Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/06 kk. 3-6
  • UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 1/06 kk. 3-6

UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo

1. (a) Kungani kufaneleka ukuba uJehova abizwe ngokuthi umuphi onamileyo? (b) Kungani kufanele sifune ukulingisa uJehova ngokupha senamile?

1 UJehova uchazwa ngokuthi ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11) Yini emenza ajabule? Phakathi kwezinye izinto ukuthi akeve enesandla esivulekile futhi uhlale ekulungele ukupha. ‘Uvula isandla sakhe anelise isifiso sayo yonke into ephilayo.’ (IHu. 145:16) Isipho esikhulu kakhulu anikela ngaso iNdodana yakhe ukuze ibe isihlengo sethu. (Joh. 3:16) Cabanga futhi nangezinto ezingokomoya nezingokwenyama asibusisa ngazo nsuku zonke! Ngempela, uJehova uyisibonelo esihle kakhulu ‘somuphi onamileyo.’ (2 Kor. 9:7) IBhayibheli liyasinxusa: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu.” (Efe. 5:1) Ake sixoxe ngezici esingamlingisa kuzo uJehova futhi sizwe injabulo etholakala ngokupha.—IzE. 20:35.

2. Sipha ngayiphi indlela futhi kusizuzisa ngani lokho?

2 Lapho sihlangana nabantu ensimini yethu nalapho sifakaza ngokwethukela sijabulela ukupha ngokubaxoxela izindaba ezinhle zoMbuso. Sithola injabulo enkulu lapho siba nengxenye enkulu emsebenzini wokushumayela nokufundisa. Abantu bakaJehova bachitha amahora angaphezu kwayizigidi eziyinkulungwane unyaka ngamunye bepha ngale ndlela. Emsebenzini wethu wokushumayela sihambisela abantu amakhulu ezigidi zomagazini, izincwajana nezincwadi ngaphandle kokubakhokhisa.

3. (a) Inhlangano kaJehova iwaphe ngayiphi indlela amazwe angamile kahle ngokwezimali? (b) Kulindeleke ukuba enzeni amabandla akhelwa izindawo zokukhulekela?

3 Ngaphezu kwalokho, emazweni angamile kahle ngokwezimali, inhlangano kaJehova iye yasiza amabandla amaningi ukuba akhe amaHholo OMbuso. Lokhu kusiza abafowethu abasemazweni ampofu ukuba babe nezindawo ezikahle zokuhlangana. Njengamanje, e-Afrika kuphela, sekwakhiwe amaHholo OMbuso angaphezu kwangu-6 000 emazweni angamile kahle ngokwezimali. La mabandla alindeleke ukuba awanakekele la mahholo futhi anikelele izindleko zokwakha kuye ngamandla awo. Le minikelo yenza ukuthi ngokuhamba kwesikhathi namanye amabandla akhe amahholo amasha.

4. Chaza ukuthi yini uJehova aye wayenza emagatsheni angaphezu kwekhulu ukuze kuqhutshekiselwe phambili umsebenzi wokushumayela.

4 Isebenzisa amagatsha angaphezu kwekhulu, iNdikimba Ebusayo iqondisa umsebenzi woMbuso owenziwa emhlabeni wonke. Kunabafowethu nodade abangaphezu kuka-20 000 abakhonza kula magatsha. Amanye ala magatsha ayanyathelisa, ngakho anemishini yokunyathelisa neyokuhlanganisa izincwadi ukuze kukhiqizelwe insimu. Muva nje, inhlangano ithenge imishini yohlobo lwe-MAN engu-7 emikhulu nenejubane elikhulu. Ngamunye unganyathelisa omagazini abangu-90 000 ngehora. Ake ume nje ucabange ukuthi ukunyathelisa izincwadi eziningi kangaka kuhilelani. Kudingeka izakhiwo ezinkulu ezingahlala le mishini emikhulukazi. Kudingeka amaphepha amaningi kakhulu nezinye izinto ezibizayo ukuze kunyatheliswe omagazini nezincwadi. Kudingeka ama-computer neminye imishini ukuze kuhunyushwe futhi kufezwe imisebenzi eyenziwa ehhovisi. Kubuye kudingeke nezindawo zokuhlala izikhonzi zaseBethel. Konke lokhu kwenziwa ngenjongo yokuqhubekisela phambili umsebenzi wokushumayela.

5. Iziphi ezinye izindleko zokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso inhlangano enazo?

5 Ezinye izindleko inhlangano enazo ukunakekela amashumi ezinkulungwane zezithunywa zevangeli namaphayona akhethekile athunyelwa emasimini lapho kudingeka khona abamemezeli abengeziwe. Kukhona nezinkulungwane zababonisi abajikelezayo abahambela amabandla ukuze bakhe ukholo lwabazalwane, babakhuthaze nasemsebenzini wokushumayela. Singazibala kushone ilanga izinto uJehova abangela izinceku zakhe ukuba zizifeze naphezu kokuthi ziyizindleko ezinkulu.

6. Iphumaphi imali yokusekela umsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke?

6 Ngakho uma ubheka lo msebenzi omkhulu kangaka owenziwa emhlabeni wonke, ungase uzibuze ukuthi iphumaphi imali engaka. Iminikelo ayiphumi kubazalwane abambalwa abacebile noma emazweni ambalwa acebile. Iphuma ezigidini zabazalwane nabantu abathakazelayo abakubonayo ukubaluleka komsebenzi omkhulu uJesu athi siwenze. (Math. 24:14; 28:19, 20) Yonke le minikelo ifana namaconsi emvula agcina enze amanzi amaningi agelezela emfudlaneni. Lowo mfudlana ungenela emfuleni omkhulu kube namanzi amaningi. Ayikho inkongozelo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova futhi abaziceli izimali kubantu. Bonke abantu abasekela lo msebenzi omkhulu ngezimali bawusekela ngoba bathanda uJehova.

7. Nikeza izibonelo zezinceku zikaJehova zasendulo ezakusekela ngenhliziyo yonke ukukhulekelwa kukaJehova ngezipho zazo.

7 Selokhu kwathi nhlo, ukunikela ngezinto ezibonakalayo ukuze kuthuthukiswe ukukhulekelwa kukaJehova okuhlanzekile kuyisici esihlukanisa abakhulekeli bakhe beqiniso. Ngemva kokuba u-Abrahama enqobe izitha ezazithumbe uLoti, indodana yomfowabo, wanikela ngezipho ezithile kumpristi uMelkhizedeki. (Gen. 14:18-20) INkosi uDavide yanikela ngegolide eliningi kakhulu kuhlanganise nesiliva, ithusi, izingodo nezinye izinto eziyigugu inikelela ithempeli uSolomoni, indodana yakhe, alakha kamuva. (1 IziKr. 29:1-5) Lapho uJehova eyala uMose ukuba akhe itabernakele ehlane, abantu banikela ngesandla esivulekile. Ukulandisa okuku-Eksodusi 35:21 kuthi: “Khona-ke beza, wonke umuntu onhliziyo yakhe yayimqhuba, wonke umuntu omoya wakhe wawumqhubezela, baletha umnikelo kaJehova wokwenza umsebenzi.” Yebo, ‘izinhliziyo zabo zabaqhuba futhi umoya wabo wabaqhubezela’ ukuba banikele ngokuzithandela ngamagugu okuhloba abiza kakhulu nangezinye izinto okwakuzobathatha isikhathi eside ukuphinde bazithole. Babefisa ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso.

8. Izinceku zikaJehova eziningi namuhla zisilingisa kanjani isibonelo somfelokazi oswele uJesu akhuluma ngaye kuLuka 21, futhi yini ezishukumisela ukuba zenze kanjalo?

8 Kwenzeka okufanayo nanamuhla. Iminikelo yomsebenzi woMbuso womhlaba wonke iphuma kulabo abaqhutshwa izinhliziyo zabo ukuba banikele. Abaningi babo bampofu, kodwa bayawusekela umsebenzi wokushumayela, ngokuvamile benikela ngemali yabo yokugcina, njengoba kwenza umfelokazi oswele osukwini lukaJesu. Ukulandisa okukuLuka 21 kuchaza indlela uJesu nabafundi bakhe ababebuka ngayo abantu befaka iminikelo emabhokisini asethempelini. Kwabe sekuqhamuka umfelokazi oswele wanikela ngezinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezinenani elincane kakhulu. Lapho ebona lokhu, uJesu wathi kubaphostoli bakhe: “Nginitshela iqiniso, Lo mfelokazi, nakuba empofu, uphonse okungaphezu kokuphonswe yibo bonke. Ngoba bonke laba baphonse izipho ezivela enaleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe uphonse konke abenakho abeziphilisa ngakho.” (Luka 21:2-4) Lo mfelokazi watuswa kakhulu ngoba wazidela. Lokhu kulandisa kubonisa ukuthi ngisho neminikelo emincane yabazalwane abampofu ibalulekile futhi iyamjabulisa uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu.

9. (a) Kwenzekani lapho ama-Israyeli ephelelwa ukwazisa ngokukhulekela kweqiniso? (b) Izinhliziyo zethu kufanele zisishukumisele ukwenzani?

9 Umuntu onikelela ukukhulekelwa kukaJehova kweqiniso kumelwe anikele ngenhliziyo enokwazisa. Lapho ama-Israyeli ephelelwa ukwazisa ngethempeli likaJehova, aqala ukunikela ngezinto ayengasazidingi kwawona, okungukuthi, izilwane ezigulayo, eziyizimpumputhe neziyizinyonga, esikhundleni sokunikela ngezilwane ezingcono kakhulu emhlanjini. Yamjabulisa yini uJehova iminikelo enjalo? Lutho neze! Wathi babemeya ngokunikela ngeminikelo enjalo. (Lev. 1:10; Mal. 1:13) Kusho kona ukuthi iminikelo esiyinikelela ukukhulekela kweqiniso akufanele kube nje eyokugcina icala. Isifiso sethu sokuqhubekisela phambili ukukhulekela okuhlanzekile kufanele kusiqhubezele; yebo, kufanele izinhliziyo zethu zisishukumisele ukuba sizidele ngempela njengoba kwenza lowaya mfelokazi. UJehova uzosibusisa njengoba athembisa ukubusisa ama-Israyeli uma ayekusekela ngempela ukukhulekelwa kwakhe.—Mal. 3:10.

10. (a) Abamemezeli kufanele balisebenzise kanjani ilungiselelo lokunikela? (b) Nakuba izincwadi esizihambisayo singazithengisi, yini okufanelekayo ukuyitshela abantu esixoxa nabo abathatha izincwadi zethu?

10 Mhlawumbe abanye abamemezeli abakaqondi kahle ukuthi ilungiselelo lokunikela lisebenza kanjani ngokuqondene nokuhanjiswa kwezincwadi nomagazini. Lapho sithatha izincwadi noma omagazini eHholo LoMbuso, kuyilungelo kithi ukwenza umnikelo walezo zincwadi. Ngokwenza kanjalo sizama ukuphonsa esivivaneni ukuze kuhlangatshezwane nezindleko zokunyathelisa lezi zincwadi. Lapho sihambisela abantu izincwadi enkonzweni yasensimini, siyabachazela ukuthi asizithengisi. Nokho, kuyafaneleka ukubatshela ukuthi uma bethanda ukunikelela umsebenzi wethu womhlaba wonke singajabula kakhulu. Singabe-ke sesibabonisa imvilophu ebhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.” Lapho abaningi bezwa ukuthi umsebenzi wethu wenziwa emhlabeni wonke, bayakujabulela ukunikela ngokufaka imali emvilophini. Lapho sesifike eHholo LoMbuso leyo minikelo esezimvilophini sibe sesiyifaka ebhokisini elifanele elibhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14” ukuze ithunyelwe ehhovisi legatsha.

11. (a) Kufanele sibe namuphi umbono lapho sinikelela inkonzo kaJehova? (b) Ngamunye wethu ukhuthazwa ukuba enzeni?

11 Uma sicabangisisa ngempela ngokuzinikezela kwethu kuJehova, siyabona ukuthi sizinikele thina kuJehova, sanikela nangakho konke esinako. Umhlaba nalokho okuwugcwalisile kungokukaJehova. (IHu. 24:1) Ngakho lapho sinikelela umsebenzi womhlaba wonke, empeleni sisuke sibuyisela kuJehova lokho asinike kona. INkosi uDavide yakuchaza kahle kakhulu lokhu ngesikhathi yona nesizwe sakwa-Israyeli benikelela ukwakhiwa kwethempeli ngenhliziyo yonke. Lapho ithandaza kuJehova yathi: “Ngingubani mina futhi bangobani abantu bami, ukuba sibe namandla okwenza iminikelo yokuzithandela ngale ndlela? Ngoba konke kuvela kuwe, sikuniké esikuthathe esandleni sakho siqu.” (1 IziKr. 29:14) Yiqiniso, kufanele umuntu ngamunye azinqumele enhliziyweni yakhe, ngokwamandla akhe ukuthi ufuna ukunikela kangakanani. UJehova uyombusisa umuntu onikela ngokwenama nangenhliziyo enokwazisa. Kuhle ukuba sonke sihlole izinhliziyo zethu ngokuqondene nendaba yokusekela umsebenzi woMbuso.

12. Ngamunye wethu angasilalela kanjani iseluleko sikaPawulu esikweyoku-1 Korinte 16:2?

12 Umphostoli uPawulu wabanikeza iseluleko esisebenzayo bonke abesaba uJehova nabafuna ukusekela umsebenzi woMbuso ngezimali. Wathi: “Njalo ngosuku lokuqala lwesonto yilowo nalowo kini endlini yakhe makabeke eceleni okuthile, kuye ngokuchuma kwakhe.” (1 Kor. 16:2) Kungenzeka ukuthi abanye abaholi ngesonto noma ngenyanga. Kungenzeka ukuthi bangabalimi futhi abakwazi ukubekela eceleni okuthile ngesonto noma ngenyanga. Kodwa iphuzu uPawulu alishoyo lapha ukuthi kufanele sizame ukuthi njalo sibekele eceleni okuthile ukuze sisekele inkonzo kaJehova.

13. Kufanele iphathwe kanjani imali esemabhokisini eminikelo, futhi kufanele ithunyelwephi?

13 Iminikelo enjalo ingayiswa ngokuqondile ehhovisi legatsha ezweni lakini noma ingafakwa ebhokisini lomnikelo womhlaba wonke eHholo LoMbuso. Ekupheleni komhlangano ngamunye, abazalwane ababili, abadala noma izinceku ezikhonzayo, kufanele babale iminikelo bese bebhala irisidi elisho imali etholakele. Lapho abadala beyinakekela ngokwethembeka le minikelo, abazalwane ngeke babe madolo nzima ukufaka iminikelo yabo emabhokisini aseHholo LoMbuso. (1 Kor. 4:2) Yonke iminikelo yomsebenzi womhlaba wonke kufanele ithunyelwe ehhovisi legatsha ekupheleni kwenyanga ngayinye.

14. Kuzokwenzekani uma sinikelela ukukhulekela kweqiniso ngokwenama?

14 UJehova wathembisa isizwe sakwa-Israyeli ukuthi wayezosibusisa uma sasikusekela ngokwethembeka ukukhulekelwa kwakhe kweqiniso ngezinto zaso ezibonakalayo. (Mal. 3:10) Singaqiniseka ngokuthi nathi uzosibusisa uma siwusekela ngokwethembeka umsebenzi wokushumayela ngoMbuso futhi ‘simdumise ngezinto zethu zenani elikhulu.’—IzAga 3:9.

[Isithombe ekhasini 6]

Umshini wohlobo lwe-MAN

[Isithombe ekhasini 6]

Isakhiwo sokunyathelisa esisanda kunezelwa

[Isithombe ekhasini 6]

Imishini yokuhlanganisa izincwadi ezinoqwembe oluthambile

[Isithombe ekhasini 6]

Ukukhiqizwa kwamaBhayibheli okuqala anoqwembe oluthambile

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela