Sigcine Kahle
Izintshumayelo Ezisikiselwayo Zokuhambisa Izincwajana
Kulesi senezelo kunezintshumayelo ezihlukahlukene ezisikiselwayo ezingakusiza ekulungiseleleni izintshumayelo zokuhambisa izincwajana. Lezi zintshumayelo zingavunyelaniswa nezimo zendawo. Kungasetshenziswa nezinye izintshumayelo. Kungase kulungiselelwe nezinye izintshumayelo zokuhambisa izincwajana ezingekho kulesi senezelo kulandelwa lezi ezisikiselwe lapha njengesibonelo.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, k. 8.
Ngayinye yalezi zintshumayelo ezisikiselwe kuleli khasi ihlanganisa (1) umbuzo oshukumisa ingqondo wokuqala ingxoxo, (2) isikhombo lapho umuntu engathola khona amaphuzu okuxoxwa ngawo, kanye (3) nombhalo ofanelekayo ongafundwa njengoba nixoxa. Unganezela amazwi akho kule ntshumayelo, kuye ngendlela umuntu oxoxa naye asabela ngayo.
IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade
“Abaningi bethu bayawazi umthandazo oqala ngokuthi ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.’ (Math. 6:9) Kodwa bewazi yini ukuthi ukusindiswa kwethu kuxhomeke ekubeni sazi lelo gama?”—k. 28, isig. 1; Roma 10:13.
Incwadi Yabo Bonke Abantu
“Ingabe ucabanga ukuthi iBhayibheli lineseluleko esingaba usizo osukwini lwethu?”—Amazwi angaphansi kwesihloko esikhulu ekhasini 22; isig. 3 sebhokisi elisekhasini 23; IzAga 25:11.
Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
“Abantu banemibono ehlukahlukene maqondana nokuthi uNkulunkulu ungumuntu onjani. Ingabe ucabanga ukuthi kubaluleke ngempela lokho esikukholelwayo?”—k. 3, izig. 3, 7-8; Joh. 17:3.
Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!
“Abantu abaningi bacabanga ukuthi kuyodingeka baye ezulwini ukuze bajabulele ukuphila okuphakade, kodwa wena ubungakujabulela yini ukuphila phakade emhlabeni?”—Umfanekiso osesembozweni; IsAm. 21:4.
Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
“Lapho sishonelwa izihlobo zethu ezithandekayo, kuvamile ukuba sizibuze ukuthi kazi bakuphi nokuthi siyophinde sibabone yini. Ingabe wake wazibuza imibuzo efana naleyo?”—Imibuzo engemuva esembozweni; Jobe 14:14, 15.
Lapho Ufelwa Othandekayo
“Namuhla sihambisa le ncwajana eye yaduduza izinkulungwane zabantu abaye bashonelwa izihlobo zabo ezithandekayo. Wake wazibuza ukuthi likhona yini ithemba ngabafileyo?”—k. 27, isig. 3; Joh. 5:28, 29.
“Wake wazibuza yini ukuthi ungamduduza kanjani umuntu oshonelwe isihlobo sakhe esithandekayo?”—k. 20, isig. 1; IzAga 17:17.
UHulumeni Oyoletha IPharadesi
“Abantu abaningi balangazelela ukuthola ikhambi lokuxazulula izinkinga esibhekana nazo namuhla. Ingabe ucabanga ukuthi uyoke ube khona uhulumeni ongakwazi ukuxazulula lezi zinkinga?”—k. 3, isig. 1; Math. 6:9, 10.