Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 27, 2003. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-September 1 kuya ku-October 27, 2003. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Sisho ukuthini iseluleko esikweyoku-1 Thimothewu 2:9 sokuba sizihlobise “ngezingubo ezilungiswe kahle,” futhi lokhu kungazithinta kanjani izinkulumo zethu endaweni yesikhulumi noma enkonzweni yasensimini? [be-ZU k. 132 izig. 4-5]
2. Izimiso zeBhayibheli ezikweyoku-1 Johane 2:15-17, Efesu 2:2, nakweyabaseRoma 15:3 kufanele ziyithinte kanjani indlela esibukeka ngayo? [be-ZU k. 133 izig. 2-4]
3. Kungani sibalulekile isimo sokuqiniseka, futhi singaba kanjani nesimo sokuqiniseka lapho sisendaweni yesikhulumi noma enkonzweni? [be-ZU k. 135 ibhokisi; k. 136 isig. 5, ibhokisi]
4. ‘Njengofakazi othembekile noqinisile,’ uJesu wasibekela kanjani isibonelo sokusebenzisa iBhayibheli enkonzweni? (IsAm. 3:14) [be-ZU k. 143 izig. 2-3]
5. Singalithuthukisa kanjani ikhono lethu lokusebenzisa iBhayibheli? (Thithu 1:9) [be-ZU k. 144 isig. 1, ibhokisi]
ISABELO NO. 1
6. Ukutadisha kuhilelani, futhi iziphi ezinye izinzuzo zokulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu? [be-ZU k. 27 isig. 3; k. 32 isig. 4]
7. Ngokuvumelana noJakobe 1:5, 6, yini ebalulekile lapho sibhekene nesinqumo esingathí sina? [w01-ZU 9/1 k. 28 isig. 4]
8. Ziyini izinsuku ezibaluleke kakhulu, futhi kungani zibaluleke kangaka? [si-ZU k. 282 isig. 27]
9. Kungayiphi indlela “okhipha umbiko omubi” eyisiphukuphuku? (IzAga 10:18) [w01-ZU 9/15 k. 25 isig. 3]
10. Abantu bayowazisa kanjani ngokugcwele umbono kaJehova wesikhathi ezweni elisha? [si-ZU k. 283 isig. 32]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Iqiniso Noma Amanga: Kweyoku-1 Korinte 2:9, umphostoli uPawulu ubhekisela ezintweni uJehova azilungiselele abantu bakhe abathembekile ngokuthi yifa. Chaza. [ip-2-ZU k. 366 ibhokisi]
12. Amazwi alotshwe kweyoku-1 Korinte 10:13, asebenza kuziphi izilingo, futhi uJehova ‘uyenza kanjani indlela yokuphuma’? [w91-ZU 10/1 kk. 10-11 izig. 11-14]
13. Isibonelo sikaJesu sokupha siwathinta kanjani amaKristu? (2 Kor. 8:9) [w92-ZU 1/15 k. 16 isig. 10]
14. UMthetho ‘wawungumfundisi oholela kuKristu’ kanjani? (Gal. 3:24) [w02-ZU 6/1 k. 15 isig. 11]
15. Ziyini ‘izinto zokucathula zezwe’ lezo okufanele siziqaphele ukuze singadukiswa? (Kol. 2:8)