Isimiso Somkhaya—Ukuya Ensimini Njengomkhaya
1 UJehova uyajabula lapho ebona abasebasha bedumisa igama lakhe. (IHu. 148:12, 13) Osukwini lukaJesu, ngisho ‘nezingane nabasancela badumisa’ uNkulunkulu. (Math. 21:15, 16) Kwenzeka okufanayo nanamuhla. Bazali, ningazisiza kanjani izingane zenu ukuba zibe abadumisi abashisekayo bakaJehova enkonzweni yobuKristu? Njengoba kugcizelelwe esihlokweni esingenhla semihlangano yebandla, isici esiyinhloko isibonelo ozibekela sona. Ubaba othile washo okungashiwo abazali yonke indawo lapho ethi: “Izingane azenzi njengoba usho; zenza njengoba wenza!”
2 Udade othile owakhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu uyakhumbula: “Lapho sivuka ekuseni ngoMgqibelo, sasingabuzi ukuthi siyaya yini ensimini. Sasazi ukuthi siyaya.” Nawe ungagxilisa ezinganeni zakho ukubaluleka komsebenzi wokushumayela ngokuthi wenze kube nesimiso esingaguquki samasonto onke sokuhlanganyela enkonzweni yasensimini njengomkhaya. Lokhu akugcini nje ngokunikeza izingane zakho ithuba lokuba zifunde kuwe, kodwa kwenza nawe ukwazi ukubona ukucabanga kwazo, imikhuba yazo, namakhono azo ethuthuka.
3 Ukuqeqesha Ngokuqhubekayo: Ukuze izingane ziyijabulele inkonzo, kudingeka zihlonyiselwe ukushumayela ngendlela ephumelelayo. Udade ocashunwe ngaphambili wathi futhi: “Asikaze sibe izingane ezilandelayo nje siphelezele abazali bethu emsebenzini wabo. Sasazi ukuthi sinengxenye, ngisho noma kwakumane nje kuwukungqongqoza emnyango sishiye ipheshana. Ngokulungiselela kahle ngaphambi kwenkonzo yangempelasonto ngayinye, sasikwazi esasizokusho.” Nawe ungaziqeqesha ngale ndlela izingane zakho ngokuzinika imizuzu embalwa isonto ngalinye uzihlomisele inkonzo, kungaba phakathi nesifundo somkhaya noma ngesinye isikhathi.
4 Ukushumayela ndawonye njengomkhaya kukunikeza ithuba lokugxilisa iqiniso ezinganeni zakho. Omunye ubaba ongumKristu wayevame ukuhamba nendodakazi yakhe lapho eyosakaza amapheshana kubantu ababehlala kwenye indawo eyayiqhele ngamakhilomitha ayishumi. Le ndodakazi iyajabula lapho ikhumbula lokhu: “Ubaba waligxilisa enhliziyweni yami iqiniso ngazo lezo zikhathi esasihamba ndawonye ngazo.” (Dut. 6:7) Kwangathi nawe ungabusiswa ngendlela efanayo ngokwenza inkonzo yasensimini ibe ingxenye yesimiso somkhaya wakho samasonto onke.