Ungakhonza Yini Lapho Kunendingeko Enkulu Khona?
UJehova ufuna ukuba izindaba ezinhle zimenyezelwe “emhlabeni wonke owakhiwe” ngaphambi kokuba kufike ukuphela. (Math. 24:14) Njengoba ukwazi lokhu, ungathanda yini ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona uma izimo zakho zivuma? Kudingeka abadala, izinceku ezikhonzayo namaphayona emabandleni asekhasini elilandelayo. Ngemva kokuthandaza ngalolu daba, ungase ube nomuzwa wokuthi ungathutha uyosiza lapho kunendingeko khona. Uma kunjalo, xoxa nomkhaya wakho kanye nabadala ebandleni lakini. Yibe usubhala incwadi uyinike abadala ukuze banezele abakuphawulayo nalokho abakutusayo ngaphambi kokuba bayithumele ehhovisi legatsha.
EMpumalanga EGrootboom: (eduze kwaseBadplass) Ibandla elinabamemezeli abangu-19, elingenabo abadala nezinceku ezikhonzayo. Kunendingeko enkulu yamaphayona azohlanganisa insimu yalo enkulu kanye nabazalwane abazohola.
EWaterval Boven: (eduze kwaseMachadodorp) Ibandla elinabamemezeli abangu-25 nomdala oyedwa vó, kodwa elingenazo izinceku ezikhonzayo. Kunendingeko enkulu yamaphayona.
KwaZulu-Natal ENdaleni: (eRichmond) Ibandla elinabamemezeli abangu-22. Kunendingeko enkulu yamaphayona, abadala nezinceku ezikhonzayo abazohola. Mahle amathuba okuthola indawo yokuhlala.
Emhlwaneni: (eduze kwaseMnambithi) Ibandla elinabamemezeli abangu-8. Kunendingeko enkulu yamaphayona, abadala nezinceku ezikhonzayo abazohola. Mahle amathuba okuthola indawo yokuhlala. Kudingeka izisebenzi ezizohlanganisa insimu enkulu yebandla.
EPimville East: (eSoweto) Leli bandla linabadala ababili nabamemezeli abangu-70. Uma ungumdala, ungazenza yini ukuba utholakalele ukuyokhonza kuleli bandla elibadinga kakhulu abadala?
ESwazini ENsongeni: (eduze kwaseNhlangano) Iqembu labamemezeli abangu-25 abangabodwa. Alinawo amaphayona, abadala, noma izinceku ezikhonzayo ezingahola.
EMalindza: (eduze kwaseMpaka) Iqembu labamemezeli abangu-17 abangabodwa, alinawo amaphayona, abadala noma izinceku ezikhonzayo.
EMooihoek: (eduze nakwaHlathikhulu) Ibandla elinabamemezeli abangu-20. Kudingeka abadala, izinceku ezikhonzayo namaphayona ngokuphuthumayo.