Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
Kulezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ sidinga ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ukuze sithole ukwamukelwa uJehova futhi sikulondoloze. (2 Thim. 3:1) Isimiso somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2005 siyosinika iseluleko nesikhuthazo esiwusizo njengoba siyobe sichaza kabanzi isihloko esithi “Vumela Ukuqondiswa ‘Ukuhlakanipha Kwaphezulu.’”—Jak. 3:17.
Uchungechunge lokuqala oluthi, “Ukubonisa ‘Ukuhlakanipha Kwaphezulu’ Ekuphileni Kwethu,” luyosisiza siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba abahlanzekile, abanokuthula, ababonelelayo futhi abasheshayo ukulalela. Umbonisi wesifunda uyobe eseqokomisa ezinye izici ezintathu zokuhlakanipha kwaphezulu. Umbonisi wesigodi uyophetha usuku lokuqala ngokubonisa indlela izikhonzi ezingamaKristu ezihlonyiselwe ngayo ukukhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nakuba abanye bezibheka njengabantu “abangafundile nabavamile.”—IzE. 4:13.
Ngosuku lwesibili, uchungechunge oluthi “Phishekela Izinto Ezakhayo” luyosisiza sikwazi ukubona futhi sigweme izinto ezingasenza buthaka ngokomoya. Luyosibonisa nendlela esingabakha ngayo abanye emihlanganweni yebandla, enkonzweni yasensimini nasemkhayeni. Inkulumo yeningi ethi, “Indlela Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Okusizuzisa Ngayo,” iyojulisa ukwazisa kwethu ngezinzuzo esizithola ngokusebenzisa izimiso zikaNkulunkulu ekuphileni kwethu. Inkulumo yokuphetha ethi, “Ukusebenzisa Ukuhlakanipha Kwaphezulu Kuyasilonda,” izoqinisa ukuzimisela kwethu ukukufuna kuJehova ukuhlakanipha kulezi zinsuku zokugcina.
Isici ezivelele kuyo yonke imihlangano ukubhapathizwa kwabafundi abasha. Esimisweni kuyoba khona neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini neSifundo Se-Nqabayokulinda sangalelo sonto. UJehova ufisa ukuba sonke sizuze ekuhlakanipheni asinika kona. Iseluleko nesikhuthazo esizosithola emhlanganweni wethu wesifunda sizosicebisa ngokomoya.—IzAga 3:13-18.