ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-December 8
INgoma 221
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Yisho amalungiselelo akhethekile enkonzo yasensimini ango-December 16. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yiba nomboniso wokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-December 15 ne-Phaphama! ka-January 8. Embonisweni ngamunye, mabahanjiswe bobabili omagazini, ngisho noma kukhulunyelwa owodwa.
20 imiz: Sebenzisa Inkemba Yomoya. (Efe. 6:17) Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, amakhasi 143-4. Cela izilaleli ukuba ziphendule le mibuzo: (1) Kungani sisebenzisa iBhayibheli lapho siphendula imibuzo? (2) Lisho ukuthini ngathi igama elithi oFakazi BakaJehova? (3) UJesu wabeka siphi isibonelo, futhi singamlingisa kanjani? (4) Iziphi ezinye zezindlela eziphumelelayo zokwethula izingxoxo zeBhayibheli ensimini yebandla? (5) Kungani kukuhle ukufunda eBhayibhelini ngokuqondile noma nini lapho kungenzeka? (6) Abadala bangabakhuthaza kanjani abanye ukuba basebenzise iBhayibheli? Yiba nomboniso olungiselelwe kahle osekelwe esivivinyweni esisekhasini 144 obonisa ummemezeli onekhono esebenzisa okungenani umBhalo owodwa ekuphenduleni umbuzo. Khuthaza bonke ukuba bakwenze umgomo wabo ukusebenzisa iBhayibheli ngaso sonke isikhathi befakaza.
15 imiz: “ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2004.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesikole. Khulumela nalokho okushiwo esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2003.
INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 15
INgoma 71
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho kafushane amalungiselelo enkonzo akhethekile ango-December 25 nango-January 1.
15 imiz: Isifundo Somuntu Siqu—Isenzo Sokukhulekela. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 2000, amakhasi 14-15, izigaba 6-10.
20 imiz: “Siza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele.’”a Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Bukeza uhlu lwezindlela zokwenza izimpindelo ezisikiselwe ebhokisini elisekhasini 3 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1997.
INgoma 42 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 22
INgoma 10
15 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. IZindaba Ezingokwasezulwini. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yiba nomboniso wokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-January 1 ne-Phaphama! ka-January 8.
15 imiz: Izidingo zebandla.
15 imiz: Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Kuletha Izibusiso. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Landisa izindaba ezimbalwa ezisezincwadini zethu ezimayelana nezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. (w00-ZU 3/1 k. 6; yb98-ZU kk. 55-60) Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi yini esiyifundayo kulezo zindaba nokuthi sizuza kanjani ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli.
INgoma 209 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 29
INgoma 200
10 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza bonke abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-December. Yisho isipho sango-January.
15 imiz: Okuhlangenwe nakho kwebandla. Cela izilaleli ukuba zilandise okujabulisayo okwenzeke lapho zifakaza ensimini yebandla noma ensimini engabelwe, noma lapho zifakaza ngokwethukela emsebenzini, esikoleni, noma kwenye indawo.
20 imiz: “Ukufuna Abafanelekayo.”b Yenza indaba isebenze ebandleni. Kunini lapho kungenzeka kakhulu khona ukuba abaninikhaya batholakale emakhaya? Ibe yini imiphumela yokusebenza ntambama noma kusihlwa? Iziphi izindlela ezingasetshenziswa zokuthintana nabantu abangavamile ukuba semakhaya?
INgoma 182 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 5
INgoma 103
5 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Umshikashika Wenu Awulona Ize. (1 Kor. 15:58) Ingxoxo nezilaleli. Hlela kusengaphambili ukuba abamemezeli asebeneminyaka eminingi beshumayela balandise imininingwane yomsebenzi ezinsukwini zakudala. Bangaki ababekhona ebandleni ngaleso sikhathi? Yayingakanani insimu ibandla elalabelwe yona? Abantu babesabela kanjani esigijimini soMbuso? Hlobo luni lokuphikiswa enanihlangana nalo? Ukhule kangakanani umsebenzi woMbuso endaweni kule minyaka edlule?
25 imiz: “Ukwandisa Egatsheni LaseNingizimu Afrika.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Lapho nixoxa ngezigaba 9-14, ncoma abazalwane ngokunikelela uMsebenzi Womhlaba Wonke ngesandla esivulekile. Nokho, ngenxa yezindleko ezihilelekile ekwandisweni kwegatsha, khuthaza abamemezeli nebandla ukuba bacabangele lokho abangakwenza ukuze basize ngokunikela ngezimali.
INgoma 7 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.