Izintshumayelo Ezisikiselwayo Zokuhambisa Incwajana Ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Ngemva kokusho isenzakalo esithile esiyinhlekelele esisematheni, ungase uthi:
“Wake wazibuza yini ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuba abantu bahlupheke uma kuwukuthi uyasikhathalela ngempela? [Lindela impendulo.] Le ncwajana inikeza impendulo eyanelisayo kulowo mbuzo futhi ibonisa lokho uNkulunkulu azokwenza maduzane. [Mbonise imifanekiso esekhasini 27, bese ufunda iHubo 145:16 esigabeni 22.] UNkulunkulu uyokuqeda kanjani konke ukuhlupheka isintu esiye sabhekana nako? Ngingathanda ukuphendula lowo mbuzo uma ngiphinda ngikuvakashela.” Hambisa incwajana, uhlele ukuphindela.
Lapho wenza impindelo, ungase uthi:
“Mhla ngikuvakashele ngokudlule, safunda lo mbhalo. [Funda noma ucaphune iHubo 145:16.] Ngabe sengibuza umbuzo, othi: UNkulunkulu uyokuqeda kanjani konke ukuhlupheka isintu esiye sabhekana nako?” Mcele athathe incwajana yakhe. Yibe usuvula emakhasini 27-8, nifunde izigaba 23-5. Sikisela isifundo seBhayibheli, noma uhlele ukuthi nifunde izigaba 26-7 ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
Osemusha ongummemezeli angase athi:
“Ontanga yami abaningi bakhathazekile ngokuthi izwe liyobe linjani eminyakeni eyishumi noma engu-15 ezayo. Ucabanga ukuthi kuyobe kunjani ukuphila ngaleso sikhathi? [Lindela impendulo.] Izinkinga esizibonayo namuhla zibonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-3.] Le ncwajana iphendula imibuzo elandelayo. [Funda imibuzo esesembozweni bese uhambisa incwajana.] Uma unethuba ngokuzayo lapho ngibuya, ngingathanda sixoxe ngendaba ekhuthazayo mayelana nokuphela kokugula nokuguga.” Hlela ukubuya.
Lapho usuphindela, ungase uthi:
“Lapho sixoxa ngokudlule, ngathi ngingathanda sixoxe ngendaba yokuphela kokugula nokuguga. Leyo ndaba itholakala lapha.” Mcele athathe incwajana yakhe, bese nifunda futhi nixoxa ngezigaba 6-7 emakhasini 23-4. Hlela ukuthi nifunde izigaba 8-9 ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
Lapho esebenza nengane, umuntu omdala angase azethule yena nengane abese ethi:
“Uma uvuma, u-________ angathanda ukukufundela umbhalo. [Ingane ifunda iHubo 37:29 ilichaze kafushane.] Le ncwajana ichaza indlela uNkulunkulu ayoyifeza ngayo injongo yakhe ngesintu nangomhlaba. [Mbonise izithombe ezisemakhasini 24-7.] Ngokuzayo lapho sibuya, ngingathanda ukukubonisa isithembiso seBhayibheli esimangalisayo sovuko.” Hambisa incwajana bese uhlela ukuba nibuye.
Lapho kwenziwa impindelo, umuntu omdala angase athi:
“Ngokudlule lapho sikuhambele, safunda iHubo 37:29 futhi ngathi kuwe ngingathanda ukukubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngovuko. Phawula lokho okushiwo lapha.” Mcele athathe incwajana yakhe, bese nifunda izigaba 12-14 emakhasini 24-5. Sikisela isifundo seBhayibheli, noma uhlele ukuthi nifunde izigaba 15-16 ekuhambeleni kwakho okulandelayo.