Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Aug. 15
“Singathanda ukuzwa umbono wakho ngokuthile okwashiwo uJesu. [Funda uMathewu 5:5.] Lapho lesi sithembiso sigcwaliseka, ingabe ucabanga ukuthi izimo emhlabeni ziyoba ngendlela ezingayo manje? [Lindela impendulo.] Lo magazini ubonisa indlela uJesu ayowushintsha ngayo umhlaba ngokwalokho okuchazwa iBhayibheli. Uchaza nokuthi obani abayokudla ifa lomhlaba.”
Phaphama! Aug.
“Ingabe ucabanga ukuthi siyoke sibabone abathandekayo bethu abafileyo? [Lindela impendulo.] Phawula isithembiso uJesu asenza ngokuphathelene nabafileyo. [Funda uJohane 5:28, 29.] Lesi sihloko sichaza lokho okwenzekayo lapho sifa, ngokombono weBhayibheli.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 28.
INqabayokulinda Sept. 1
“Abantu abaningi namuhla abasenandaba nenkolo. Ingabe ucabanga ukuthi ukuba ikholwa kwenza umuntu abe ngcono? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elabikezela ukuthi abanye abantu babeyokufuna enkolweni kulezi zinsuku zokugcina. [Funda eyesi-2 Thimothewu 4:3, 4.] Lo magazini uchaza indlela okusizuzisa ngayo ukukhulekela kweqiniso nendlela okumdumisa ngayo uNkulunkulu.”
Phaphama! Sept.
“Abantu bayazibuza ukuthi kuyavumelana yini nesayensi ukukholelwa kuNkulunkulu. Wena ucabangani? [Lindela impendulo, bese ufunda eyamaHebheru 3:4.] Le Phaphama! ekhethekile ihlola ubufakazi obuye benza abanye ososayensi bakholelwa kuMdali.”