Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 25, 2003. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-July 7 kuya ku-August 25, 2003. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kunaziphi izinzuzo ukubheka umuntu emehlweni lapho usenkonzweni? [be-ZU k. 125 izig. 1-2; k. 125 ibhokisi]
2. Uma wethuka ngaphambi kokuhlanganyela enkonzweni, yini engakusiza? [be-ZU k. 128 izig. 4-5]
3. Yini eyokusiza ukuba ukhulume ngendlela engokwemvelo nesangxoxo lapho unikeza inkulumo endaweni yesikhulumi? [be-ZU k. 129 isig. 2; k. 129 ibhokisi]
4. Izimiso ezikuLevitikusi 16:4, 24, 26, 28; Johane 13:10; nesAmbulo 19:8 kufanele zibe naliphi ithonya ekubukekeni kwethu, futhi kungani lokhu kubalulekile? [be-ZU k. 131 isig. 3; k. 131 ibhokisi]
5. Chaza umuntu onesizotha futhi ‘ohluzekile engqondweni.’ (1 Thim. 2:9, 10) [be-ZU k. 132 isig. 1]
ISABELO NO. 1
6. Nakuba amaKristu kumelwe abekezelelane ngesineke, yini angayibekezeleli phakathi kwawo? (Kol. 3:13) [w01-ZU 7/15 k. 22 izig. 7-8]
7. Iqiniso Noma Amanga: Inombolo ephawula ukuthi into eyesingaki isho isibalo esigcwele. Chaza. [si-ZU k. 282 izig. 24-5]
8. Isiphi isisusa esimsulwa esingaba naso sokufunda iZwi likaNkulunkulu, futhi kungani kubalulekile ukuba nesisusa esinjalo? [be-ZU k. 24 isig. 1]
9. Umuntu ohlakaniphile ‘ulubekelela’ kanjani “ulwazi”? (IzAga 10:14) [w01-ZU 7/15 k. 27 izig. 4-5]
10. Kungani izejwayezi zikaJobe ezinhle ziphawuleka? (Jobe 1:1, 8; 2:3) [w01-ZU 8/1 k. 20 isig. 4]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Amalungu endikimba ebusayo ákwazi kanjani ‘ukuvumelana ngazwi-linye’ ukuthi amakholwa angabeZizwe akudingeki asoke ukuze asindiswe? (IzE. 15:25)
12. Indikimba ebusayo yayingamcela kanjani uPawulu ukuba afeze izimfuneko ezithile zoMthetho KaMose kanti uJehova wayesewusulile lowo Mthetho? (IzE. 21:20-26) [it-1 k. 481 isig. 3; it-2 k. 1163 isig. 6–k. 1164 isig. 1]
13. Ikuphi ukumangalelwa okungamanga komphostoli uPawulu okusikhumbuza amazwi ashiwo mayelana noFakazi BakaJehova ezikhathini zamuva? (IzE. 24:5, 6) [w01-ZU 12/15 k. 22 isig. 7–k. 23 isig. 2]
14. UPawulu wasibeka kanjani isibonelo njengommemezeli woMbuso ngisho nalapho eboshelwe endlini yakhe iminyaka emibili? (IzE. 28:30, 31)
15. ‘Amagunya aphakeme’ ayingxenye ‘yelungiselelo likaNkulunkulu’ ngamuphi umqondo, futhi lokhu kufanele kuwathinte kanjani amaKristu? (Roma 13:1, 2) [w00-ZU 8/1 k. 4 isig. 5]