Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuba Nomusa
1 “UJehova unomusa.” (IHu. 145:8) Nakuba enguMbusi Wendawo Yonke, umnene futhi uyacabangela lapho esebenzelana nabantu abangaphelele. (Gen. 13:14; 19:18-21, 29) Singathuthukisa isigijimi sethu sezindaba ezinhle ngokulingisa uNkulunkulu wethu onomusa. (Kol. 4:6) Lokhu kuhilela okungaphezu nje kokuba nesizotha nokubonisa inhlonipho lapho sikhuluma.
2 Endlini Ngendlu: Kufanele senzenjani uma sifika emzini womuntu ngesikhathi esingesihle noma simthole ematasa kakhulu ukuthi angaxoxa nathi? Senza kahle lapho siziphawula izimo ezinjalo sifushanise noma sisikisele ukubuya ngesinye isikhathi. Sibonisa umusa ngokukugwema ukucindezela abantu ukuba bathathe izincwadi zethu uma bekhetha ukungazithathi. Ukucabangela abanye kuyosenza sibonise inhlonipho ngezinto zabo, njengokuvala amasango neminyango nangokuqeqesha izingane zethu ukuba zenze okufanayo. Kufanele siqiniseke ukuthi noma iziphi izincwadi esizishiya emakhaya angenamuntu sizibeka ngendlela yokuthi umuntu odlulayo angaziboni. Yebo, umusa uyosenza siphathe abanye ngendlela esingafisa ukuba nabo basiphathe ngayo.—Luka 6:31.
3 Emsebenzini Kamagazini: Lapho sisemsebenzini kamagazini, singabonisa umusa ngokungami sivale indlela, nokungami sibe ngamaqembu phambi kwezitolo. Siyoziqaphela izimo zabanye, sikhulume nalabo abangase babe nomzuzwana wokusilalela kunokufuna ukukhuluma nabantu okusobala ukuthi bayaphuthuma. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke sikhulumele phezulu ngenxa yomsindo wezimoto. Noma kunjalo, kufanele sikhulume ngenhlonipho, singazidonseli amehlo.—Math. 12:19.
4 Lapho Sishumayela Ngocingo: Uma sibacabangela abanye, siyoshumayela ngocingo sisendaweni ethule. Sibonisa inhlonipho lapho sisheshe sisho ukuthi singobani bese sichaza isizathu sokushaya ucingo. Ukubamba ucingo luqondane nomlomo nokukhuluma ngomoya omuhle kuyosiza, kwenze abantu esikhuluma nabo bahileleke engxoxweni eyakhayo esekelwe emiBhalweni. (1 Kor. 14:8, 9) Ngokuba nomusa nangokubonisa ukucabangela ngalezi zindlela ezihlukahlukene, siyobe silingisa uNkulunkulu wethu onomusa, uJehova.