IZazizo
◼ Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswa isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu noma ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1990 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo esitokweni, sicela nibuze amabandla aseduze ukuthi awanazo yini ezisele kulezi zincwadi ezindala eningazisebenzisa.
◼ Isenezelo esikule Nkonzo Yethu YoMbuso “ISimiso Sesikole Esingokwasezulwini Sika-2005” futhi kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe wonke unyaka ka-2005.
◼ Inkulumo yeningi ekhethelile yangenkathi yeSikhumbuzo sika-2005 iyonikezwa ngeSonto, April 10. Isihloko sayo siyomenyezelwa kamuva. Lawo mabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma enomhlangano ngaleyo mpelasonto ayoba nayo ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile lingakafiki iSonto, April 10, 2005.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda isihloko sonyaka sika-2005 e-odeni lawo lika-October. Isihloko sonyaka siyotholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nangesiZulu. Amabandla anga-oda isihloko esisodwa kuphela ulimi ngalunye. Kusikiselwa ukuba amabandla asiphanyeke ngo-January 1, 2005
◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku zemihlangano yesigodi elandelayo sezishintshiwe:
December 3-5:
EBloemfontein (isiBhunu, isiNgisi)
December 17-19:
EButterworth (isiXhosa)
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso—Uhlelo Olubhalwe Ngokugqamile—ngesiBemba
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
Transfusion Alternatives—Documentary Series ngesiNgisi, isi-Arabhu, isiDashi, isiFulentshi, isiJalimane, isiJapane, isiMalagasi, isiNtaliyane, isiPanishi, isiPutukezi (sasePortugal), isiPutukezi (saseBrazil) nangesiRashiya. Le DVD izoba nama-video amathathu, ethi, Transfusion-Alternative Strategies-Simple, Safe, Effective; Transfusion-Alternative Health Care-Meeting Patient Needs and Rights, kanye nethi No Blood-Medicine Meets the Challenge.
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila—NgoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Ama-CD Amasha Atholakalayo:
Sondela KuJehova—NgesiNgisi