IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Ngo-May 10, 2003, iBandla LaseMankurwane eKimberly lajabulela ukunikezelwa kweHholo lalo LoMbuso. IBandla LaseSpringbok lajabula lapho kunikezelwa iHholo lalo LoMbuso elisha ngo-May 17. (IKomiti Yokwakha Yesifunda yaseKapa nabanye basiza ngomusa kulo msebenzi owawenziwa kule ndawo eqhelile.) IBandla LaseReitz eFree State lanikezela iHholo lalo LoMbuso ngo-May 31.
Sibabonga ngempela bonke abafowethu nodadewethu abaye banikela ngesikhathi nemali yabo ngothando ukuze basekele ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Ukuzidela kwenu kwaziswa ngokujulile, ikakhulukazi nguJehova uNkulunkulu. Sikhuthaza bonke abamatasa nokwakha amaHholo abo OMbuso ukuba baqhubeke besebenza kanzima ukuze baphothule lo msebenzi.