Isimiso Somkhaya—Imihlangano Yebandla
1 Uma ungumzali ongumKristu, ufuna ukuba izingane zakho zikhule zithande futhi zikhonze uJehova, ekugcineni, zithole ukuphila okuphakade ezweni elisha elithenjiswe nguNkulunkulu. Ungazisiza kanjani ukuba zibeke ukukhulekela uJehova kuqala ekuphileni kwazo? Indlela eyinhloko ongazisiza ngayo isibonelo ozibekela sona. (IzAga 20:7) Ekhumbula isibonelo sikanina okholwayo, udade othile wathi: “Kwakungabuzwa nokubuzwa ukuthi siyaya noma asiyi emhlanganweni.” Lokhu kwagxila kakhulu kuye.
2 Ingabe umkhaya wakho uyayiqondisisa injongo yemihlangano yebandla? Imfundiso esiyithola kule mibuthano isivuselela amandla ukuze sikwazi ukuqhubeka senza intando kaNkulunkulu, futhi abuve bukhuthaza ubudlelwane esibujabulela nabafowethu. (Isaya 54:13; Roma 1:11, 12) Nokho, injongo eyinhloko yale mihlangano iwukudumisa uJehova “phakathi kwezihlwele ezibuthene.” (IHu. 26:12) Imihlangano yobuKristu isinikeza ithuba lokubonisa uthando lwethu ngoJehova nokumkhulekela.
3 “Qaphelisisani”: Ukuyiqondisisa injongo engcwele yemihlangano yethu kuyosishukumisela ukuba ‘siqaphelisise’ singangeni kancane kancane emkhubeni wokulahlekelwa imihlangano ngenxa yezinto ezingabalulekile kangako. (Efe. 5:15, 16; Heb. 10:24, 25) Lapho nenza isimiso somkhaya, ningase niqale ngokubhala izikhathi zemihlangano yebandla bese niqiniseka ukuthi anivumeli ezinye izinto ziyiphazamise. Qinisekani ukuthi ukuya emihlanganweni kuza kuqala emkhayeni wenu.
4 Akusithinti yini inhliziyo ukufunda ngabafowethu abanqoba izithiyo ezazingabavimbela ukuya emihlanganweni emincane nemikhulu? Nakuba izimo zakho zingeke zibe ezingavamile njengezabo, cishe nawe uyabhekana nezinselele. USathane wenza kube nzima nakakhulu ngabantu bakaNkulunkulu ukukhulekela uJehova. Nokho, qiniseka ngokuthi nakanjani izingane zakho ziyoyibona imizamo yakho yokuzimisela ukuba khona emihlanganweni yebandla. Yebo, ngokwenza kanjalo, ungase uzinike isipho esingokomoya ezingeke zisikhohlwe.