Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Njengoba ayethole amandla ngomoya ongcwele, amaKristu okuqala asakaza izindaba ezinhle kabanzi ngenkuthalo enkulu. (IzE. 1:8; Kol. 1:23) Isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2007, esinesihloko esithi ‘Yibani Matasa Kakhulu Ngezwi,’ siyosisiza ukuba silingise isibonelo sawo esihle.—IzE. 18:5.
Ikhuluma ngezwi likaNkulunkulu, iNkosi uDavide yathi: “Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi.” (IHu. 19:7) Isimiso esilungiselelwe kahle somhlangano okhethekile wosuku olulodwa siyogcizelela ukubaluleka kwemiBhalo ‘ekuqondiseni izinto’ futhi siyosikhuthaza ukuba sisebenzise iZwi likaNkulunkulu lapho sishumayela nalapho sifundisa sinomuzwa wokuphuthuma. (2 Thim. 3:16, 17) Lesi simiso esisha siyosibonisa indlela esingazigwema ngayo izingibe futhi sizuze ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Siyosisiza nokuba sisebenzise iZwi likaNkulunkulu ekusizeni intsha nabasanda kuhlanganyela ukuba bathuthuke ngokomoya.
Qiniseka ukuthi uba khona lapho isimiso siqala, futhi ulalelisise. Bhala amaphuzu ongawasebenzisa ekuphileni kwakho. Bonisa ukuthi uyayazisa imfundo nezikhumbuzo esizitholayo, futhi uzindle ngendlela ohlela ukuzisebenzisa ngayo izinto esizifundile.
Isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa siyosenza silazise kakhulu iZwi likaNkulunkulu, sisikhumbuze ukuba siqhubeke sigxile ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko, futhi siyosibonisa indlela esingabasiza ngayo nabanye ukuba benze okufanayo. Ngakho zimisele ukuba ungaphuthelwa isiqondiso nemfundo engokomoya esiyinikwa uJehova ngale ndlela!—Isaya 30:20b, 21.