZU k. 43 ¶1–k. 44 ¶3)

No. 2: Isaya 26:1-18

No. 3: Ukukhipha Isisu—Kungani Kwenqatshelwe? (rs-ZU kk. 297 ¶1–k. 298 ¶3)

No. 4: ‘Singayigqoka Kanjani INkosi UJesu Kristu’? (Roma 13:14)

Jan. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 29-33 INgoma 42

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusiza Abanye Bathole Iphuzu (be-ZU k. 159 ¶1-4)

No. 1: Ukusebenza Ngesihloko Nokuhlelwa Kwenkulumo (be-ZU k. 44 ¶4–k. 46 ¶3)

No. 2: Isaya 30:1-14

No. 3: aUkuphendula Umuntu Othi: ‘Nginelungelo Lokunquma Ngezindaba Ezithinta Umzimba Wami’ (rs-ZU k. 298 ¶4)

No. 4: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi UJehova UNkulunkulu Uyazithanda Izingane

Jan. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 34-37 INgoma 222

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhetha Amagama (be-ZU k. 160 ¶1-3)

No. 1: Hlakulela Umbono KaJesu Ngokulungile Nokungalungile (w05-ZU 1/1 kk. 9-10 ¶11-15)

No. 2: Isaya 34:1-15

No. 3: Indlela Yokuhlakulela Uthando Lwangempela

No. 4: U-Adamu No-Eva—Ingabe Bangabantu Bangempela Basendulo? (rs-ZU kk. 220 ¶3–k. 222 ¶3)

Jan. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 38-42 INgoma 61

Imfanelo Yokukhuluma: Ulimi Oluqondakala Kalula (be-ZU k. 161 ¶1-4)

No. 1: Ungadangaliswa Ukuphikiswa (w05-ZU 1/1 k. 15 ¶16-18)

No. 2: Isaya 38:9-22

No. 3: bUkuphendula Umuntu Othi: ‘Isono Sika-Adamu Sasiyintando KaNkulunkulu’ (rs-ZU k. 222 ¶4, 5)

No. 4: Isizathu Sogwema Ukusola Izisusa Zabanye

Jan. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 43-46 INgoma 113

Imfanelo Yokukhuluma: Ukwehlukahluka Nokunemba Lapho Ukhuluma (be-ZU k. 161 ¶5–k. 163 ¶1)

No. 1: Isizathu Esenza Samukele Izahlulelo ZikaJehova (w05-ZU 2/1 kk. 23-4 ¶4-9)

No. 2: Isaya 45:1-14

No. 3: Kungani Kungasizi Ukukhulekela Okhokho? (rs-ZU k. 299 ¶1–k. 300 ¶6)

No. 4: cIsizathu Esenza AmaKristu Akugweme Ukuziqhathanisa Nabanye Ngenjongo Yokuncintisana Nabo

Feb. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 47-51 INgoma 79

Imfanelo Yokukhuluma: Amagama Aveza Umdlandla, Umuzwa Nobumnandi Bolimi (be-ZU k. 163 ¶2–k. 164 ¶3)

No. 1: Izwi LikaJehova Lisigcina Sihlanzekile Futhi Lisisiza Ukuba Sihlale Sithembekile (w05-ZU 4/15 kk. 11-12 ¶5-11)

No. 2: Isaya 50:1-11

No. 3: Okwenza Ukukhulekelwa Kokhokho Kungamjabulisi UJehova UNkulunkulu (rs-ZU k. 300 ¶7–k. 301 ¶3)

No. 4: Ingabe IBhayibheli Lithi Kubi Ukuphana Izipho?

Feb. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 52-57 INgoma 139

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokukhuluma Evumelana Nemithetho Yolimi (be-ZU k. 164 ¶4–k. 165 ¶1)

No. 1: Izwi LikaJehova Linikeza Isibindi (w05-ZU 4/15 k. 13 ¶12-14)

No. 2: Isaya 55:1-13

No. 3: Ukuphila Ukuphila Kokuzidela Kuyazuzisa

No. 4: Obani Abaphikukristu? (rs-ZU kk. 383-84)

Feb. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 58-62 INgoma 189

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusetshenziswa Kohlaka (be-ZU k. 166 ¶1–k. 167 ¶2)

No. 1: U-Isaya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 123 ¶34-9)

No. 2: Isaya 60:1-14

No. 3: Kungani Kuyinto Ethandekayo Ukuba Izigqila ZikaNkulunkulu?

No. 4: dUkubona Izihlubuki (rs-ZU k. 281 ¶1–k.282 ¶5)

Feb. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 63-66 INgoma 141

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuhlela Amaphuzu Akho (be-ZU k. 167 ¶3–k. 168 ¶1)

Ukubukeza Komlomo

Mar. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 1-4 INgoma 70

Imfanelo Yokukhuluma: Gcina Uhlaka Lwenkulumo Yakho Lulula (be-ZU k. 168 ¶2–k. 169 ¶5)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaJeremiya (si-ZU k. 124 ¶1-5)

No. 2: Jeremiya 3:1-13

No. 3: Injabulo Yangempela Igxomekephi?

No. 4: eKufanele Sizibheke Kanjani Izihlubuki? (rs-ZU k. 283 ¶1-7)

Mar. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 5-7 INgoma 159

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuthuthukisa Indaba Ngendlela Enengqondo (be-ZU k. 170 ¶1–k. 171 ¶2)

No. 1: Ukulungiselela Izinkulumo Zebandla (be-ZU k. 47 ¶1–k. 49 ¶1)

No. 2: Jeremiya 5:1-14

No. 3: UKristu Akazange Akhe Ibandla Phezu KukaPetru (rs-ZU k. 301 ¶4–k. 303 ¶4)

No. 4: Ukusebenzisa Isifundo Esiku-Eksodusi 14:11 Esikhathini Sethu

Mar. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 8-11 INgoma 182

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubeka Indaba Ngendlela Enengqondo (be-ZU k. 171 ¶3–k. 172 ¶5)

No. 1: Ukulungiselela Izinkulumo Zomhlangano Wenkonzo Nezinye Izinkulumo (be-ZU k. 49 ¶2–k. 51 ¶1)

No. 2: Jeremiya 10:1-16

No. 3: Sazi Kanjani Ukuthi U-Abrahama, UJobe NoDaniyeli Babenokholo Ovukweni?

No. 4: Zaziyini Izihluthulelo Ezasetshenziswa UPetru? (rs-ZU k. 303 ¶5–k. 306 ¶1)

Mar. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 12-16 INgoma 205

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Indaba Ehlobene Nesihloko Kuphela (be-ZU k. 173 ¶1-4)

No. 1: Isihlengo Sibonisa Ukulunga KukaNkulunkulu (w05-ZU 11/1 kk. 13-14)

No. 2: Jeremiya 12:1-13

No. 3: “Abalandeli Babaphostoli” Abawona AmaKristu Eqiniso (rs-ZU k. 306 ¶2–k. 308 ¶3)

No. 4: UmKristu Kufanele Aziqhenye Ngamuphi Umqondo?

Apr. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 17-21 INgoma 30

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuluma Ngamazwi Akho (be-ZU k. 174 ¶1–k. 175 ¶5)

No. 1: Ukulungiselela Izinkulumo Zeningi (be-ZU k. 52 ¶1–k. 54 ¶1)

No. 2: Jeremiya 20:1-13

No. 3: Iyolwelwa Kuphi I-Armagedoni? (rs-ZU k. 49 ¶2–k. 51 ¶1)

No. 4: fKufanele Sisibheke Kanjani Isiyalo?

Apr. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 22-24 INgoma 184

Imfanelo Yokukhuluma: Ukugwema Izingozi Ezihambisana Nokukhuluma Ngamazwi Akho (be-ZU k. 175 ¶6–k. 177 ¶2)

No. 1: Izinqumo Zesikhulumi (be-ZU k. 54 ¶2-4; k. 55, ibhokisi)

No. 2: Jeremiya 23:1-14

No. 3: Okwenza Ukuhlanganyela Enkonzweni Kusijabulise

No. 4: Obani Futhi Yini Eyobhujiswa E-Armagedoni? (rs-ZU k. 51 ¶2-7)

Apr. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 25-28 INgoma 27

Imfanelo Yokukhuluma: Lapho Abantu Befuna Incazelo (be-ZU k. 177 ¶3–k. 178 ¶3)

No. 1: Thuthukisa Ikhono Njengomfundisi (be-ZU k. 56 ¶1–k. 57 ¶2)

No. 2: Jeremiya 26:1-15

No. 3: Obani Abayosinda E-Armagedoni? (rs-ZU k. 51 ¶8–k. 52 ¶5)

No. 4: Umhlabathi Waqalekiswa Ngayiphi Indlela? (Gen. 3:17)

Apr. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 29-31 INgoma 148

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokukhuluma Esangxoxo (be-ZU kk. 179-80)

No. 1: “Yenza Umahluko” (be-ZU k. 57 ¶3–k. 58 ¶2)

No. 2: Jeremiya 31:1-14

No. 3: Kungani Ubukhulu BukaJehova Bungenamkhawulo?

No. 4: I-Armagedoni Ayisho Ukwehluleka Kothando LukaNkulunkulu (rs-ZU k. 52 ¶6–k. 53 ¶1)

Apr. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 32-34 INgoma 100

Imfanelo Yokukhuluma: Isimo Sezwi (be-ZU k. 181 ¶1-4)

Ukubukeza Komlomo

May 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 35-38 INgoma 165

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuphefumula Ngendlela Efanele (be-ZU k. 181 ¶5–k. 184 ¶1; k. 182, ibhokisi)

No. 1: Khuthaza Izilaleli Ukuba Zicabange (be-ZU k. 58 ¶3–k. 59 ¶3)

No. 2: Jeremiya 36:1-13

No. 3: Umuntu Akanakuba Phakathi Nendawo E-Armagedoni (rs-ZU k. 53 ¶2-5)

No. 4: AmaKristu Angabhekana Kanjani Nokungaqiniseki?

May 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 39-43 INgoma 56

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhulula Imisipha Eqinile (be-ZU k. 184 ¶2–k. 185 ¶3; k. 184, ibhokisi)

No. 1: Chaza Ukuthi Isebenza Kanjani, Futhi Ubeke Isibonelo Esihle (be-ZU k. 60 ¶1–k. 61 ¶2)

No. 2: Jeremiya 39:1-14

No. 3: Ithonya Likabani Eliqhubela Izizwe E-Armagedoni? (rs-ZU k. 53 ¶6-7)

No. 4: gKungani AmaKristu Elondoloza Ubumsulwa Ngesikhathi Sokuthandana

May 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 44-48 INgoma 122

Imfanelo Yokukhuluma: Umuntu Ubonisiwe Isithakazelo (be-ZU k. 186 ¶1-4)

No. 1: Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa (be-ZU k. 62 ¶1–k. 64 ¶1)

No. 2: Jeremiya 46:1-17

No. 3: Kuyini Ukuzikhohlisa, Futhi Singakuqaphela Kanjani?

No. 4: Ukubona IBhabhiloni Elishiwo IsAmbulo (rs-ZU k. 54 ¶1-2)

May 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 49-50 INgoma 95

Imfanelo Yokukhuluma: Ukulalelisisa (be-ZU k. 187 ¶1-5)

No. 1: Indlela Yokuqhuba Ingxoxo (be-ZU k. 64 ¶2–k. 65 ¶4)

No. 2: Jeremiya 49:14-27

No. 3: IBhabhiloni Lasendulo Lalaziwa Ngani? (rs-ZU k. 54 ¶3–k. 56 ¶3)

No. 4: Isizathu Sokuba Abazali Bafundele Izingane Zabo Ngokuzwakalayo

June 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 51-52 INgoma 166

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusiza Abanye Ukuba Bathuthuke (be-ZU k. 188 ¶1-4)

No. 1: UJeremiya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 129 ¶36-9)

No. 2: Jeremiya 52:1-16

No. 3: Ukungafuni Ukubuswa UNkulunkulu Kuwubuwula

No. 4: Okwenza Izinkolo Ezithi ZiwubuKristu Zibe Ingxenye YeBhabhiloni Elikhulu (rs-ZU k. 56 ¶4–k. 57 ¶3)

June 11 Ukufundwa kweBhayibheli: IsiLilo 1-2 INgoma 129

Imfanelo Yokukhuluma: Ukunikeza Usizo Olungokoqobo (be-ZU k. 188 ¶5–k. 189 ¶4)

No. 1: Isethulo Sencwadi YesiLilo (si-ZU kk. 130-1 ¶1-7)

No. 2: IsiLilo 2:1-10

No. 3: Isizathu Sokuba Kuphuthume Ukuphuma EBhabhiloni Elikhulu (rs-ZU k. 57 ¶4–k. 58 ¶5)

No. 4: Okwenza Umusa Wangempela Ungabi Ubuthakathaka

June 18 Ukufundwa kweBhayibheli: IsiLilo 3-5 INgoma 140

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuhlonipha Abanye (be-ZU k. 190 ¶1–k. 191 ¶1)

No. 1: IsiLilo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 132 ¶13-15)

No. 2: IsiLilo 4:1-13

No. 3: Lokho Okushiwo Ubhapathizo Nesizathu Sokuba Amakholwa Abhapathizwe (rs-ZU k. 223 ¶1-4)

No. 4: hIsizathu Esenza AmaKristu Eqiniso Angahileleki Kwezombangazwe

June 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 1-5 INgoma 1

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisa Ukuthi Uyamhlonipha Omunye Umuntu (be-ZU k. 191 ¶2–k. 192 ¶1)

Ukubukeza Komlomo

July 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 6-10 INgoma 26

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuluma Ngenhlonipho (be-ZU k. 192 ¶2–k. 193 ¶2)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaHezekeli (si-ZU kk. 132-3 ¶1-6)

No. 2: Hezekeli 7:1-13

No. 3: Okudingekayo Ukuze Umuntu Asondele KuJehova (Jak. 4:8)

No. 4: Ubhapathizo LwamaKristu Alusho Ukufafazwa, Futhi Akulona Olwezinsana (rs-ZU k. 224 ¶1-6)

July 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 11-14 INgoma 112

Imfanelo Yokukhuluma: Ukhulumé Ngokuqiniseka (be-ZU k. 194 ¶1–k. 195 ¶2)

No. 1: Masingayeki Ukwenza Okuhle (w05-ZU 6/1 kk. 29-30)

No. 2: Hezekeli 11:1-13

No. 3: Ingabe Ubhapathizo Lwamanzi Lususa Izono? (rs-ZU k. 224 ¶7–k. 225 ¶2)

No. 4: Kumelwe Sisiqonde Kanjani IsAmbulo 17:9-11?

July 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 15-17 INgoma 29

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Ukuqiniseka Okubonakaliswa Ngayo (be-ZU k. 195 ¶3–k. 196 ¶4)

No. 1: Melana Nokucabanga Okungalungile! (w05-ZU 9/15 kk. 26-8)

No. 2: Hezekeli 16:1-13

No. 3: Okushiwo Ukuba Onokuqonda (IzAga 13:16)

No. 4: Obani Ababhapathizwa Ngomoya Ongcwele? (rs-ZU k. 225 ¶3–k. 226 ¶5)

July 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 18-20 INgoma 193

Imfanelo Yokukhuluma: Ukungacunuli Kodwa Uqine (be-ZU k. 197 ¶1-3)

No. 1: Ukuthola Umbono Wobuzayo (be-ZU k. 66 ¶1–k. 68 ¶1)

No. 2: Hezekeli 18:19-29

No. 3: Ukubhapathizwa Ngomlilo Akufani Nokubhapathizwa Ngomoya Ongcwele (rs-ZU k. 226 ¶6–k. 227 ¶3)

No. 4: Ubufakazi Bokuthi UMbuso KaNkulunkulu Ungokoqobo

July 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 21-23 INgoma 35

Imfanelo Yokukhuluma: Isu Lokungacunuli Lapho Sifakaza (be-ZU k. 197 ¶4–k. 198 ¶4)

No. 1: Yazi Ukuthi Kufanele Uphendule Kanjani (be-ZU k. 68 ¶2–k. 70 ¶3)

No. 2: Hezekeli 23:1-17

No. 3: Izizathu Zokucabangela IBhayibheli (rs-ZU k. 59 ¶1–k. 60 ¶3)

No. 4: Imuphi Umbono Ofanele Ngobukhulu?

Aug. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 24-27 INgoma 37

Imfanelo Yokukhuluma: Amazwi Afanele Ngesikhathi Esifanele (be-ZU k. 199 ¶1-4)

No. 1: Ukuxhumana Ngokubhalelana (be-ZU kk. 71-3)

No. 2: Hezekeli 24:1-14

No. 3: UMose Wabekela AmaKristu Isibonelo Esihle Kakhulu Ngaziphi Izindlela?

No. 4: Ubufakazi Bokuphefumulelwa KweBhayibheli Obutholakala Ku-Isaya nakuJeremiya (rs-ZU k. 60 ¶4–k. 61 ¶3)

Aug. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 28-31 INgoma 123

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Isu Lokungacunuli Lapho Sinemikhaya Yethu Nabanye (be-ZU k. 200 ¶1-4)

No. 1: Qhubeka Uthuthuka (be-ZU k. 74 ¶1–k. 75 ¶3)

No. 2: Hezekeli 28:1-16

No. 3: Ukugcwaliseka Kweziprofetho ZikaJesu Kufakazela Ukuthi IBhayibheli Liphefumulelwe (rs-ZU k. 62 ¶1-2)

No. 4: EmiBhalweni, Lisho Ukuthini Igama Elithi “Zonda”?

Aug. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 32-34 INgoma 215

Imfanelo Yokukhuluma: Iyakha Futhi Iwusizo (be-ZU k. 202 ¶1–k. 203 ¶2)

No. 1: Sisebenzise Isipho Sakho (be-ZU k. 75 ¶4–k. 77 ¶2)

No. 2: Hezekeli 34:1-14

No. 3: Umoya KaNkulunkulu Usisiza Kanjani?

No. 4: IBhayibheli Linengqondo Ngokwesayensi (rs-ZU k. 62 ¶3–k. 64 ¶4)

Aug. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 35-38 INgoma 94

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yakho Yokukhuluma Mayizuzise (be-ZU k. 203 ¶3–k. 204 ¶1)

Ukubukeza Komlomo

Sept. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 39-41 INgoma 194

Imfanelo Yokukhuluma: Lapho Sixoxa Nesikholwa Nabo (be-ZU k. 204 ¶2–k. 205 ¶4)

No. 1: Kungani Kufanele Silithande Izwi LikaNkulunkulu? (w05-ZU 4/15 kk. 15-16 ¶3-6)

No. 2: Hezekeli 40:1-15

No. 3: Ingabe Abantu Bangamjabulisa Ngempela UNkulunkulu?

No. 4: iUkuphendula Abantu Abanenkinga NgeBhayibheli (rs-ZU k. 65 ¶1–k. 68 ¶1)

Sept. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 42-45 INgoma 77

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuphindaphinda Ngenjongo Yokugcizelela (be-ZU k. 206 ¶1-4)

No. 1: Lapho Ukuguga Kuba “Umqhele Wobuhle” (w05-ZU 1/15 kk. 8-9)

No. 2: Hezekeli 43:1-12

No. 3: Isizathu Esenza AmaKristu Angazigubhi Izinsuku Zokuzalwa (rs-ZU k. 406 ¶2–k. 408 ¶2)

No. 4: jSingalizwa Kanjani “Izwi Lezihambi”? (Johane 10:5)

Sept. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 46-48 INgoma 164

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuphindaphinda Ensimini Nalapho Unikeza Izinkulumo (be-ZU k. 207 ¶1–k. 208 ¶4)

No. 1: UHezekeli—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 137 ¶29-33)

No. 2: Hezekeli 47:1-14

No. 3: Okwenza AmaKristu Adede Egazini? (rs-ZU k. 71 ¶2–k. 73 ¶2)

No. 4: kOkwenza Ifa Elingokomoya Libe Isipho Esingcono Kakhulu Abazali Abangasipha Izingane Zabo

Sept. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 1-3 INgoma 179

Imfanelo Yokukhuluma: Isihloko Sikhanyisiwe (be-ZU k. 209 ¶1-3)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaDaniyeli (si-ZU kk. 138-9 ¶1-6)

No. 2: Daniyeli 2:1-16

No. 3: Isizathu Esenza Inani Elingu-144 000 Lithathwe Njengoba Linjalo (IsAm. 7:4)

No. 4: Okwenza AmaKristu Eqiniso Enqabe Ukumpontshelwa Igazi (rs-ZU k. 73 ¶3–k. 74 ¶3)

Oct. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 4-6 INgoma 14

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Isihloko Esifanele (be-ZU k. 210 ¶1–k. 211 ¶1; k. 211, ibhokisi)

No. 1: Kunini Lapho Kufaneleka Khona Ukucasuka? (w05-ZU 8/1 kk. 13-15)

No. 2: Daniyeli 4:1-17

No. 3: Singazilingisa Kanjani Izimfanelo Ezinhle ZikaMefibhosheti?

No. 4: lUkuphendula Onemibono Eqinile Ngokumpontshelwa Igazi (rs-ZU k. 75 ¶1–k. 77 ¶1)

Oct. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 7-9 INgoma 34

Imfanelo Yokukhuluma: Amaphuzu Asemqoka Enziwe Aqhama (be-ZU k. 212 ¶1–k. 213 ¶1)

No. 1: Vumela “Izwi” LikaJehova Likulonde (w05-ZU 9/1 kk. 28-31)

No. 2: Daniyeli 7:1-12

No. 3: Kusho Ukuthini Ukuzalwa Ngokusha? (rs-ZU k. 333 ¶1–k. 334 ¶2)

No. 4: Iziphi Izibusiso Ezikhethekile Ezitholakala Ngokuhlanganyela Njalo Enkonzweni Yasensimini?

Oct. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 10-12 INgoma 210

Imfanelo Yokukhuluma: Amaphuzu Asemqoka Angabi Maningi Kakhulu (be-ZU k. 213 ¶2–k. 214 ¶5)

No. 1: UDaniyeli—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 141-2 ¶19-23)

No. 2: Daniyeli 11:1-14

No. 3: Indlela Ukuthobeka Okungasisiza Ngayo Sinqobe Ukungezwani

No. 4: Ukusindiswa Akuxhomekile Ekuzalweni Ngokusha (rs-ZU k. 334 ¶3–k. 335 ¶2)

Oct. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Hoseya 1-7 INgoma 66

Imfanelo Yokukhuluma: Isethulo Esivusa Isithakazelo (be-ZU k. 215 ¶1–k. 216 ¶5)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaHoseya Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 143-5 ¶1-8, 14-17)

No. 2: Hoseya 5:1-15

No. 3: aUkusingatha Imibono Yabantu Ngokuzalwa Ngokusha (rs-ZU k. 335 ¶4–k. 336 ¶3)

No. 4: Izindlela AmaKristu Eqiniso Abonisa Ngazo Ukubekezela

Oct. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Hoseya 8-14 INgoma 59

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokwenza Abantu Bakunake Enkonzweni Yasensimini (be-ZU k. 217 ¶1-4)

Ukubukeza Komlomo

Nov. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Joweli 1-3 INgoma 166

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusho Isihloko Sakho Esethulweni (be-ZU k. 217 ¶5–k. 219 ¶2)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaJoweli Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 146-8 ¶1-5, 12-14)

No. 2: Joweli 2:1-14

No. 3: Okushiwo Ukuba ‘Nothando Oluphelele’ (1 Johane 4:18)

No. 4: Ukuvuma Izono Kumfundisi—Kungani Kuphambene NemiBhalo? (rs-ZU k. 329 ¶1–k. 330 ¶2)

Nov. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Amose 1-9 INgoma 211

Imfanelo Yokukhuluma: Iziphetho Eziphumelelayo (be-ZU k. 220 ¶1-3)

No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Amose Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 148-50 ¶1-6, 13-17)

No. 2: Amose 2:1-16

No. 3: Okwenza Ukufunda Ngokuzibonela Kungabi Indlela Engcono Yokufunda

No. 4: Ukuvuma Izono Ezenziwe KuNkulunkulu Nakubantu (rs-ZU k. 331 ¶3–k. 332 ¶1)

Nov. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Obadiya 1-21–Jona 1–4

INgoma 220

Imfanelo Yokukhuluma: Amaphuzu Okufanele Siwakhumbule (be-ZU k. 220 ¶4–k. 221 ¶4)

No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Obadiya NekaJona Nesizathu Sokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 151-3 ¶1-5, 10-14; kk. 153-5 ¶1-4, 9-12)

No. 2: Jona 1:1-17

No. 3: Isizathu Sokuba IPharadesi Elingokomoya Landulele IPharadesi Lasemhlabeni

No. 4: bKungani Izono Ezingathí Sina Kufanele Zivunywe Kubadala? (rs-ZU k. 332 ¶2-6)

Nov. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Mika 1-7 INgoma 18

Imfanelo Yokukhuluma: Enkonzweni Yasensimini (be-ZU k. 221 ¶5–k. 222 ¶6)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaMika Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 155-8 ¶1-8, 16-19)

No. 2: Mika 2:1-13

No. 3: Okushiwo Ukuba Nomoya Omnene

No. 4: Okwenza Kube Nengqondo Ukukholelwa Endalweni (rs-ZU k. 87 ¶1–k. 88 ¶2)

Dec. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Nahume 1–3–Habakuki 1–3

INgoma 137

Imfanelo Yokukhuluma: Lokho Okushiwoyo Kunembile (be-ZU k. 223 ¶1-5)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaNahume NekaHabakuki Nesizathu Sokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 158-60 ¶1-7, 11-12; kk. 161-3 ¶1-5, 12-14)

No. 2: Habakuki 1:1-17

No. 3: Ukuqonda Ukulandisa KweBhayibheli Ngendalo (rs-ZU k. 89 ¶1–k. 91 ¶1)

No. 4: Isizathu Esiyokwenza Kungabi Isicefe Ukuphila Phakade

Dec. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Zefaniya 1–3–Hagayi 1–2

INgoma 78

Imfanelo Yokukhuluma: ‘Ukubambelela Ngokuqinile Ezwini Elithembekile’ (be-ZU k. 224 ¶1-4)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaZefaniya NekaHagayi Nesizathu Sokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 163-6 ¶1-6, 10-12; kk. 166-8 ¶1-7, 13-16)

No. 2: Zefaniya 3:1-17

No. 3: Kungani Kuphambene NemiBhalo Ukudumisa Isiphambano? (rs-ZU k. 152 ¶3–k. 153 ¶3)

No. 4: cIngokomoya Linayiphi Indima Emshadweni?

Dec. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Zakariya 1-8 INgoma 209

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuhlola Ukuthi Indaba Inembile Yini (be-ZU k. 225 ¶1-3)

No. 1: Isethulo Sencwadi KaZakariya (si-ZU kk. 168-9 ¶1-7)

No. 2: Zakariya 7:1-14

No. 3: Umbono Wokuguqulwa KukaJesu Isimo Uye Wagcwaliseka Kanjani?

No. 4: Ingabe Iminyaka Yobudala Babantu Ngaphambi KukaZamcolo Yayibalwa Ngendlela Yanamuhla? (rs-ZU k. 178 ¶2-4)

Dec. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Zakariya 9-14 INgoma 202

Imfanelo Yokukhuluma: Iyaqondakala Kwabanye (be-ZU k. 226 ¶1–k. 227 ¶1)

No. 1: Incwadi KaZakariya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo Kanye Nesethulo Sencwadi KaMalaki Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 171-2 ¶23-7; kk. 172-5 ¶1-6, 13-17)

No. 2: Zakariya 10:1-12

No. 3: Kungani OFakazi BakaJehova Bethi UMbuso KaNkulunkulu Wamiswa Ngo-1914? (rs-ZU k. 179 ¶1–k. 181 ¶1)

No. 4: Singazilungiselela Kanjani Ushushiso?

Dec. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: Malaki 1-4 INgoma 118

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza Amagama Angajwayelekile (be-ZU k. 227 ¶2–k. 228 ¶1)

Ukubukeza Komlomo

[Imibhalo yaphansi]

a Kuye ngesikhathi esikhona, dingida indlela yokusabela emibonweni, ezinkolelweni eziqinile nasemazwini okuphikisa eyovumelana kangcono nezidingo zensimu yebandla.

b Kuye ngesikhathi esikhona, dingida indlela yokusabela emibonweni, ezinkolelweni eziqinile nasemazwini okuphikisa eyovumelana kangcono nezidingo zensimu yebandla.

c Yabela abazalwane kuphela.

d Yabela abazalwane kuphela.

e Yabela abazalwane kuphela.

f Yabela abazalwane kuphela.

g Yabela abazalwane kuphela.

h Yabela abazalwane kuphela.

i Kuye ngesikhathi esikhona, dingida indlela yokusabela emibonweni, ezinkolelweni eziqinile nasemazwini okuphikisa eyovumelana kangcono nezidingo zensimu yebandla.

j Yabela abazalwane kuphela.

k Yabela abazalwane kuphela.

l Kuye ngesikhathi esikhona, dingida indlela yokusabela emibonweni, ezinkolelweni eziqinile nasemazwini okuphikisa eyovumelana kangcono nezidingo zensimu yebandla.

a Kuye ngesikhathi esikhona, dingida indlela yokusabela emibonweni, ezinkolelweni eziqinile nasemazwini okuphikisa eyovumelana kangcono nezidingo zensimu yebandla.

b Yabela abazalwane kuphela.

c Yabela abazalwane kuphela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela