INgxenye 5: Ukunquma Ubungako Bendaba Okufanele Ihlanganiswe
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Lapho efundisa, uJesu akazange akhohlwe ukuthi abafundi bakhe babelinganiselwe. Wayekhuluma nabo “uma nje besakwazi ukulalela.” (Marku 4:33; Joh. 16:12) Ngendlela efanayo, namuhla abafundisi beZwi likaNkulunkulu kudingeka banqume ijubane abahlanganisa ngalo indaba lapho beqhuba isifundo seBhayibheli. Ubungako bendaba engase ihlanganiswe buyoxhomeka ekhonweni nasezimweni zabo bobabili umfundi nomfundisi wakhe.
2 Yakha Ukholo Oluqinile: Kwabanye abafundi kungase kudingeke ukuba indaba esesahlukweni ihleshulwe ibe izifundo ezimbili noma ezintathu ukuze baqonde lokho abanye abafundi abangakufunda futhi bakuqonde ngesifundo esisodwa. Asifuni ukujaha kakhulu indaba ibe ingamkhanyeli umfundi. Umfundi ngamunye kudingeka abe nesisekelo esiqinile sokholo asanda kuba nalo eZwini likaNkulunkulu.—IzAga 4:7; Roma 12:2.
3 Njengoba uqhuba isifundo isonto nesonto, nikeza umfundi isikhathi asidingayo ukuze umsize aqonde futhi amukele lokho akufundayo eZwini likaNkulunkulu. Gwema ukujaha okungenza umfundi angakwazi ukuzuza ngokugcwele emaqinisweni awafundiswayo. Hlela ukuba usebenzise isikhathi esanele sokugxila emaphuzwini ayinhloko futhi ucabangele imiBhalo eyisihluthulelo enikeza isisekelo salezi zimfundiso.—2 Thim. 3:16, 17.
4 Hlalani Endabeni Efundwayo: Yize sifuna ukugwema ukujaha ukuhlanganisa indaba, sifuna nokugwema ukuphuma endabeni. Uma umfundi ethambekele ekuxoxeni isikhathi eside ngezindaba zomuntu siqu, kungase kudingeke sihlele ukuba sixoxe ngazo ngemva kwesifundo.—UmSh. 3:1.
5 Ngakolunye uhlangothi, nathi intshiseko yethu ngeqiniso ingase ikwenze kube inselele ukugwema ukukhuluma kakhulu phakathi nesifundo. (IHu. 145:6, 7) Iphuzu eliseceleni noma okuhlangenwe nakho okuthile kungenza isifundo sihlwabuse, kodwa asifuni ukuba sikufake kube kuningi noma kube kude kuze kuphazamise umfundi ekuzuzeni ulwazi olunembile lwezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli.
6 Ngokuhlanganisa indaba eyanele esifundweni ngasinye, sisiza abafundi beBhayibheli ukuba ‘bahambe ekukhanyeni kukaJehova.’—Isaya 2.5.