Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 29, 2005. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-July 4 kuya ku-August 29, 2005. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Lapho sixoxa nabanye ngethemba lethu, singakwenza kanjani ‘ukucabangela kwethu kwaziwe yibo bonke abantu,’ futhi kungani lokhu kubalulekile? (Fil. 4:5; Jak. 3:17) [be-ZU k. 251 izig. 1-3, ibhokisi]
2. Ukwazi ukuthi kunini lapho kumelwe samukele khona imibono yabanye kuyosisiza kanjani ukuba sisebenzelane nabo ngempumelelo? [be-ZU k. 253 izig. 1-2]
3. Kungani kubalulekile ukusebenzisa imibuzo ngobuciko lapho sisiza abanye ukuba bacabange ngalokho okukhulunywa ngakho? [be-ZU k. 253 izig. 3-4]
4. Iziphi izici okufanele sizicabangele ukuze senze lokho esikushoyo kubathonye abanye? [be-ZU k. 255 izig. 1-4, ibhokisi; k. 256 isig. 1, ibhokisi]
5. Yini okufanele siyikhumbule uma sinquma ukusebenzisa ubufakazi obuseceleni ukuze sisekele ukuthi imiBhalo inengqondo? [be-ZU k. 256 izig. 3-5, ibhokisi]
ISABELO NO. 1
6. Ibuphi ubufakazi obucacile obufakazela ukuthi uJesu wayekhona ngempela? [w03-ZU 6/15 kk. 4-7]
7. ‘Umlomo wabaqotho ubakhulula’ kanjani, futhi indlu yabalungile ‘ihlala imile’ ngamuphi umqondo? (IzAga 12:6, 7) [w03-ZU 1/15 k. 30 izig. 1-3]
8. Njengoba iBhayibheli linganikezi uhlu lwezinto okumelwe nokungamelwe zenziwe, ‘singaqonda kanjani ukuthi iyini intando kaJehova’? (Efe. 5:17) [w03-ZU 12/1 k. 21 isig. 3–k. 22 isig. 2]
9. Iziphi izimiso zeBhayibheli okungathi uma zisetshenziswa zisize umuntu abhekane nobumpofu noma nezimo zomnotho ezinzima? [w03-ZU 8/1 k. 5 izig. 2-5].
10. Isibonelo sikaJehova sokupha ngesihle kufanele sisithinte kanjani? (Math. 10:8) [w03-ZU 8/1 kk. 20-2]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Zazimelelani izinsika ezimbili ezazisemnyango wethempeli elakhiwa uSolomoni, ezazibizwa ngokuthi uJakini noBhowazi? (1 AmaKh. 7:15-22)
12. Yini namuhla efana nomsebenzi kaSolomoni wokwakha “indlu kaJehova nendlu yenkosi” owathatha iminyaka engu-20? (1 AmaKh. 9:10)
13. Isiphi isifundo esingasifunda ekungalalelini ‘komuntu kaNkulunkulu’? (1 AmaKh. 13:1-25)
14. Inkosi yakwaJuda u-Asa yasibonisa kanjani isibindi, futhi yini esingayifunda esibonelweni sayo? (1 AmaKh. 15:11-13)
15. Indaba yeNkosi u-Ahabi noNabhoti iyibonisa kanjani ingozi yokuzidabukela? (1 AmaKh. 21:1-16)