Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/06 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 1/06 k. 7

IZaziso

◼ Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1991 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi esitokweni, sicela nibuze amabandla aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezinqwabelene ezindala eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa incwajana ethi Hlalani Nilindile! Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-April: Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!

◼ Njengoba u-April enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, angaba inyanga enhle kakhulu yokuba iphayona elisizayo.

◼ Kusukela ngo-February kuze kube ngo-March 5, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi entsha enesihloko esithi “Ungakujabulela Ukuphila Okunokuthula Manje—Naphakade!”

◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekile okugubha iSikhumbuzo salo nyaka ngoLwesithathu, ngo-April 12, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase iqale lingakashoni ilanga, ukudlulisela izifanekiselo akufanele kuqale lingakashoni ilanga. Buzani emithonjeni yezindaba yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Ibandla ngalinye kufanele lizame ukugubha iSikhumbuzo endaweni yalo lodwa. Nokho, lokhu kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho amabandla amaningana esebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe elinye noma amanye angasebenzisa esinye isakhiwo ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba kube nemizuzu engengaphansi kwengu-40 ngemva komhlangano ngamunye ukuze bonke bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo. Kufanele kucatshangelwe nokuminyana kwezimoto nendawo yokupaka, kuhlanganise nokwehlisa nokuthatha abagibeli. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi imaphi amalungiselelo azolilungela kangcono kakhulu ibandla.

◼ Noma nini lapho uhlela ukuvakashela kwelinye izwe futhi udinga ukwazi izinsuku, izikhathi nezindawo zemihlangano yebandla, yesifunda, noma yesigodi kumelwe ubhalele ihhovisi legatsha elengamele umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi egatsha asohlwini olusekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka yamuva.

◼ Ihhovisi legatsha lisathola izincwadi ezingenalo ikheli lomuntu oyibhalile emvilophini. Ukuze kusizwe uMnyango Weposi, sicela nibhale ngokucacile igama nenombolo yebandla, noma uma kuyincwadi yomuntu siqu sicela ubhale igama nekheli lakho ngaphambili emvilophini, ekhoneni ngakwesobunxele.

◼ U-March, April No-May Izinyanga Ezikhethekile: Inyanga ka-March, April no-May ziyisikhathi sokwandisa inkonzo. Abamemezeli abaningi bazoba amaphayona asizayo. Ababonisi benkonzo bakhuthazwa ukuba baqale manje ukuhlelela ibandla ukuze lihlanganyele ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini, kuhlanganise namalungiselelo oSuku LukaMagazini olukhethekile ngo-April 1, 2006. Amabandla kufanele awafake ngokushesha ama-oda akhethekile omagazini abengeziwe azobasebenzisa phakathi nalezi zinyanga ngaphambi kuka-February 1, 2006. Uma ama-oda efika sekwephuzile asiqiniseki ngokuthi liyotholakala inani lomagazini abadingekayo.

◼ Mbonisi Owengamele NoNobhala: Esikhathini esizayo iloli elidiliva izincwadi selizoza kanye ngenyanga. Iningi lezincwadi ezisuka egatsheni zizothunyelwa ngeposi. Sicela niqiniseke ukuthi nithumelela ihhovisi legatsha ikheli eliqondile okuzothunyelwa kulo izincwadi zebandla lenu. Ngokuvamile izincwadi ihhovisi legatsha elalizithumele ziye zabuyiselwa emuva ngenxa yokuthi kunephutha kwamanye amakheli amabandla noma awasasebenzi. Sicela nisebenzise ifomu elithi Ukushintsha Kwekheli Lombonisi Owengamele (S-29) ukuze nithumelele ihhovisi legatsha lokhu kwaziswa.

◼ Sazisa abamemezeli nabantu abasanda kuhlanganyela abakhuluma isiPutukezi ngezinsuku zomhlangano okhethekile wosuku olulodwa wesiPutukezi nezomhlangano wesifunda. Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa uzoba ngo-February 25, 2006, eGoli. Sicela nixhumane nehhovisi legatsha uma sekusondele lolu suku ukuze nithole ukuthi uzoqhutshelwaphi. Umhlangano wesifunda wesiPutukezi uzoba se-Eikenhof Assembly Hall ngo-July 22, 23, 2006.

◼ Sihlela ukuba kube nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa wolimi lwezandla e-Eikenhof Assembly Hall ngo-April 23, 2006. Lona kuzoba umhlangano wokuqala ngqa ozoba ngolimi lwezandla kuphela. Bonke labo abangazuza kulesi simiso bamenywa ngokufudumele ukuba babe khona. Nakuba ukuba khona kulo mhlangano kungase kube izindleko ezinkulu, uzonikeza labo abayizithulu ensimini yaseNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane ithuba lokuba basondelane.

U-April 1, 2006, uzoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale kusemanje ukuhlela ukuze nihlanganyele ngokugcwele kulo nyaka. Ungakwazi yini ukuba iphayona elisizayo ngo-April?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela