Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/04 k. 10
  • Ukubukeka Okumsulwa Nokutusekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeka Okumsulwa Nokutusekayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Izingubo Esizigqokayo Nendlela Esibukeka Ngayo Kubaluleke
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izingubo Ezilungiswe Kahle Zibonisa Ukuhlonipha UNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Dumisa UJehova Ebandleni Elikhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ingabe Indlela Ogqoka Ngayo Ikhazimulisa UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 10/04 k. 10

Ukubukeka Okumsulwa Nokutusekayo

1. Lapho silungiselela umhlangano wesigodi, kungani kufanele sicabangele indlela esiyobukeka ngayo?

1 “OFakazi BakaJehova bangabantu abahle kakhulu! Abantu benu banomusa futhi bagqoka kahle, babonisa nenhlonipho ejulile.” Washo kanjalo ummeleli wehhotela ngabafowethu nodadewethu komunye umhlangano wesigodi ngonyaka odlule. Komunye umhlangano, isisebenzi sasehhotela sathi: “Kusobala ukuthi abantu benu bagqoka ngendlela ejabulisa uNkulunkulu.” Yebo, izihambeli zomhlangano ziyaqashelwa. Ngakho sifuna ukugqoka “ngendlela efanele izindaba ezinhle,” futhi lokhu kuvame ukushukumisa abantu abangebona oFakazi ukuba basincome, kwenze kube sobala ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu. (Fil. 1:27) Njengoba silungiselela umhlangano wesigodi, kuyafaneleka ukucabanga kusengaphambili ngendlela esiyobe sibukeka ngayo.

2. Kungani kuyinselele ukugqoka nokuzilungisa ngendlela emsulwa?

2 Umfundi uJakobe wabhala: “Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa.” (Jak. 3:17) Ukubonisa ubumsulwa endleleni esibukeka ngayo kungaba inselele. Izwe likaSathane elinokuziphatha okubi lithonya abantu ukuba balandele izitayela ezingafaneleki, ezingenasizotha, ezivusa inkanuko neziyinqaba. (1 Joh. 2:15-17) Ngakho, lapho senza izinqumo ngokuqondene nokugqoka nokuzilungisa, kudingeka siwulalele umyalo weBhayibheli wokuba “silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo . . . phakathi nalesi simiso samanje sezinto.” (Thithu 2:12) Asifuni neze ukubaphatha kabi abanye ngendlela esibukeka ngayo, kungakhathaliseki ukuthi bangabafowethu, izisebenzi zasemahhotela noma zasezitolo zokudlela, noma abanye ababukele.—1 Kor. 10:32, 33.

3. Imiphi imibuzo ezosisiza ukuba sihlole ukubukeka komuntu siqu?

3 Izingubo Ezinesizotha, Nezilungiswe Kahle: Lapho ulungiselela umhlangano, zibuze: ‘Ingabe izingubo engizozigqoka zinesizotha, noma zingidonsela amehlo ngokungadingekile? Ingabe zibonisa ukuyihlonipha imizwa yabanye? Ingabe amayembe ami njengomuntu wesifazane aveza kakhulu isifuba noma mafushane? Ingabe izingubo zami ziveza umzimba noma ziyangimpintsha? Ingabe izingubo zami zihlanzekile futhi azinuki kabi? Lapho ngiziphumulele ngemva kwesimiso, ingabe ngiyobukeka ngicocekile njengesikhonzi, noma izingubo zami ziyobonisa ubudlabha, zigxile emfashinini, zibonise ukunganaki ngokweqile, futhi zingafanelekeli ukugqokwa isihambeli somhlangano esigqoke ibheji? Ingabe izingubo engiyozigqoka phakathi nesikhathi sokuphumula ziyongenza ngibe namahloni okushumayela ngokwethukela?’—Roma 15:2, 3; 1 Thim. 2:9.

4. Bangasisiza kanjani abanye ukuba sibukeke simsulwa?

4 Singazuza emibonweni yamaKristu avuthiwe. Amakhosikazi kufanele abuze abayeni bawo ukuthi abanye bangase bazibheke kanjani izingubo zawo. Abazali abesaba uNkulunkulu bangazisiza izingane zabo kule ndaba. Ngaphezu kwalokho, odade asebekhulile abanenhlonipho bangase “basangulukise abesifazane abasebasha . . . ukuba babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa” endleleni ababukeka ngayo “ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.” (Thithu 2:3-5) Izincwadi zethu zinezithombe eziwusizo ezibonisa izingubo ezinesizotha, nezilungiswe kahle.

5. Singamdumisa kanjani sonke uJehova phakathi nomhlangano?

5 Dumisani UJehova: Imihlangano yesigodi isinikeza sonke ithuba elihle kakhulu lokudumisa uJehova, ayinikezi nje kuphela labo abanengxenye esimisweni. Yebo, ukuziphatha kwethu kobuKristu nenkulumo yethu kuyomdumisa. Kodwa into yokuqala abantu abaningi ababukele abayiphawulayo ngathi ukugqoka nokuzilungisa kwethu. Kwangathi sonke singamdumisa uJehova ngokubukeka komuntu siqu okumsulwa nokutusekayo.—IHu. 148:12, 13.

[Ibhokisi ekhasini 10]

Okungasisiza Ukuba Sibukeke Ngendlela Etusekayo

◼ IZwi likaNkulunkulu

◼ Ukuzihlola

◼ Imibono yabanye

◼ Izincwadi zobuKristu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela