ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-January 9
INgoma 10
10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-January 15 ne-Phaphama! ka-January. Komunye umboniso, makube nommemezeli oshumayela ensimini yamabhizinisi.
15 imiz: Gwema Izingozi Ze-Internet. Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Phaphama! ka-January 22, 2000 emakhasini 19-21.
20 imiz: “Bonisa Isithakazelo Kubantu—Ngokubuza Imibuzo Nangokulalela.”a Lapho nixoxa ngesigaba 2, buza izilaleli ukuthi imiphi imibuzo eziye zayithola iphumelela ekuqaleni izingxoxo. Makube nomboniso wendlela yokwenza umuntu axoxe ngokusebenzisa imibuzo ngobuhlakani nangokulalelisisa.
INgoma 125 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 16
INgoma 178
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bakhuthaze bonke ukuba babuke i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights belungiselela ukuxoxa ngayo eMhlanganweni Wenkonzo ozoba semasontweni amabili azayo. Ezindaweni ezisemakhaya, kufanele abadala bazame ukuba imikhaya engenayo imishini ye-video iyibone le video. Lokhu kungenziwa ngokulungiselela ukuba ibukelwe eHholo LoMbuso kusihlwa ngosuku okungelona olwemihlangano noma ibukelwe ngemva kwesifundo sencwadi.
15 imiz: Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe emakhasini 4-7 encwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova. Ngemva kwesethulo esingaphansi kwemizuzu emithathu esisekelwe ekhasini 4, makulandele ingxoxo nezilaleli esekelwe ekhasini 5 kuya esihlokwaneni esisekhasini 7. Ezinye izingxenye zencwadi ethi Ukuhlelelwa kuzoxoxwa ngazo eMihlanganweni Yenkonzo elandelayo.
20 imiz: “UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo.”b Nisebenzisa imibuzo enikeziwe, xoxani ngezigaba 1-7 zesenezelo. Makufundwe imiBhalo efanelekayo. Bakhuthaze bonke ukuba bayilungiselele kahle ingxenye yesibili yalesi senezelo okuzoxoxwa ngayo ngesonto elizayo.
INgoma 107 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 23
INgoma 60
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali namazwi avela eNhlanganweni okubonga iminikelo. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-February 1 ne-Phaphama! ka-February. Omunye umboniso mawenziwe umuntu osemusha.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo.”c Nisebenzisa imibuzo enikeziwe, xoxani ngezigaba 8-14 zesenezelo. Bonisa indlela lokhu kwaziswa okusebenza ngayo ebandleni. Yazisa ibandla ukuthi lenza kanjani mayelana nomnikelo womsebenzi womhlaba wonke. Yisho nezinye izindleko ibandla okudingeka lizikhokhele nendlela eliye lakwazi ngayo ukuhlangabezana nazo ngokuphumelelayo.
INgoma 205 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 30
INgoma 197
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-January. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-February, futhi kube nomboniso wokuhanjiswa kwayo.
15 imiz: Amalungiselelo Othando Asizuzisayo. Kufanele isingathwe umdala. Funda futhi uxoxe ngencwadi yango-January 3, 2006, evela ehhovisi legatsha eyayibhalelwe wonke amabandla, ekhuluma ngezindlela esingazuza ngazo emisebenzini eyenziwa iKomiti Yokuxhumana Nezibhedlela (HLC) nangamaQembu Avakashela Iziguli (PVG).
20 imiz: “I-video Eqokomisa Inqubo Ebalulekile Yezokwelapha.” Funda izEnzo 15:28, 29, bese ugcizelela kafushane ukuthi isizathu esiyinhloko sokuba amaKristu enqabe ukumpontshelwa igazi kungenxa yokuthi alalela umthetho kaNkulunkulu maqondana nobungcwele balo. Yibe usungena engxoxweni ye-video ethi Patient Needs and Rights usebenzisa imibuzo ekulesi sihloko. Phetha ngokufunda isigaba sokugcina.
INgoma 45 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 6
INgoma 74
10 imiz: Izaziso zebandla.
20 imiz: “Intsha Ekhanya Njengezinkanyiso.”d Cela intsha ukuba isho indlela eye yakwazi ngayo ukufakaza esikoleni. Ungahlela kusengaphambili ukuba uxoxe noyedwa noma nababili.
15 imiz: Ukuba Iphayona Elisizayo Kuletha Izibusiso. (IzAga 10:22) Cela labo ababa amaphayona asizayo ngonyaka odlule ukuba balandise ngendlela abahlela ngayo, nenjabulo kanye nezibusiso abazithola ngenxa yokwenza njalo. Bakhuthaze bonke ukuba bakucabangele ngomthandazo ukuthi bangaba yini amaphayona asizayo phakathi no-March, April no-May.
INgoma 16 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.