Ukubukezwa Komhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Le mibuzo izosetshenziselwa ukulungiselela nokubukeza isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2005. Isihloko esithi “Indlela Entsha Yokubukeza Izimiso Zemihlangano,” esisekhasini 4 lalesi senezelo, sichaza indlela lokhu kubukeza okumelwe kusingathwe ngayo. Lapho kubukezwa, isikhathi masabiwe kahle ukuze ibuzwe yonke imibuzo. Ukubukeza kufanele kugxile endleleni esingakusebenzisa ngayo ukwaziswa esakuthola emhlanganweni.
ISIMISO SASEKUSENI
1. Kungani kunesidingo esikhula njalo sokuba silalele uJehova? Kusho ukuthini ukulalela? (“Okwenza Silalele Izwi LikaJehova”)
2. Imikhaya ingasilondoloza kanjani isimiso esihle sezinto ezingokomoya? (“Imikhaya Elalela IZwi LikaNkulunkulu Ngaphandle Kwezithikamezo”)
3. Abasesifundeni bawasebenzise kanjani amathuba okufakaza ngokwethukela? (“Ukukhazimulisa UNkulunkulu Kuzo Zonke Izinto Esizenzayo”)
4. Iziphi izifundo esingazifunda ezibonelweni eziyizixwayiso ezitholakala kumaHebheru izahluko 3 no-4? UJehova ukhuluma kanjani nathi namuhla? (“Ukulalela Lapho UNkulunkulu Ekhuluma Kuyasivikela”)
5. Wazuzani enkulumweni yobhapathizo? (“Ukuzinikezela Nobhapathizo”)
ISIMISO SANTAMBAMA
6. Yini esingayifunda ngoJesu lapho esemusha, futhi intsha esesifundeni isilingisa kanjani isibonelo sakhe? (“Indlela Ukulalelisisa IZwi LikaNkulunkulu Okuqinisa Ngayo Intsha Yethu”)
7. Iziphi ezinye zezindlela abazali abangaqala ngazo ukufundisa izinsana nezingane izindlela zikaJehova? (“Izingane Ezilalela UNkulunkulu Futhi Zifunde”)
8. Iziphi ezinye zezici ezikhethekile okudingeka silalele kuzo uJehova, iNdodana yakhe ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’? (Math. 24:45) Kungani kubalulekile ukuba senze kanjalo? (“Yinake Njalo Imfundiso Yaphezulu”)