ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-May 8
INgoma 2
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-May 15 ne-Phaphama! ka-May. Komunye umboniso, cela ummemezeli ahambise INqabayokulinda ka-May 1 neka-May 15 ne-Phaphama! ka-May kumuntu ongumzila kamagazini ongayitholanga INqabayokulinda ka-May 1. Lapho ebahambisa bobathathu, ukhulumela umagazini owodwa kuphela. Abamemezeli bangabavakashela abantu abayimizila yabo kamagazini kanye noma kabili ngenyanga.
20 imiz: “Ngilandele Njalo.”a Xoxa kafushane nommemezeli oyisibonelo olwela ukugcina ukuphila kwakhe kulula futhi olinganiselayo ezintweni zomuntu siqu ukuze enze okwengeziwe ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso futhi akhonze abanye. Qokomisa izibusiso azitholayo ngokwenza kanjalo.
15 imiz: Okuhlangenwe nakho kwebandla. Cela izilaleli ukuba zisho izibusiso ezizitholile ngesikhathi zizikhandla enkonzweni ngo-March nango-April. Gcizelela imiphumela eye yatholakala ngokuqala izifundo zeBhayibheli nangokusiza abasebasha ukuba babe khona eSikhumbuzweni. Kungase kulingiswe okuhlangenwe nakho okuphawulekayo okukodwa noma okubili.
INgoma 91 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-May 15
INgoma 9
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhuthaze bonke ukuba babuke i-video ethi Noah—He Walked With God belungiselela uMhlangano Wenkonzo wangesonto lango-May 29.
10 imiz: Ukusebenza Ndawonye Ngobunye Ngaphansi Kokuhola KukaKristu. Inkulumo esekelwe esihlokwaneni esithi, “Lokho Okushiwo Ukuqaphela Indima Yakhe” esisemakhasini 13-15 encwadi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.
25 imiz: “Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso—Isici Esibalulekile Senkonzo Engcwele.”b Lapho nixoxa ngesigaba 2, bonisa izilaleli ifomu i-Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82) bese uchaza ukuthi atholakala kanjani la mafomu. Xoxa nabathile abaye basebenza lapho kwakhiwa noma kulungiswa amaHholo OMbuso.
INgoma 133 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-May 22
INgoma 86
12 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali namazwi avela eNhlanganweni okubonga iminikelo. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-June 1 ne-Phaphama! ka-June. Kule miboniso, umkhaya mawuprakthize ukuhambisa lab’ omagazini.
15 imiz: “Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuba Nomusa.”c Lapho nixoxa ngesigaba 4, bukezani kafushane ibhokisi elithi “Uthini Lapho Uphendulwa Ucingo?” elikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 2005, ikhasi 7.
18 imiz: Ukubukeka Kahle Komuntu Siqu. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ISikole Senkonzo, amakhasi 131-3. Xoxani ngezimiso ezinhlanu ezibekiwe ezihlobene nokugqoka nokuzilungisa kwethu. Phawula ukuthi singayisebenzisa le ndaba ngobuhlakani ukuze sisize abantu esibafundelayo ukuba bazi indlela efanelekayo yokugqoka emihlanganweni yebandla.
INgoma 215 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-May 29
INgoma 42
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-May.
10 imiz: Hambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngo-June. Kusetshenziswa ukusikisela okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006, amakhasi 4-5 noma ezinye izingeniso ezifanelekayo ensimini yenu, makube nomboniso wokuhanjiswa kwencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Kuye ngesikhathi esikhona, cela izilaleli zisho imiphumela emihle eziyitholile lapho zisebenzisa le ncwadi ensimini noma emikhayeni yazo.
25 imiz: “Uyisibonelo Kwabasha Nabadala.” Ngemva kwesethulo esingaphansi komzuzu, xoxa nezilaleli nge-video ethi Noah—He Walked With God, usebenzisa yonke imibuzo esesigabeni sesibili. Yibe usucela imikhaya ilandise indlela eyazuza ngayo ngokuhlanganyela emisebenzini esikiselwe kuyi-DVD engxenyeni ethi “Learning Activities.” Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo nangemiBhalo esesigabeni sesithathu.
INgoma 9 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 5
INgoma 176
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: Indlela Yokuphumelela Ekwenzeni Izimpindelo. Ingxoxo nezilaleli esekelwe ebhokisini elisekhasini 16 le-Nqabayokulinda ka-November 15, 2003. Xoxa ngokusikisela okungu-7 okukulelo bhokisi, bese ucela izilaleli ukuba zisho indlela okungasetshenziswa ngayo ensimini yakini. Khuthaza abamemezeli ukuba benze izimpindelo benomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli nabo bonke abathatha izincwadi noma ababonisa isithakazelo. Kusetshenziswa ukusikisela okukodwa okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006, ikhasi 3, makube nomboniso wokuqala isifundo seBhayibheli lapho kwenziwa impindelo.
INgoma 57 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.