Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/06 k. 1
  • Siza Abanye Babe Abangane BakaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanye Babe Abangane BakaNkulunkulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Ongasondela Ngayo KuNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Kungani Kufanele Sithandaze Singaphezi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 10/06 k. 1

Siza Abanye Babe Abangane BakaNkulunkulu

1 Namuhla, abantu bazo zonke izizwe bafundiswa izindlela zikaJehova. (Isaya 2:2, 3) Nokho, ukuze “bathele izithelo ngokukhuthazela,” kumelwe bathande uJehova. (Luka 8:15; Marku 12:30) Ngaphandle kwalolu thando, ngeke babe namandla okumelana namathonya amabi noma babe nesibindi sokwenza okufanele. Enye indlela yokusiza abanye ukuba babe nobuhlobo obuhle noJehova iwukubasiza bazise izimfanelo zakhe. Bakhuthaze ukuba bayicabangele ngokujulile indaba esencwadini ethi Sondela KuJehova.

2 Isibonelo Sakho: Izenzo zakho zingaba nethonya elinamandla ezinhliziyweni zabantu abafundelwa iBhayibheli. Uma bebona ukuthi uyabazisa ubungane bakho noJehova futhi bebona indlela obukuthinta ngayo ukuphila kwakho, bangase bashukumiseleke ukuba nabo bahlakulele lobo buhlobo. (Luka 6:40) Yebo, isibonelo sethu sinethonya elikhulu kwabanye kunalokho esikushoyo.

3 Isibonelo sabazali iyona ndlela ebalulekile abafundisa ngayo izingane zabo ukuba zithande uJehova. (Dut. 6:4-9) Umbhangqwana othile owawufuna ukukhulisa izingane zawo eqinisweni wacela amacebiso kubazali abaphumelelayo. Umyeni wathi: “Cishe bonke engaxoxa nabo babegcizelela isibonelo sabazali.” Ngakho, ngendlela abaphila ngayo, abazali bangabekela izingane zabo isibonelo esiphilayo salokho okushiwo ukuba “umngane kaJehova.”—Jak. 2:23.

4 Umthandazo Osuka Enhliziyweni: Ungasiza abanye ukuba bahlakulele ubungane noJehova ngokubafundisa ukuthandaza ngokusuka enhliziyweni. Ungase ubabonise umthandazo kaJesu oyisibonelo, kanye nemithandazo eminingi eqotho elotshwe emiBhalweni. (Math. 6:9, 10) Imithandazo yakho ingafundisa izingane zakho nabantu obafundela iBhayibheli indlela yokuthandaza. Lapho bezwa imithandazo yakho esuka enhliziyweni, babona indlela ozizwa ngayo ngoJehova. Bakhuthaze ukuba ‘baphikelele emthandazweni’ lapho bebhekene novivinyo. (Roma 12:12) Lapho bethola usizo lukaJehova ngezikhathi zobunzima, bayoqala ukumethemba futhi bamthande njengomngane weqiniso.—IHu. 34:8; Fil. 4:6, 7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela