IZaziso
◼ Isipho ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswa khona isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-November: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma abantu sebenazo lezi zincwadi, kungahanjiswa ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso noma enye incwadi endala. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma ungahambisi yona, ungasebenzisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli noma ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu. Ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ingahanjiswa uma ibandla linayo esitokweni. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1988 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi, sicela nibheke emabandleni aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu noma ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
◼ Esinye sezenezelo ezikule Nkonzo Yethu YoMbuso “ISimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2004” futhi kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe wonke unyaka ka-2004.
◼ Abadala basemabandleni abelwe ukuya emhlanganweni wezizwe banganquma ukuba nesifundo sencwadi ekuqaleni kwalelo sonto noma bahlele ukuba ingxenye yaso ifundwe ngesonto elingaphambi komhlangano enye ifundwe ngesonto elilandelayo. Yazisani ibandla kusengaphambili. Amabandla aya emhlanganweni wesigodi kufanele abe naso isifundo sawo sencwadi ngesonto lomhlangano. ISikole noMhlangano Wenkonzo ngeke kube khona ngesonto lomhlangano.
◼ Uma izikhathi zemihlangano yebandla lenu zizoshintsha ngo-January 1, unobhala webandla kufanele azise ihhovisi legatsha ngalolu shintsho ngokuthumela ifomu elithi Congregation Meeting Information (S-5). Uma kudingeka, ninga-oda izimemo ezintsha nge-Oda Lezimemo (S-16). Izimemo kufanele zi-odwe kusasele amasonto angu-8 ngaphambi kokuba nizidinge.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda isihloko sonyaka sika-2004 e-odeni lawo lika-October. Esibhalwe oqwembeni kuphela esiyotholakala. Singu-1,000mm x 350mm ubukhulu. Isihloko sonyaka siyothalakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nangesiZulu. Amabandla anga-oda isihloko esisodwa kuphela ulimi ngalunye. Kusikiselwa ukuba amabandla asiphanyeke ngo-January 1, 2004 isihloko sonyaka.
◼ Ihhovisi legatsha alibathumeleli abamemezeli ngabanye ama-oda ezincwadi. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba kuthunyelwe egatsheni i-oda lebandla lezincwadi lazinyanga zonke ukuze bonke abafisa ukuzitholela izincwadi ezithile batshele umzalwane ophatha izincwadi. Sicela nikhumbule njalo ukuthi iziphi izincwadi ezi-odwa ngokukhethekile.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangenkathi yeSikhumbuzo sika-2004 izonikezwa ngeSonto, April 18. Isihloko sayo siyomenyezelwa kamuva. Lawo mabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma enomhlangano ngaleyo mpelasonto ayoba nayo ngesonto elilandelayo le nkulumo ekhethekile. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 18, 2004.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Watch Tower Publications Index 2002—ngesiNgisi
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Singing Kingdom Songs—No. 3—ngesiZulu
◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:
Elementary Bible Teachings—On Videocassette, Volume 1—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika