ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2004
1 UJehova uhlomisa abantu abavamile ukuba benze umsebenzi obalulekile emhlabeni wonke. Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukubaqeqesha isonto ngalinye eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Ingabe uhlanganyela ngokugcwele kangangoba izimo zakho zikuvumela? Ngo-January kuzoba nezinguquko ezimbalwa ukuze kusizwe abafundi ukuba bazuze kakhulu kula malungiselelo.
2 Ukushintshana Kwabeluleki Abangabasizi: Abazalwane abanikeza inkulumo yokuyala namaphuzu avelele ekufundweni kweBhayibheli bayazazisa izeluleko ezinikezwa abeluleki abangabasizi. Lapho kunabadala abafanelekayo abanele, isabelo sokuba umeluleki ongumsizi kungashintshwana ngaso njalo ngonyaka. Lokhu kuyokwenza ukuba abadala bathwalisane umsebenzi; kodwa okubaluleke nakakhulu, kuyokwenza ukuba abadala nezinceku ezikhonzayo ezifanelekayo bazuze olwazini lwezikhulumi nabafundisi abahlukahlukene abanekhono.
3 Isimiso Sokubukeza Komlomo: Uma ibandla lakini linomhlangano wesifunda ngesonto lokubukeza komlomo, ukubukeza (naso sonke isimiso sangalelo sonto) kufanele kuhlehliselwe esontweni elilandela umhlangano kuthi isimiso salelo sonto elilandelayo sona siqhutshwe ngesonto lomhlangano. Nokho, asikho isidingo sokushintshanisa izimiso eziphelele zamasonto amabili uma ukubukeza komlomo kuqondene nokuhanjelwa umbonisi wesifunda. Kunalokho, ingoma, inkulumo yemfanelo yokukhuluma, namaphuzu avelele ekufundweni kweBhayibheli kufanele kwenziwe njengoba kuhleliwe. Inkulumo yokuyala (elandela inkulumo yemfanelo yokukhuluma) kufanele ithathwe esimisweni sangesonto elilandelayo. Amaphuzu avelele ekufundweni kweBhayibheli ayolandelwa uMhlangano Wenkonzo oyothatha isigamu sehora, ongase uhlelwe ube yizingxenye ezintathu eziyimizuzu eyishumi noma izingxenye ezimbili eziyimizizu eyishumi nanhlanu. (Izaziso kufanele zingenziwa.) UMhlangano Wenkonzo uyolandelwa yingoma nesimiso sombonisi wesifunda esiyisigamu sehora. Ngesonto elilandelayo iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siyoqhubeka njengoba kuhleliwe sibe nenkulumo yemfanelo yokukhuluma namaphuzu avelele ekufundweni kweBhayibheli, kulandele ukubukeza komlomo.
4 Lisebenzise kahle ithuba ngalinye lokuba ukhule ngokomoya. Njengoba uzuza emfundweni yeSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ukhuthaza ibandla lakini, ube nengxenye ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, futhi ulethe udumo kuMsunguli walesi sigijimi esihle kangaka okumelwe sisimemezele.—Isaya 32:3, 4; IsAm. 9:19.