Manje Isikhathi Sokushumayela!
1. Kungani manje kuyisikhathi sokushumayela?
1 “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo.” Ngesiqondiso sezingelosi, lesi sigijimi simenyezelwa ‘kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.’ Ngani? “Ngoba ihora [likaNkulunkulu] lokwahlulela selifikile.” Namuhla, siphila kulelo ‘hora lokwahlulela,’ eliyofinyelela umvuthwandaba walo lapho kubhujiswa lesi simiso samanje sezinto. Kubalulekile ukuba abantu ‘bakhulekele Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.’ Awukho omunye umsebenzi ongenziwa namuhla obaluleke futhi ophuthuma njengomsebenzi wokumenyezelwa ‘kwezindaba ezinhle zaphakade.’ Yebo, manje isikhathi sokushumayela!—IsAm. 14:6, 7.
2. Izinceku zikaJehova zibonisa kanjani ukuthi ziyakuqaphela ukuphuthuma kwesikhathi esiphila kuso?
2 Phakathi nale minyaka eyishumi edlule, izinceku zikaJehova ziye zasebenza amahora angaba yizigidi zezigidi ezingu-12 emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Abaningi baye benza ushintsho oluthile ekuphileni kwabo ukuze bakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele ekuvuneni okungokomoya. (Math. 9:37, 38) Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule abamemezeli abalinganiselwa ku-850 000 babesebenza njengamaphayona inyanga ngayinye. Ngokuqondene namaphayona avamile, lokhu kusho ukuthi ngokwesilinganiso kufanele asebenze amahora angu-70 enkonzweni yokushumayela inyanga ngayinye. Ngokuqondene namaphayona asizayo, kufuneka amahora angu-50.
3. Ngokuvamile, yiluphi ushintsho okuye kudingeke abamemezeli balwenze ukuze bakwazi ukuphayona?
3 Ongase Ukwenze Ukuze Uphayone: Eqaphela ukuthi “isikhathi esesisele sinciphile,” amaphayona ayazikhandla ukuze agcine ukuphila kwawo kulula. (1 Kor. 7:29, 31) Afuna izindlela anganciphisa ngazo izindleko ukuze angachithi isikhathi esiningi emsebenzini wokuziphilisa. Ngokwesibonelo, aye athuthela emizini emincane. Amanye aye ahlukana ngokuphelele nempahla yawo engadingekile eyizinto ezibonakalayo. (Math. 6:19-21) Ngokuvamile, kuye kudingeke anciphise nokuphishekela izinto ezithile. Konke lokhu kwenziwa ngomgomo wokusebenza isikhathi esengeziwe enkonzweni nokugxila kakhudlwana kuyo. (Efe. 5:15, 16) Ngokuphikelela, ngomoya wokuzidela nangokuncika kuJehova becela usizo, abamemezeli abaningi baye bakwazi ukuhlela isimiso esisebenzayo esibenza bakwazi ukuphayona.
4. Iziphi izinyathelo eziwusizo ezingakusiza ukuba usebenzele ekufinyeleleni umgomo wokuphayona?
4 Ungakwazi yini ukuphayona? Kunganjani ubuze amaphayona aphumelelayo ukuthi yini ewenza akwazi ukuphayona? Sebenza nawo enkonzweni yasensimini, uzizwele mathupha injabulo ayitholayo. Funda izihloko ezithile ezikhuluma ngokuphayona eziye zakhishwa ezincwadini zethu. Zibekele imigomo efinyelelekayo engakusiza ukuba uthuthuke uze ufinyelele umgomo wokuba iphayona. Uma kunezinto ezikuthiyayo njengamanje ukuba uphayone, zethule kuJehova ngomthandazo, umcele ukuba akusize ukwazi ukuzixazulula.—IzAga 16:3.
5. Ukuphayona kusisiza kanjani ukuba sithuthukise amakhono ethu enkonzweni?
5 Izibusiso Nenjabulo: Ukuphayona kulola amakhono ethu okusebenzisa iZwi likaNkulunkulu, okuthi kamuva asilethele injabulo eyengeziwe. “Ukuba nekhono elihle lokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngendlela efanele kuyisibusiso sangempela,” kusho omunye udade osemusha oyiphayona. “Uma uphayona, ulisebenzisa kakhulu iBhayibheli. Uma ngishumayela endlini ngendlu, sengiyakwazi manje ukucabanga ngemiBhalo efanelekayo engingayisebenzisa kumninikhaya ngamunye.”—2 Thim. 2:15.
6. Ukuphayona kusiqeqesha ngayiphi indlela?
6 Ukuphayona futhi kusifundisa amakhono amaningi awusizo ekuphileni. Kungasiza intsha ifunde indlela yokuhlela isikhathi ngokuhlakanipha, indlela yokuphatha kahle imali kanye nendlela yokusebenzelana kahle nabantu. Abaningi, ngenxa yokuphayona, bathuthuka ngokwengeziwe endabeni yokubheka ukuphila ngombono ongokomoya. (Efe. 4:13) Ngaphezu kwalokho, amaphayona ngokuvamile anelungelo lokubona isandla sikaJehova sisebenza ngokoqobo ukuze awasize.—IzE. 11:21; Fil. 4:11-13.
7. Ukuphayona kusisiza kanjani ukuba sisondele kuJehova?
7 Mhlawumbe esinye sezibusiso ezinkulu zokuphayona ukuthi kuyasisiza sisondele kuJehova. Lokhu kungasiqinisa lapho sibhekene nezilingo. Udade othile owakhuthazelela isikhathi esinzima ngokwedlulele wathi: “Ubuhlobo obuseduze noJehova engaqala ukuba nabo lapho ngiphayona bangisiza kubo bonke lobu bunzima engangibhekene nabo.” Wanezela: “Ngizizwa ngigcwala injabulo enkulu ngokuthi, ebudaleni bami, ngiye ngasebenzisa ukuphila kwami ngikhonza uJehova isikhathi esigcwele. Kuye kwangenza ngakwazi ukuzinikela ngezindlela engangingakaze ngizicabange nanini ngaphambili.” (IzE. 20:35) Kwangathi nathi singathola le ntilibathwa yezibusiso njengoba sizikhandla kulo msebenzi wokushumayela obaluleke kunayo yonke.—IzAga 10:22.