IZaziso
◼ Isipho ngo-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi yalezi zincwajana ezinamakhasi angu-32 ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona ungahambisa incwajana ethi, A Satisfying Life—How to Attain It, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, nethi Incwadi Yabo Bonke Abantu. Ngo-September: Hambisa incwadi Ulwazi. Ngo-October: Hambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokwehlukana. Lapho kuboniswa isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli.
◼ Kusukela ngesonto lika-October 20, 2003, sizofunda incwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso eSifundweni Sencwadi Sebandla.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma lokhu sekwenziwe, yazisa ibandla ngemva kokuba umbiko wezimali olandelayo usufundiwe.
◼ Ukubalwa kwaminyaka yonke kwazo zonke izincwadi nomagazini okhona esitokweni kufanele kwenziwe ngo-August 31, 2003, noma ngokushesha ngemva kwalolo suku. Lokhu kubalwa kwezincwadi kuyefana nalokho okwenziwa umxhumanisi wezincwadi nyanga zonke, futhi izingqikithi kufanele zibhalwe efomini loKubalwa Kwezincwadi (S-18). Ingqikithi yomagazini abasesitokweni kufanele itholakale kulabo abaphatha umagazini. Unobhala webandla elingumxhumanisi kufanele aqondise ukubalwa kwezincwadi. Yena nombonisi owengamele webandla elingumxhumanisi bayosayina ifomu. Ibandla ngalinye elingumxhumanisi liyothola amafomu amathathu oKubalwa Kwezincwadi (S-18). Sizani nithumele elokuqala ehhovisi legatsha engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi efayilini lenu. Ikhophi yesithathu ingase isetshenziswe njengephepha enisebenzela kulo.
◼ Kusukela ngo-August 25 kuya ku-August 30, 2003, kuzobalwa zonke izincwadi ezisesitokweni eBethel. Ngenxa yalokhu, ngeke asingathwe ama-oda ezincwadi amabandla ukuze athunyelwe ngalezo zinsuku.
◼ Sicela niphawule ukuthi inombolo ye-fax yoMnyango Wezincwadi isishintshile, manje isithi (011) 761-1380. Nokho sikhuthaza bonke ukuba baqhubeke bethumela i-oda lezincwadi ngeloli noma ngeposi.
◼ Amabandla kufanele aqale ngokushesha uku-oda amabheji omhlangano wesigodi ka-2003 e-odeni lawo lezincwadi lika-September. Amabheji ayotholakala ngesiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nangesiZulu kuphela. Kufanele ku-odwe ngamaqoqo ahamba ngama-20. Ama-oda aphuthumayo ngeke amukelwe, ngakho awokugcina kufanele afakwe ne-oda lezincwadi lika-October.
◼ Amabandla kufanele aqale ngokushesha uku-oda amabheji omhlangano wezizwe ka-2003 e-odeni lawo lezincwadi lika-September. Amabheji ayotholakala ngesiNgisi kuphela. Kufanele a-odwe ngamaqoqo ahamba ngama-20. Ama-oda aphuthumayo ngeke amukelwe, ngakho awokugcina kufanele afakwe ne-oda lezincwadi lika-October.