ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-January 10
INgoma 223
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza bonke ukuba babuke i-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge, belungiselela ingxoxo yangesonto elizayo. Sebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 wenze imiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-January 15 ne-Phaphama! ka-February 8.
15 imiz: “Sondliwa Ngamazwi Okholo.”a Funda futhi ukhulumele imiBhalo ekhonjiwe, kuye ngesikhathi esikhona.
20 imiz: “Zama Indlela Evumelana Nezimo.” Ingxoxo nezilaleli egxile ekhasini 6 lesenezelo. Makube nemiboniso yezibonelo ezimbili zokusebenzisa le ndlela ekuhambiseni isipho senyanga.
INgoma 143 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 17
INgoma 34
5 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Basha—Ingabe Niyathuthuka Ngokomoya? Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 2003, amakhasi 8-10. Yisho imigomo ethile enengqondo futhi efinyelelekayo, bese ukhuthaza intsha ukuba izibekele imigomo ecacile engokomoya.
25 imiz: “Zuza Kuyi-video Ethi No Blood—Medicine Meets The Challenge.” Ingxoxo nezilaleli edingida i-video ethi No Blood, kusetshenziswa imibuzo esekhasini 2. Kamuva, funda isigaba sokugcina. Khuthaza bonke ukuba babe khona ngesonto elizayo lapho kuyobe kuxoxwa ngelungiselelo elisha lokusisiza ukuba sidede egazini.
INgoma 78 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 24
INgoma 163
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
10 imiz: Izidingo zebandla.
25 imiz: Ukulalela Umyalo KaNkulunkulu Wokudeda Egazini. Inkulumo efundwayo ebekwa umdala, esebenzisa uhlaka oluvela ehhovisi legatsha. Zisuka nje, yisho ukuthi amakhadi i-DPA akufanele agcwaliswe namuhla. Lapho isikhulumi sifunda le nkulumo, singenezela amazwi ambalwa okugcizelela amaphuzu ayinhloko kodwa akufanele senezele ngezibonelo noma ngemiBhalo. ImiBhalo ekhonjiwe ingafundwa noma icashunwe kuye ngesikhathi esikhona. Ezindaweni ezifanelekayo, qokomisa amaphuzu asebhokisini elithi, “Ilungiselelo Elisha Lokusisiza Sidede Egazini.” Unobhala kufanele anike bonke abamemezeli ababhapathiziwe amakhadi i-DPA ne-“Ziyalezo Zokugcwalisa Ikhadi I-DPA” ukuze bakwazi ukuhambisana nesikhulumi. Unobhala kufanele aqikelele nokuthi kukhona ama-Identity Card amaningi ngokwanele.
INgoma 200 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 31
INgoma 157
5 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-January. Makube nomboniso wokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-February 1 noma kwe-Phaphama! ka-February 8, kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8.
25 imiz: “Indlela Yokusebenzisa Izintshumayelo Eziyizibonelo.”b Sebenzisa imibuzo enyathelisiwe. Yisho ukuthi emakhasini 3-5 esenezelo sale nyanga kunezintshumayelo zezincwadi esizobe sizihambisa. Lesi senezelo kufanele sisigcine kahle ukuze sisisebenzise phakathi nonyaka. Ngemva kwengxoxo yalesi sihloko, khulumela izindlela esingahambisa ngazo incwadi ethi Sondela KuJehova ngo-February. Makube nemiboniso emibili. Ingase isekelwe ezintshumayelweni eziyizibonelo ezisekhasini 3 noma kwezinye ezingaphumelela ensimini yebandla.
15 imiz: Uyayihlola Yini ImiBhalo Nsuku Zonke? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esanduleleni sencwajana Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2005. Khuluma ngesidingo sokuba wonke umuntu azinike imizuzu embalwa yokucabangela itekisi nokukhulunyelwa kwalo usuku ngalunye. Hlela kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili bakhulume ngesimiso sabo sokufunda itekisi losuku nokuthi sibazuzise kanjani. Phetha ngengxoxo emfushane yesihloko sonyaka ka-2005.
INgoma 184 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 7
INgoma 97
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Siza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bathande UNkulunkulu Nomakhelwane. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2004, ikhasi 16, izigaba 7-9. Gcizelela indlela ilungu ngalinye lebandla elinendima ngayo ekusizeni abasanda kuhlanganyela ukuba babe abafundi bakaKristu.
20 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo—INgxenye 5.”c Makube nomboniso lapho umfundisi ongumakad’ ebona exoxa nommemezeli omusha mayelana nendlela yokugwema izingibe ezishiwo ezigabeni 4-5.
INgoma 104 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.