Isimiso Esisha SoMhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Kuningi kakhulu ukwaziswa okutholakalayo namuhla mayelana nokugcina izinhliziyo zethu zisesimweni esihle ukuze sibe nokuphila okujabulisa kakhudlwana nokujana. Okubaluleke ngisho nakakhulu isimo senhliziyo yethu engokomfanekiso. Ngakho, yeka ukuthi sifaneleka kanjani isihloko sesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa ozoqala ngo-September 2003, esithi: “Ukukhonza UJehova Ngenhliziyo Ephelele.” (1 IziKr. 28:9) Yini esingalindela ukuyifunda?
Umbonisi wesifunda uyoxoxa ngesihloko esithi “Ukusiza Abanye Bakhonze UJehova Ngomphefumulo Ojabulayo.” Izingxoxo nabathile ziyoqokomisa injabulo etholakala ngokuhlakulela isithakazelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli kubantu abafuna ukukhonza uJehova. Akungatshazwa ukuthi bonke abayobe bekhona bayothola induduzo nesikhuthazo enkulumweni yokuqala yesikhulumi esihambele enesihloko esithi “Ukuqapha Izinhliziyo Zethu Ezweni Elinezinkathazo.” Isimiso sasekuseni siyophetha ngenkulumo yobhapathizo.
Ntambama, inkulumo ethi “Ukusiza Abanye” iyogxila endleleni esingasiza ngayo abanye. Yini abazali abangayenza ukuze bavikele izinhliziyo zezingane zabo emathonyeni amabi futhi bazisize zisondele kuJehova? Inkulumo ethi “Siza Izingane Zakho Zijabule NgoJehova” iyonikeza ukusikisela okuwusizo ibonise nokuthi lokhu kungenziwa kanjani.
Ingabe siyawasebenzisa wonke amalungiselelo uJehova awenzayo ukuze sigcine izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso ziphilile futhi ziqinile? Inkulumo yokugcina yesikhulumi esihambele, ethi, “Londoloza Inhliziyo Ephelele Lapho Ukhonza UJehova,” iyogxila ezicini ezine ezibalulekile zesimiso sokulondoloza ingokomoya lethu. Singakanani isikhathi nomzamo esikusebenzisela ukuthandaza ngobuqotho, ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, ukushumayela ngentshiseko nokuhlangana namanye amaKristu? Sikhona yini isici esingathuthukisa kuso kulezi?
UJehova usimema athi: “Letha inhliziyo yakho esiyalweni nendlebe yakho emazwini olwazi.” (IzAga 23:12) Hlela kusemanje ukuba khona ngalolu suku lwemfundo ezuzisayo esekelwe emiBhalweni. Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba uqhubeke ukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele nangomphefumulo ojabulayo.