Ukubukeza Umhlangano Wesifunda
Le mibuzo izosetshenziselwa ukulungiselela nokubukeza isimiso somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2005. Isihloko esithi “Indlela Entsha Yokubukeza Izimiso Zemihlangano,” esisekhasini 4 lalesi senezelo, sichaza indlela lokhu kubukeza okumelwe kusingathwe ngayo. Lapho kubukezwa, isikhathi masabiwe kahle ukuze ibuzwe yonke imibuzo. Ukubukeza kufanele kugxile endleleni esingakusebenzisa ngayo ukwaziswa esakuthola emhlanganweni.
ISIMISO SASEKUSENI SOSUKU LOKUQALA
1. Yini eyosisiza ukuba sithole ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?
2. Abasesifundeni benze muphi umzamo ukuze bafinyelele abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle?
ISIMISO SANTAMBAMA SOSUKU LOKUQALA
3. Kungani kubalulekile ukuba amaKristu azigcine engangcolisiwe ngaphakathi? Lokhu kudinga ukuba senzeni?
4. Singazibonakalisa kanjani ukuthi sinokuthula nabafowethu?
5. Kuyini ukucabangela, futhi singakubonisa kanjani endleleni esisebenzisa ngayo isikhathi sethu?
6. Sifundani esibonelweni sikaSawule noNowa? Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi ‘siyashesha ukulalela’? (Jak. 3:17)
7. AmaKristu angaziqapha kanjani ukuba angaphili ukuphila okumbaxa-mbili?
8. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu sokukhuluma ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu?
ISIMISO SASEKUSENI SOSUKU LWESIBILI
9. Kungani kufanele siqaphe uma sikhetha izinto esiziphishekelayo, futhi yini eyosisiza ukuba senze kanjalo?
10. Abasesifundeni benza muphi umzamo ukuze babe khona njalo emihlanganweni, futhi bazuze kanjani ngokwenza kanjalo?
11. Izinhloko zemikhaya zingayakha kanjani imikhaya yazo?
12. Iziphi izidingo zesifunda esaqasheliswa ngazo?
ISIMISO SANTAMBAMA SOSUKU LWESIBILI
13. Njengoba kwaboniswa enkulumweni yeningi, imiphi imisebenzi emihle eye yenziwa ngokuhlakanipha kwaphezulu?
14. Kungani kuwubuwula ukuzethemba noma ukwethemba labo abangaqondiswa ukuhlakanipha kwaphezulu? Yiziphi izindawo okufanele siqaphe kuzo?
15. Ukuhlakanipha kwaphezulu kusivikela kuziphi izingibe?
16. Kungani kubalulekile ukuba sisisebenzise iseluleko esasithola esimisweni somhlangano wesifunda?