ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-October 9
INgoma 25
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma enye intshumayelo efanelekayo ensimini yenu, yenza umboniso wokuhambisa INqabayokulinda ka-October 15 ne-Phaphama! ka-October, kanye ne-Kingdom News No. 37.
15 imiz: “Siza Abanye Babe Abangane BakaNkulunkulu.”a Cela izilaleli zilandise ukuthi izibonelo zabanye kanye nomthandazo osuka enhliziyweni kubasize kanjani ukuba bathuthuke baze bafinyelele eqophelweni lokubhapathizwa.
20 imiz: Lungela Ukusakaza I-Kingdom News No. 37. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Bukeza amalungiselelo alo mkhankaso njengoba achazwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele. Khuthaza labo abanezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo ukuba babheke ukuthi ziyakufanelekela yini ukuhlanganyela kulo mkhankaso njengabamemezeli abangabhapathiziwe. Abazali nabo bangahlola ukuthi izingane zabo ziyafaneleka yini. Yithi qaphuqaphu ngezimfuneko ezisemakhasini 79-81 encwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.
INgoma 221 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 16
INgoma 84
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
20 imiz: Ukuzuza ESifundweni Sencwadi Sebandla. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kwethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, kusukela esihlokwaneni esisekhasini 69 kuya esihlokwaneni esisekhasini 72.
15 imiz: “Yini Eza Kuqala Kuwe?”b Cela abamemezeli ababelwe kusengaphambili ukuba balandise ukuthi baye basishintsha kanjani isimiso sabo ukuze bakwazi ukubeka kuqala izinto eziphathelene noMbuso futhi bachaze izibusiso abaye bazijabulela.
INgoma 172 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 23
INgoma 58
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, yenza umboniso wokuhambisa INqabayokulinda ka-November 1 ne-Phaphama! ka-November. Komunye wale miboniso, bonisa indlela yokuphendula ofuna ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Kungani nifika kaningi kangaka?”—Bheka incwadi Ukubonisana, k. 20.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Zuza Ngokugcwele Emihlanganweni Yenkonzo Yasensimini.”c Lapho nixoxa ngesigaba 3, hlanganisa namaphuzu aseBhokisini Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2001, isigaba 4, mayelana nokuthi kufanele kwenziwe njani lapho bengekho abazalwane abafanelekayo abazoqhuba lo mhlangano.
INgoma 143 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 30
INgoma 207
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini futhi ekhasini elingemuva babhale inani lamakhophi e-Kingdom News No. 37 abawahambisile.
20 imiz: “UMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova Ka-2006 Onesihloko Esithi ‘Ukukhululwa Kuseduze!’” kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2006.d Kufanele isingathwe unobhala webandla. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 1, funda incwadi ka-July 15, 2006, ephathelene nomhlangano wesigodi. Bakhuthaze bonke ukuba benze amalungiselelo omhlangano wesigodi ngokushesha ngangokunokwenzeka.
15 imiz: Okuhlangenwe Nakho Kokuhambisa I-Kingdom News No. 37. Cela abamemezeli ukuba balandise imiphumela ekhuthazayo abaye bayithola lapho besakaza i-Kingdom News No. 37. Bika ukuthi ingakanani insimu esihlanganisiwe kuze kube manje nokuthi yini ezodingeka ukuze kuhlanganiswe yonke insimu ngo-November 12. Yenza umboniso wempindelo kusetshenziswa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Khumbuza abamemezeli ukuba babuyise amakhophi e-Kingdom News abangeke bawahambise ngaphambi kokuba kuphele umkhankaso ukuze asetshenziswe abanye.
INgoma 136 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 6
INgoma 146
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusemakhasini 3-4 e-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, yenza umboniso wokuhambisa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu engxenyeni yesibili ka-November. Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zilandise imiphumela emihle eziyithole ngokusebenzisa le ncwadi ensimini noma emikhayeni yazo.
15 imiz: Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke. Inkulumo enikezwa ngumdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 2006, amakhasi 28-31.
20 imiz: “Hlalani Nilindele UJehova” esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2006.e Yisho umhlangano wesigodi ibandla elabelwe kuwo. Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi ukufaka ibheji lomhlangano ngaso sonke isikhathi lapho sisedolobheni lomhlangano kungalivula kanjani ithuba lokushumayela. Khuthaza izilaleli ukuba zibambe amathuba okufakaza ngokwethukela futhi zisebenzise ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) ukuze zibike isithakazelo ezisitholile.
INgoma 8 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.